Ukufuna Ama-Orchid EYurophu
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENETHERLANDS
AMA-ORCHID ahlaba abantu umxhwele nomaphi. Lezizitshalo zihambisana nobuhle obuyingqayizivele nemibala egqamile. Ukutholakala kwazo emahlathini ashisayo aminyene kunezela ephungeni lazo elingavamile. Bambalwa abantu abaziyo ukuthi ama-orchid awatholakali ezindaweni ezishisayo kuphela, kodwa ayatholakala nasezindaweni ezingashisi kangako zeplanethi yethu, njengaseYurophu.
Ama-orchid angatholakala ezifundeni ezihlukahlukene, kusukela e-Iceland ebanda qá kuya eGreece efudufudumele. EYurophu kwaziwa izinhlobo ezingaba ngu-350. Ngokungafani nalawo athanda indawo eshisayo, awaseYurophu amila emhlabathini, izimpande zawo zigxile enhlabathini. Ezindaweni Ezishisayo ama-orchid ngokuyinhloko athola izakhi zokudla emoyeni nasemvuleni, amile phezu kwezinye izihlahla. Amaningi asezindaweni ezishisayo aveza izimbali ezinkulu, ezinhle, kanti izimbali zama-orchid aseYurophu azizinkulu kangako.
Uhambo lokuyofuna ama-orchid eYurophu luyindlela yokuzilibazisa ejabulisayo, ngoba amaningi amila ezindaweni ezinhle kakhulu. Ama-orchid ngokuvamile akhombisa ukuthi lapho emile khona kunezimo ezithile ezingafani nezinye. Amanye ayayitetemela indawo ahluma kuyo futhi amila kuphela ezindaweni ezihlangabezana nezimfuneko zawo zonke. Ngokwesibonelo, ama-orchid amila ezindaweni ezingamaxhaphozi njenge-Dactylorhiza incarnata, amila kuphela ezindaweni lapho inhlabathi engaphansi ine-lime eyanele. Lokhu kusichazela ukuthi kungani ezinye izinhlobo ziyivelakancane kunezinye. Ama-orchid afuna ukumila ezindaweni ezithile ezikhetheke kakhulu ayotholakala ezindaweni ezimbalwa kunalawo angamila ngaphansi kwezimo ezingakhethekile kangako.
Uma sithatha uhambo ngamehlo engqondo sihambele iYurophu, kusuka eNetherlands kuya phansi eningizimu Italy, izindawo eziningi esidlula kuzo zinama-orchid. Ake siqale eNetherlands. Kulelizwe elisezansi eNtshonalanga Yurophu, sisathola amaxhaphozi amakhulu, izigojana ezimanzi ezisezindundumeni, namathafa anezikhotha. Ngo-May nango-June, ezinye zezindawo ziba nama-orchid ohlobo lwe-Dactylorhiza anemibala ebomvu neluhlaza sasibhakabhaka. Amahle kakhulu ama-Dactylorhiza praetermissa. Lesisitshalo singakhula sibe yimitha elilodwa futhi singaba nezimbali ezingaba ngu-60. Ama-orchid ayatholakala nasezingxenyeni zezinkangala ezinesikhutha kancane nasemasimini amile i-heather. Ikakhulukazi emasimini e-heather anamanzi kakhulu, kungatholakala inqwaba yama-Dactylorhiza maculata ngezikhathi ezithile. Ezingxenyeni zezinkangala ezinesikhutha kungadingeka sifunisise ngaphambi kokuthola izimbali ezincane eziluhlaza okotshani ze-Hammarbya paludosa. Le-orchid encane imila ezindaweni okungangeneki neze kuzo.
Siqhubekela phambili ezintabeni ezimaphakathi zaseJalimane. Phakathi nezihlahla ezinhlobonhlobo eziwohloza amaqabunga ebusika, kutholakala awohlobo lwe-Epipactis. Nakuba amanye awo emila emajukujukwini ehlathi, amanye, njenge-Epipactis muelleri, athanda amaphethelo ehlathi. Ukuqhakaza kwe-Epipactis ngasekupheleni kwehlobo nenkwindla kusho ukuphela kwenkathi yama-orchid eYurophu. Emimangweni yezintaba ezinothe nge-lime kunohlobo oluthile lwamathafa omile, anesikhotha esine-lime, agcwele ama-orchid. Ngo-May nango-June, ngezinye izikhathi singathola izinhlobonhlobo zawo lapha, phakathi kwawo okukhona namahle kakhulu ama-Orchis militaris ne-Orchis ustulata.
Engxenyeni engaseningizimu yeJalimane, sifika e-Alps. Utshani base-Alps budume ngokuthi buqhakaza kakhulu. Ngokuvamile ama-orchid ayanezela kulesisimo. Obunye utshani base-Alps, njengalobo baseDolomite e-Italy, bumbozwa umbala onsomi wama-orchid ngo-July. Lapha kuqhibuka i-Nigritella nigra ngezinhlobonhlobo zemibala. I-Nigritella inephunga elinamandla le-vanilla, okusikhumbuza ukuthi i-vanilla yenziwa ngesithelo sama-orchid atholakala ezindaweni ezishisayo.
Ama-orchid angatholakala ezindaweni eziphakeme ngamamitha angaphezu kwangu-3 000. Endaweni ephakeme kangako ungayithola i-orchid cishe encane kunawo wonke emhlabeni, i-Chamorchis alpina. Izimbali zayo zinobubanzi obungaphansi kwamamilimitha amahlanu. Ngenxa yokuthi ziluhlaza okotshani, lezizimbali azikhangi kangako. Nakuba kunjalo loluhlobo lunomsebenzi oluwufezayo emphakathini wezinto eziphilayo zasesifundeni sase-Alps.
Njengoba sesidlulele ngalé kwe-Alps, sesifika esifundeni seMediterranean yaseYurophu. Lapha sithola izinhlobonhlobo eziningi zama-orchid kunakwezinye izindawo eYurophu, futhi ukwehlukahluka kwawo kuyamangalisa. Lawa amila lapha athanda ukufudumala aqhakaza ngasekuqaleni kwentwasahlobo. Ehlobo elomile, ngeke uthole luhlaza, kuhlanganise nama-orchid, utshani, kanye nezitshalo eziqhakazayo. Kuba ngemva kwezimvula zokuqala zenkwindla lapho kuphinde kuvele khona izitshalo eziluhlaza ezintsha.
Ama-orchid ayachuma kulemvula. Ngalesosikhathi izinhlobo eziningi zihluma amahlamvu bese zihlala ubusika bonke zingaqhakazile. Kuze kube sekuqaleni kwentwasahlobo lapho eqhakaza izimbali zawo ezinhle. Awohlobo lwe-Ophrys afana nezitshalo zaseMediterranean. Athembele ezinambuzaneni ukuthi zizothutha impova ngoba zididanisa imbali nesinambuzane ngoba kuthi akufane, zicabanga ukuthi isinambuzane esifuna ukukhwelwa. Amaningana abizwa ngezinambuzane ezifana nawo, njengama-orchid ayisicabucabu, ayimpukane, nayinyosi (Ophrys sphegodes, insectifera, ne-bombyliflora). Ngemva kwesenzo esingabizwa ngokuthi ukukhwelana isinambuzane sithutha impova ngokungenhloso siyiyise kwenye imbali yohlobo olufanayo. Uma isithuthiwe impova, sekwenzeka imbewu. Lendlela yokuthuthwa kwempova ayinaphutha ngendlela emangalisayo.
Phakathi kwezinhlobo ze-Ophrys, kukhona nezinye futhi izinhlobo. Ngalunye impova yalo ithuthwa uhlobo oluthile lwesinambuzane. Lapho izinambuzane ezithutha uhlobo oluthile lwempova yezimbali zisezimbalini zohlobo oluhlukile kodwa olubukeka ngokufana, ziyenqaba ukuthutha impova yazo. Ngezinye izikhathi “ingozi” iyenzeka, zithuthe impova yolunye uhlobo lwama-orchid ngephutha, bese kuphuma inzalo exubile. Ngezinye izikhathi, lenzalo exubile iyakwazi ukuveza imbewu evundile bese iveza inqwaba yenzalo.
EMedithera kukhona futhi olunye uhlobo i-tongue orchid (Serapias). Impova yaloluhlobo ithuthwa izinambuzane ezilala embotsheni ewumbhoxo embalini. Isinambuzane sithi siphaphama, impova ibe isinamathele emzimbeni waso, ukuze lempova ithuthelwe kwenye imbali ngobusuku obulandelayo.
Lapho sihamba eYurophu, sabona izindawo zemvelo eziningi ezinhle ezigcwele ama-orchid. Nakuba kunjalo, eziningi azisekho. Ezindaweni zaseYurophu ezigcwele izimboni, eziminyene, nezithuthukile kwezolimo, cishe zonke izindawo zemvelo zisongelwa izimo eziningi. Imvula ene-acid, isomiso, ukulinywa kwezindawo kuze kweqe, ezokuvakasha, nokuguqulwa kwezindawo zibe amadolobha, konke kunemiphumela elimazayo kuma-orchid. Izinhlobo eziningi zawo seziyivelakancane. Emazweni amaningana ezinye izinhlobo zivikelwe ngokomthetho.
Nokho, ukumane uthi nje okuthile umthetho uyakunqabela akusizi kangako. Umuntu kudingeka ayiphathe ngenhlonipho indalo. Kulesisimiso sezinto samanje esingaphelele, lapho ingekho khona inhlonipho ngoMdali nangendalo yakhe, asilindele ukuba indalo ichume. Kuyoze kube sesimisweni esisha sikaNkulunkulu lapho abantu abalungile beyojabulela khona ubuhle bemvelo. (Isaya 35:1) Yilapho-ke lapho izinhlobo eziningi zama-orchid ziyokwaziswa khona ngenxa yalokho eziyikho.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Kulamakhasi amabili kunama-“orchid” (1) ase-Italy, (2) Netherlands, (3) otshanini base-Alps, (4) emathafeni anesikhotha esine-“lime,” (5) ezindaweni ezimile i-“heather”. (6) I-“orchid” efana novemvane