Ama-orchid Azulelwa Amanqe?
Ama-orchid avumelana nezimo. Angamila enhlabathini, ezihlahleni, ngisho nasemadwaleni. Kodwa i-International Union for Conservation of Nature and Natural Resources (IUCN) ixwayisa ngokuthi izinhlobo eziningi zalesi sitshalo esihle kakhulu zingase zishabalale endle uma kulokhu kuphazanyiswa indawo yazo. UWendi Strahm we-IUCN uthi: “Ukushintshwa okuncane kwezindawo zemvelo kwenza ukuba izinambuzane ezithwala impova zishabalale noma zithuthele kwezinye izindawo.” Uyanezela: “Uma kwenzeka lokho, ama-orchid awakwazi ukwanda.”
Amaphesenti angaba ngu-20 ama-orchid ayizigidi ezinhlanu athengiswa emhlabeni wonke unyaka ngamunye akhiwa endle. I-IUCN iphawula ukuthi lesi senzo siphazamisa ukulondolozwa kwalesi sitshalo esihle. Ngakho, i-IUCN itusa ukuba labo abafuna ama-orchid kufanele bathenge lawo atholakala ezindaweni zokugcina izitshalo kunokuba bawasiphule endle lapho emila kuyo.
Kunezinhlobo zama-orchid ezingaba ngu-20 000 ezaziwa abantu. Amanye ayizitshalo ezingaba amasentimitha angu-0,6 nje kuphela ukuphakama; amanye ayizitshalo ezithandelayo ezingakhula zibe amamitha angu-30 ubude. Izinhlobo eziningi zama-orchid zikhula kahle ezindaweni ezifudumele, ezinemvula eningi. Kodwa ukuze ahlale ekhona, ancike ekhonweni lemvelo eliphazamiseka kalula lokugcina izinto zisesilinganisweni esifanele.
Ngokudabukisayo, ukuswela ulwazi nobudlabha bomuntu kuyaqhubeka konakalisa indawo ezungezile, okusongela izitshalo eziningi, kuhlanganise nama-orchid. Kodwa ngokushesha isimo sizoshintsha. Ezweni elisha uNkulunkulu alithembisile, umuntu uyohlala kahle nemvelo. Ngaleso sikhathi amazwi omhubi ayogcwaliseka: “Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi.”—IHubo 96:12.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Jardinería Juan Bourguignon
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Jardinería Juan Bourguignon