Ingabe Ushayela Ngokuphepha?
ISIMO sakho sengqondo lapho ushayela imoto singalithonya kakhulu ikhono lakho lokushayela. Ukuhlola okwenziwa i-British Automobile Association kwembula ukuthi unyaka ngamunye amaphesenti angu-22 abesilisa baseBrithani abaphakathi kweminyaka engu-17 nengu-20 ubudala ahileleka okungenani engozini eyodwa yemoto.
Yiziphi izici eziyinhloko ezenza babe nemikhuba yokushayela budedengu? Ngaphandle kotshwala, ukushintshashintsha kwemizwa, nomculo oklabalasayo, iphini lomqondisi-jikelele we-Automobile Association, uKenneth Faircloth, liyaphawula: “Abaningi kakhulu bathonywa ontanga yabo ukuba bashayele budedengu.” Ngenxa yalokho, i-Automobile Association itusa ukuba ukuqeqesha kugxile kakhulu esimweni sengqondo somshayeli hhayi ezinqubweni zokushayela.
Ngokwesibonelo, zibuze: ‘Ingabe ngizama ukubahlaba umxhwele abagibele emotweni yami ngokuzifaka engozini ngokunganaki? Ingabe indlela engizizwa ngayo ilawula ukuziphatha kwami lapho ngishayela? Ingabe abanye abashayeli abasemgwaqweni ngibabheka njengeziphazamiso nje okumelwe ziphanjwe ngobuqili?’ Izimpendulo zemibuzo enjalo zembula ukuthi ungumshayeli onjani.
Kungakhathaliseki ukuthi ungowesilisa noma owesifazane, umncane noma umdala, hlakulela isimo sengqondo esinobungane lapho ushayela. “Phatha abanye abantu ngendlela efana nsé naleyo ongathanda ukuba bakuphathe ngayo.” (Mathewu 7:12, Phillips) Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba ushayele ngokuphepha.