Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amathoyizi Ngisanda kufunda isihloko esihle esithi “Bazali—Khethani Amathoyizi Omntwana Wenu Ngokuhlakanipha.” (September 8, 1994) Njengomzali, ngakwazisa ngokujulile lokhu kwaziswa. Nokho, ngithanda ukunezela ukusikisela okuyisixwayiso. Sizani nixwayise abafundi balomagazini ngokuthi abantwana abancane bangase bagwilize emabhakedeni aqukethe ngisho namanzi ayingcosana.
E. V., United States
Siyasazisa lesisikhumbuzo.—ED.
Mina nendodana yami sasixoxa ngesifiso sayo sokuba ngiyithengele ithoyizi enganginomuzwa wokuthi lalingayifanele. Njengomntwana, yakuthola kunzima ukuvumelana nemibono yami. Lapho sisaxoxa, savula iposi, elaline-Phaphama! yamuva. Samangala sobabili lapho sibona isihloko esithi “Uyazi Ukuthi Umntanakho Udlala Ngani?” Lezizihloko zayihlaba umxhwele futhi yaqala ukuqonda imibono yami.
W. F., United States
Ngiyabonga ngalezizihloko. Ngineminyaka ecishe ibe ngu-13 ubudala futhi ngiyayijabulela imisebenzi yangaphandle, ubuciko, nokudlala upiyano. Lapho ngisemncane, ngangizenzela amathoyizi. Ngiyathanda ukwenza lezizinto kunokudlala imidlalo yama-video ngoba zinginikeza umuzwa wokuthi ngifeza okuthile. Ngithemba ukuthi lezizihloko zisize nabanye abantwana ukuba baqaphele ukuthi lezizinto zingajabulisa kangakanani.
C. S., United States
Imvubu Ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Yophulwa Imvubu!” (October 8, 1994) Ngathinteka lapho ngifunda ngendlela imvubu eyayophula ngayo leyampala. Kuze kube manje, imvubu bengiyibheka njengesilwane nje esikhulu sasemanzini esivula umlomo waso omkhulu ukuze sibukise ngamazinyo asabekayo. Bengingeke ngithi ngiyazithanda lezozilwane, kodwa lesisihloko sishintshe umbono wami.
Y. H., Japan
Indaba Yesosha Lwakwa-Israel Ngisanda kuqeda isihloko esithi “Ngaqeqeshelwa Ukubulala, Manje Nginikeza Ukuphila.” (September 8, 1994) Sekuyizikhathi eziningi ngishukunyiselwa ukuba nginibhalele ngizwakalise ukwazisa kwami, kodwa angikaze ngizizwe ngishukunyiselwa ukuba ngenze kanjalo ukudlula manje. Ngiye ngazibuza kaningana ngokusabela kwamaJuda ezindabeni ezinhle zoMbuso kaJehova. Manje niye nanyathelisa indaba kaRami Oved ethakazelisa ngendlela engavamile. Yeka injabulo okuyiyo ukufunda ngokunqoba kweZwi likaNkulunkulu kuzo zonke izithiyo!
J. S., United States
Lendaba yangishukumisa inhliziyo, njengoba nomkhaya wakithi ungowozalo lobuJuda ngokwendabuko. Kuba nzima kubantu abaningi lapho bekhetha iqiniso leBhayibheli kunemikhaya yabo, kodwa kubonakala kunzima kakhulu kumaJuda, njengoba imikhaya yawo ikubheka njengomuntu ofile. Nokho, imikhaya yabazali bami yathamba lapho iqaphela ukuthi abazali bami babengenakulahla iqiniso ukuze bathokozise noma ubani!
F. K., United States
Ukuhlinzwa Iso Ngasifunda ngesithakazelo esikhulu isihloko esithi “I-radial Keratotomy—Iyini?” (September 22, 1994) Njengoba ngizohlinzwa ngalendlela ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, ngakwazisa kakhulu lokhu kwaziswa okucacisayo. Kwakuqondakala kakhulu kunalokho engakunikezwa udokotela wami wamehlo.
G. C., Italy
Izingane Ezihluphekayo Uchungechunge lwenu oluthi “Liyini Ithemba Ngezingane?” (May 8, 1994) lwaluveza amaqiniso futhi lubhalwe kahle kakhulu. Ukufunda ngokuhlangenwe nakho okubuhlungu nezifo ezibulalayo, kanye nezimo zokuphila ezimbi izingane eziningi ezibhekana nazo, kuye kwangidabukisa. Kodwa ngajabula lapho ngifunda ngethemba langempela lezingane elizogcwaliseka lapho uMbuso kaNkulunkulu ubusa isintu.
D. G., Papua New Guinea