Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w16 Ephreli kk. 31-32
  • Ingabe Inkonzo Yakho Injengamazolo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Inkonzo Yakho Injengamazolo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INKONZO YETHU INGABA KANJANI NJENGAMAZOLO?
  • YAZISE INKONZO YAKHO
  • Izinyembezi Zemvelo
    I-Phaphama!—1995
  • “Amazolo” KaJehova Phakathi Kwabantu Abaningi
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • Ingabe Uletha Ukuqabuleka Kwabanye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukusebenza Ndawonye Ngobunye
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
w16 Ephreli kk. 31-32
Isithombe somunye woFakazi BakaJehova eshumayela kowesilisa sivezwe econsini lamazolo

Ingabe Inkonzo Yakho Injengamazolo?

INKONZO yethu ibalulekile futhi iwusizo. Kodwa akuyena wonke umuntu esimshumayezayo okuqondayo lokhu. Ngisho noma abantu bekuthanda lokho okushiwo yiBhayibheli, abanawo ngaso sonke isikhathi umuzwa wokuthi kubalulekile ukutadisha nathi iZwi likaNkulunkulu.

Ngokwesibonelo, cabanga ngoGavin. Wayeba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, kodwa wayengafuni ukuba nesifundo seBhayibheli. UGavin uthi kuncane ayekwazi ngeBhayibheli futhi wayengafuni abanye bakwazi lokhu. Wayesaba ukuthi wayezocelwa ukuba ajoyine inkolo, futhi wayengafuni ukukhohliseka. Ucabangani? Ingabe yayikhona indlela yokusiza uGavin? Cabanga ngomphumela omuhle izimfundiso zeBhayibheli ezingaba nawo kumuntu. UJehova watshela ama-Israyeli: ‘Amazwi ami ayoconsa njengamazolo, njengemikhemezelo phezu kotshani.’ (Duteronomi 31:19, 30; 32:2) Ake sifunde okuthile ngamazolo futhi siwaqhathanise nenkonzo yethu ukuze sikwazi ukusiza “zonke izinhlobo zabantu.”—1 Thimothewu 2:3, 4.

INKONZO YETHU INGABA KANJANI NJENGAMAZOLO?

Amazolo amatisa ngesineke. Amazolo akheka kancane kancane njengoba umswakama osemoyeni uphenduka amaconsi amanzi. Amazwi kaJehova ‘aconsa’ kanjani ‘njengamazolo’? Wayekhuluma nabantu bakhe ngendlela enomusa, enobumnene nebonisa ukukhathalela. Silingisa uJehova lapho sikuhlonipha lokho abanye abakukholelwayo. Sibakhuthaza ukuba bacabangisise futhi bazenzele ezabo izinqumo. Lapho sibakhathalela ngale ndlela abantu, kuyoba lula nakakhulu ukuba bamukele esikushoyo, futhi inkonzo yethu iyophumelela nakakhulu.

Amazolo ayaqabula. Inkonzo yethu iyobaqabula abanye lapho sicabanga ngezindlela ezihlukahlukene zokubasiza bafunde okwengeziwe ngeqiniso. Umfowethu okuthiwa uChris, owayecele ukuqhubela uGavin isifundo seBhayibheli ekuqaleni, akazamanga ukumcindezela ukuba asamukele. Kunalokho, wazama ukuthola izindlela ezahlukahlukene zokwenza uGavin azizwe ekhululeke kakhudlwana ukuxoxa ngeBhayibheli. UChris watshela uGavin ukuthi kunomyalezo obalulekile okukhulunywa ngawo kulo lonke iBhayibheli nokuthi ukufunda ngalo myalezo kuzomsiza ayiqonde kangcono imihlangano. UChris wabe esechaza ukuthi iziprofetho zeBhayibheli yizo ezamenza waqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiqiniso. Ngenxa yalokho, baba nezingxoxo eziningi eziphathelene nendlela iziprofetho ezagcwaliseka ngayo. Lezo zingxoxo zamenza waqabuleka uGavin futhi ekugcineni wasamukela isifundo seBhayibheli.

Amazolo abalulekile ekuphileni. Ngenkathi eshisayo neyomisile kwa-Israyeli, kwakungase kuphele izinyanga eziningana lingani. Ngaphandle komswakama otholakala ngenxa yamazolo, izitshalo ziyoma futhi zife. UJehova wabikezela ukuthi osukwini lwethu kwakuyoba sengathi kunesomiso, okungukuthi abantu babeyokomela ‘ukuzwa amazwi kaJehova.’ (Amose 8:11) Wathembisa ukuthi abagcotshiwe babeyoba “njengamazolo avela kuJehova” njengoba beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso, besekelwa ‘ezinye izimvu.’ (Mika 5:7; Johane 10:16) Umyalezo esiwushumayelayo uyingxenye yelungiselelo likaJehova lokunika ukuphila kulabo abomele iqiniso. Siyawazisa yini lo myalezo?

Amazolo ayisibusiso esivela kuJehova. (Duteronomi 33:13) Inkonzo yethu ingaba yisibusiso noma isipho kulabo abasabelayo. Isifundo seBhayibheli saba yisibusiso kuGavin ngoba samsiza wathola izimpendulo zayo yonke imibuzo ayenayo. Wathuthuka ngokushesha, wabhapathizwa futhi manje ujabulela ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kanye nomkakhe, uJoyce.

Jehovah’s Witnesses preach to people at a bus stop

OFakazi BakaJehova basakaza izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke

YAZISE INKONZO YAKHO

Ukuqhathanisa umsebenzi wethu wokushumayela namazolo kungasisiza nokuba siqonde ukuthi imizamo yethu ngabanye enkonzweni ibalulekile. Kanjani? Iconsi lamanzi alisizi kangako uma lilinye, kodwa uma kunezigidi zamaconsi, umhlabathi uyaswakama. Ngokufanayo, esikwenzayo ngabanye enkonzweni kungase kubonakale kuwubala emehlweni ethu. Kodwa ngenxa yomzamo wazo zonke izigidi zezinceku zikaJehova, kunikezwa ubufakazi “ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Ingabe inkonzo yethu iyoba yisibusiso esivela kuJehova kwabanye abantu? Yebo, umyalezo wethu uzoba njengamazolo, okungukuthi, ubonise umusa, uqabule futhi uholele ekuphileni!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela