Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 10/1 kk. 2-4
  • Kungani UNkulunkulu Eye Wabekezela Kangaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Eye Wabekezela Kangaka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Uyasikhathalela!
  • Kunini Lapho Inyosi Ingeyona Inyosi Yangempela?
    I-Phaphama!—1997
  • Ukufuya Izinyosi—Okuhlangenwe Nakho “Okumnandi”
    I-Phaphama!—1997
  • Impova—Uthuli Lokuphila
    I-Phaphama!—2007
  • Inyosi Iqhathaniswa Ne-computer
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 10/1 kk. 2-4

Kungani UNkulunkulu Eye Wabekezela Kangaka?

BHEKA ubuso obudabukisayo bengane elambayo. Bheka umzimba wayo ozacile nesisu esiqumbile. Cabanga ngesidingo sayo esikhulu sokudla, futhi phawula isitsha esiphethe esingenalutho. Mhlawumbe unina uyabuka ngamehlo ashone phakathi, ubuso bakhe siqu ngokudabukisayo bubonisa ukungabi nathemba. Khona-ke zama ukucindezela ukudabuka kwakho—yebo, zama ukubamba izinyembezi.

Lesisimo sihlale siba khona izikhathi eziningi endaweni engamakhilomitha skwele ayizigidi eziyisithupha ekhungethwe indlala eyaziwa ngokuthi iSahel. Ithatha ibanga elingamakhilomitha angu-4 800 ukuvundla iAfrika eningizimu yoGwadule iSahara, ukusuka eSenegal oGwini LwaseAtlantic kuya e-Ethiopia oLwandle Olubomvu. Yiqiniso, indlala isongela izindimbane nakwamanye amazwe. IWorld Health Organization ibika ukuthi abantu abacishe babe isigidi nezinkulungwane eziyikhulu emhlabeni wonke bagula kakhulu noma bantula ukudla okunomsoco.

Yiqiniso, indlala imane iyisici esisodwa kuphela kwezihlupha abantu. Umuntu ungcolisa umhlaba, futhi sonke siyathinteka. Izimiso zezombangazwe zivumela ukungalungi nempi okubangela ukucindezeleka nokufa kwabaningi. Kungani uNkulunkulu evumela izinto ezinjalo? Ingabe uyasikhathalela?

UNkulunkulu Uyasikhathalela!

UMdali wethu uyasikhathalela. Kunobufakazi obuningi balokhu nobekhono lakhe lokuhlela izinto ukuze kuzuze thina futhi yonke indalo yakhe ibe nokuzwana. Ngokwesibonelo, bheka lomfanekiso olapha wenyosi ihambele imbali esesihlahleni sezithelo. Inyosi ithembele embalini ukuze ithole umpe eludingayo ukuze yondleke. Kanti naso isihlahla sithembele empoveni evela esihlahleni esifanayo ethwalwa umzimba wenyosi. Ngalendlela, kulumbaniswa impova yezimbali ukuze kuvele isithelo. Akuzona zonke izihlahla zezithelo okwenzeka kuzo ukulumbana ngalendlela, kodwa uNkulunkulu ngokuqinisekile uye walungiselela ukubambisana okungavamile kulendaba. Futhi ubuhle bakhe buphumela ezithelweni esingazidla ngenjabulo futhi sizuze kuzo.

Inyosi ngokwayo iyingxenye yoswebezane lwezinyosi ezingaphezu kwezingu-30 000 ezihlelwe kahle. Ezinye zigada indlu yazo, kuyilapho ezinye ziyihlanza noma zingenise umoya kuyo. Ezinye futhi zigcina umpe nempova, zondle amaqhimiza, noma zifune izindawo ezintsha ezingathola kuzo umpe. UNkulunkulu ngokwakhe uye wahlela izimo ngaleyondlela ukuze sizuze lapho izinyosi ezikhuthele kanjalo zikhiqiza uju olunoshukela nolunomsoco oluconsisa amathe.

Isimangaliso sokubambisana phakathi kwezinyosi nezitshalo naphakathi kwezinambuzane ngokwazo kumane nje kuwubufakazi obubodwa kobuningi bokuthi uMdali unekhono lokwenza izinto eziphilayo zibambisane. Ngokuqondene nalokho, “uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.” (1 Korinte 14:33) Khona-ke, kungani eye wavumela isintu ukuba siphile ngaphansi kokungezwani okunjena, nasosizini oluwumphumela kwabaningi kangaka? Uma uNkulunkulu esikhathalela, kungani eye walinda isikhathi eside kangaka ukuba alungise lesimo? Empeleni, kungani uNkulunkulu eye wabekezela kangaka?

IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyayiphendula imibuzo enjalo. Lencwadi emangalisayo isitshela ukuthi uJehova uNkulunkulu uye wabekezela ngenxa yesizathu esizwakalayo. Yisiphi lesosizathu? Futhi ukubekezela kukaNkulunkulu kusazothatha isikhathi eside kangakanani?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Cover photo: Frilet/Sipa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela