Kunini Lapho Inyosi Ingeyona Inyosi Yangempela?
Izinyosi ziphila ukuphila okumatasa, zivakashela amakhulu ezimbali nsuku zonke futhi zithuthele umpe esidlekeni. Lapho kufika intwasahlobo, izinyosi zesilisa zibe sezifuna umlingane. Ukuze zifeze lokhu, zithembela ekuboneni nasekuhogeleni. Nokho, njengoba inyosi inamehlo abona eduze kuphela, ikhangwa nayisesheli esingavamile—i-orchid.
Eningizimu Yurophu, kunama-orchid asendle amaningana athembela ekulingiseni kwawo izinyosi zesifazane ukuze azalanise. Lama-orchid kufanele athumele “amaphakeshana” empova kwamanye ama-orchid. Izinyosi zingabathwali abakahle. Kodwa njengoba ama-orchid engenalo umpe olunambithekayo ukuze akhange izinyosi, ama-orchid ayaphoqeleka ukuba asebenzise ubuqili. Futhi ubuqili abusebenzisayo obokuba imbali ibukeke futhi inuke njengenyosi yesifazane ukuze inyosi yesilisa izame ukuzalisana nayo! Uhlobo ngalunye lwalama-orchid lunendlela yalo yokuzifihla nephunga.
Lapho inyosi isilibona iphutha layo, i-orchid isuke isilinamathisele emzimbeni wayo iphakeshana elinamfukayo lempova. Khona-ke lenyosi ibe isindiza, iphinde ikhohliswe enye i-orchid, ebe isithola lempova. Ngemva kokukhohliseka okumbalwa okunjalo, inyosi ibe isibona ukuthi lama-orchid akufanele ethenjwe. Ngaleso sikhathi, cishe isuke isithuthele impova kwezinye izimbali.
Lama-orchid angacabangi alithola kanjani iphunga nokubukeka okukwazi ukukhohlisa izinyosi? Izinto ezinjalo ezimangalisayo zifakazela ubuhlakani boMklami, ondalo yakhe ihlala imangaza futhi ithakazelisa.