Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 7/8 k. 3-k. 4 isig. 3
  • Kwenzekani Kogogo Nomkhulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Kogogo Nomkhulu?
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iziphi Ezinye Zalezi Zinkinga?
    I-Phaphama!—1995
  • Ngingasondelana Kanjani Nogogo Nomkhulu?
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuhlala Ndawonye Ngothando
    I-Phaphama!—1995
  • Kungani Kufanele Ngimazi Ugogo Nomkhulu?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 7/8 k. 3-k. 4 isig. 3

Kwenzekani Kogogo Nomkhulu?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY

“Angizange ngikukholelwe ukuthi njengomkhulu abazukulu bami babengangibonisa uthando olungaka. Bayisipho—amanxusa anomusa futhi amsulwa okuqinisa izibopho zokusondelana ngokomzwelo.”—U-Ettore, umkhulu.

NAPHEZU kobuhlobo obakhayo obushiwo ngenhla, ogogo nomkhulu, abazali, nabazukulu abazwani ngaso sonke isikhathi kulezi zinsuku. Kunokuba zibambisane, ngokuvamile lezi zizukulwane ezintathu ziyangqubuzana. Kuba namiphi imiphumela? Ukwanda kwesizungu nokungajabuli kwabantu abagugile, ogogo nomkhulu—lawo malungu omkhaya avame ukuba sengozini kakhulu futhi angawodwa, labo amalungu omkhaya angaphendukela kubo lapho enezinkinga ezingokomnotho. Sinjani isimo emkhayeni wakho? Ingabe ogogo nomkhulu bayaziswa ngempela?

Emashumini eminyaka ambalwa adlule, izinguquko eziphawulekayo emphakathini emhlabeni wonke ziye zathinta umkhaya nobuhlobo obuphakathi kwawo, okuye kwacishe kwaqeda umkhaya wezinzalamizi. EYurophu, abantu abagugile abangamaphesenti amabili kuphela abahlala nezingane zabo. Nakuba kunjalo, ngenxa yokwanda okukhona kwesilinganiso seminyaka yokuphila elindelekile nokuncipha kwabazalwayo emazweni athuthukile, isilinganiso sogogo nomkhulu siyaqhubeka sanda kunesomphakathi ovamile. Ogogo nomkhulu bakha amaphesenti angu-26 omphakathi waseYurophu, futhi ngokokuhlola okwanyatheliswa i-European Union, lesi sibalo “sisazokwanda.” I-Asahi Evening News ithi iJapane “iyaziqhayisa ngesiko layo lokunakekela izakhamuzi zayo ezigugile.” Nokho, kunomkhuba owandile, ikakhulukazi emadolobheni, wokushiya ogogo nomkhulu ezibhedlela nasemitholampilo ekhethekile ngisho nalapho kungekho sidingo sangempela sokubashiya khona. Iphephandaba laseKapa i-Cape Times lithi naseNingizimu Afrika, lapho ngokwesiko abagugile babephathwa ngenhlonipho, sekunomkhuba omubi wokubalahla. Lombiko uphawula ukuthi imikhaya ifuna ukuthola “okuningi ngangokunokwenzeka ekuphileni” futhi “izikhohlisa ngokuthi ngemva kokushiya ogogo ekhaya labagugile, iye yenza konke okusemandleni ayo.”

Iphephandaba elifanayo likhuluma ngesenzakalo esithile lapho ugogo eshiywa ekhaya labagugile izingane zakhe ezintathu, “zimthembisa ukuthi zizomondla futhi zimvakashele njalo.” Kodwa kwenzekani kuye? “Ekuqaleni zazimvakashela nsuku zonke. Ngemva kwamasonto athile zamvakashela kathathu ngesonto. Zase zimvakashela kanye ngesonto. Ngemva konyaka zamvakashela kabili noma kathathu ngenyanga, ngokuhamba kwesikhathi zamvakashela izikhathi ezinhlanu noma eziyisithupha ngonyaka futhi zagcina sezingasamvakasheli.” Logogo wabhekana kanjani nalezi zikhathi ezikhathazayo ayekuzo? Ukulandisa okudabukisayo kuthi: “Ikamelo lakhe lalinefasitela elibhekene nesihlahla, futhi okuwukuphela kwabangane bakhe abaphilayo kwakungamajuba namasomi ayeqhwakela kuso. Ukubheka ngabomvu ukufika kwabo njengokungathi bayizihlobo eziseduze.”

Ngenxa yokwamukelwa kwezindlela zokuphila zaseNtshonalanga eNingizimu Afrika, okubangela ukuba abaningi bayofuna umsebenzi emadolobheni, kwenzeka okufanayo nasemikhayeni yasemaphandleni. Ngaphandle kokushintsha kwezimo zomphakathi, ezinye izizathu zokushiywa dengwane kogogo nomkhulu ziwukunyamalala kwalezo zimfanelo zobuntu ezithuthukisa injabulo yomphakathi nokuphila komkhaya—ubuhle, ukuhlonipha umakhelwane wakho, ukuthanda umkhaya—nokwanda komoya wobugovu, wokuzijabulisa, wokuqhosha, nowokuvukela. NgokwemiBhalo, ukuwohloka okunjalo kokuziphatha kuwuphawu lokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho, kunokuba zazise ogogo nomkhulu bazo njengomthombo wengcebo nokuzinza ngokomzwelo, ngokuvamile izingane nabazukulu zibabheka njengesithiyo esinzima, esingavumelani nokushintsha okusheshayo komphakathi.a

Igebe lesizukulwane landa ngokuqhubekayo, futhi libangela ukucindezeleka okukhulu, ikakhulukazi lapho abagugile behlala nemikhaya yabo. Nokho, iqhaza elibanjwa ogogo nomkhulu lingazuzisa kakhulu! Khona-ke, iziphi ezinye izinkinga eziyinhloko phakathi kwalezi zizukulwane ezithiya ubuhlobo bothando lomzwelo, phakathi kogogo nomkhulu, izingane, nabazukulu? Futhi yini ogogo nomkhulu abangayenza ukuze baqinise indima yabo eyigugu emkhayeni?

[Umbhalo waphansi]

a Kumelwe kuqashelwe ukuthi kwezinye izimo zokuguga nezinkinga zempilo ezingathi sína, ikhaya labagugile elinezisebenzi eziqeqeshiwe lingase libe ilungiselelo lothando neliwusizo kakhulu kwabanye abazali abagugile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela