Izinyembezi Zemvelo
KUSEKUSENI impela, futhi umoya upholile, uzolile. Wonke amaqabunga nemicu yotshani kucwazimuliswa amaconsi, kuyabenyezela ekukhanyeni kokuqala kosuku. Ngandlela-thile, kubonakala sengathi uhlaza luye lwachiphiza izinyembezi zenjabulo lubingelela ukuphuma kwelanga. Akumangalisi ukuthi amazolo aye ashukumisa izimbongi—nabathwebuli bezithombe.
Nokho, amazolo enza okungaphezu kokuqabula umoya womuntu. Lesisenzakalo sasemoyeni ozungezile, esivame embulungeni yonke ngaphandle kwasezindaweni zeqhwa, siyisembozo esiwumswakama olondoloza ukuphila. UJehova uNkulunkulu uye waklama umoya ozungezile ngendlela yokuthi lapho uphola ebusuku ngaphansi kwezimo ezithile, ufinyelele lokho okubizwa ngokuthi izinga okuphenduka kulo umhwamuko ube uketshezi. Leli izinga lapho umoya ungasenakuqhubeka nokumumatha umswakama wawo bese uwubeka ezindaweni ezipholile kunomoya ozungezile. Kuyaziwa ukuthi izitshalo ezinxaniwe, ngamaqabunga azo, zimunca amanzi amazolo angaba ngangesisindo sazo, amaningi awo ziwakhipha ngezimpande zazo ukuze ziwagcine emhlabathini.
Emazweni aseBhayibhelini, lapho kunezinkathi ezinde zesomiso, ngezinye izikhathi amazolo acishe abe ukuphela komthombo wamanzi ezitshalo. Ngakho eBhayibhelini, amazolo avame ukuhlanganiswa nokukhiqiza kwezilimo—kanti ukuntuleka kwamazolo, kuhlanganiswe nendlala.
Amazolo angaba futhi nencazelo engokomuntu siqu ngokwengeziwe. Engomeni yakhe yokuvalelisa kubantu bakaNkulunkulu, uMose wabhala: “Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini.” (Duteronomi 32:2) UMose wayekhuluma amazwi ayenikeza ukuphila njengamazolo. Njengoba ayemnene kunabo bonke abantu, akungabazeki ukuthi wayehlala enomusa nokucabangela nasenkulumweni yakhe. (Numeri 12:3) Njengamazolo noma umkhizo, amazwi akhe ayakha engalimazi.
Ngesikhathi esilandelayo lapho umangazwa ubuhle obuzolile bamazolo asekuseni—izinyembezi zemvelo uqobo—ungase ufune ukucabanga ngokuhlakanipha okusabekayo koMdali wamazolo.