Ungabasiza Kanjani Abazali Abangabodwa?
ABAZALI abangabodwa, abesilisa noma abesifazane, kufanele bacatshangelwe. Izisebenzi zezenhlalakahle zanamuhla zigcizelela ukusekelwa kwemikhaya enabazali abangabodwa.
“Abangane abasekelayo, izihlobo ezikhathalelayo, othisha abanesithakazelo esifudumele somuntu siqu, imisebenzi ekhethekile yomphakathi neyenkolo eklanywe kucatshangelwa lemikhaya,” kuchaza izazi zokuhlalisana kwabantu uLetha noJohn Scanzoni, “kungenza umehluko omkhulu enhlalakahleni engokomzwelo yabazali abangabodwa nezingane zabo esikhathini lapho besidinga kakhulu isikhuthazo ekuphileni kwabo.” Khona-ke, ungasiza kanjani?
Sekela
Okokuqala, zama ukuqonda ukuthi abazali abangabodwa bazibheka kanjani izinto. Zibeke esimweni sabo. I-Phaphama! yaxoxa noMargaret, onezingane ezimbili, ezineminyaka engu-7 nengu-14. Wehlukanisa eminyakeni emihlanu edlule, futhi uqhubeka kahle kuze kube manje. Ngokungangabazeki uzothola ukuthi ukukhulumela kwakhe kunikeza ukukhanya okwengeziwe.
I-Phaphama!: “Njengomzali ongayedwa, yiziphi izinkinga oye wabhekana nazo?”
U-Margaret: “Okokuqala ngqá, ngangikuthola kunzima kakhulu ukwamukela iqiniso lokuthi ngase ngibe umzali ongayedwa, into engangingazange ngiyihlele. Kwakungicasula ukubizwa ngokuthi ‘umzali ongayedwa’ ngoba abaningi babheka imikhaya enomzali ongayedwa njengecindezelekile nenesizungu, enezingane ezinedumela elibi. Ngenxa yokuthi lokho kwakungewona umbono wami, ekuqaleni ngasenqaba iseluleko. Kodwa ngiye ngaqaphela ukuthi ukuba umzali ongayedwa akuyona into embi.”
Ukuze usekele abazali abangabodwa, kudingeka uziqaphele izinto ezibathinta ngokushesha. Phikelela ekubaboniseni umusa.
I-Phaphama!: “Umyeni wakho wangaphambili akasikhiphi isondlo. Uye wabhekana kanjani nesimo ngokwezimali?”
U-Margaret: “Kuye kwadingeka ngizidele kakhulu. Ngangivame ukuthenga izingubo ezintsha uma kunemibuthano. Nokho, sisazithenga izinto ezintsha, kodwa asisakwazi ukusebenzisa imali eningi njengoba sasivame ukwenza kanjalo. Yiqiniso, ngifuna izingane zibukeke kahle, ngakho kumelwe ngiyihlele kahle imali. Ngaqala ukulondoloza imadlana ethile isonto ngalinye, ngiyinikeza umngane onokwethenjelwa ukuba ayilondoloze, ngoba ngangazi ukuthi uma ngiyigcina, ngangingase ngiyisebenzise.”
Ungaba yini umngane onokwethenjelwa kanjalo osiza abazali abangabodwa ukuba bahlele imali yabo?
I-Phaphama!: “Uye wabhekana kanjani nesizungu?”
U-Margaret: “Ngihlala ngimatasa emini. Kusihlwa, lapho izingane sezilele, ngiba nesizungu kakhulu. Ngishayela isihlobo sami noma umngane wami ucingo. Ngezinye izikhathi ngiyaye ngikhale lapho sixoxa. Ngixoxa ngalokho okwenzekile phakathi nosuku. Ukuba nje nothile ozokulalela kuyasiza kakhulu.”
Mhlawumbe ungathatha isinyathelo kuqala bese umshayela ucingo lona onesizungu. Khona-ke ukumlalela kwakho kungamduduza kakhulu.
I-Phaphama!: “Yini oyithola inzima kakhulu njengomzali ongayedwa?”
U-Margaret: “Ukukhulisa izingane ngendlela eqotho yokuziphatha. Ukuwohloka kwezindinganiso zomphakathi nezokuziphatha kwenza abantu basingabaze isifiso sami sokugxilisa izindinganiso ezinhle ezinganeni zami.”
Ukubeka kwakho isibonelo sokusekela izindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu ngokuqinisekile kuyokhuthaza abanye ukuba benze okufanayo.
I-Phaphama!: “Ukukhulisa izingane ezimbili kuthatha isikhathi sakho esiningi. Usithola kanjani isikhathi sokwenza lokho ofuna ukukwenza?”
U-Margaret: “Ngizama ukuzilondolozela isikhathi. Ngokwesibonelo, lapho umngane wami efundisa izingane umculo, lokho kunginikeza ihora. Ngihlala phansi futhi ngingayivuli i-TV. Ngimane ngithule, ngicabange ngalokho engiye ngakwenza phakathi nosuku. Ngihlala ngikuphaphamele okulungile noma okungalungile, ngakho-ke ngiyathanda ukucabanga ngalokho engiye ngakwenza ukuze ngibone ukuthi bengingathuthukisa yini.”
Uma uzinikela ekunakekeleni izingane zakhe ngezikhathi ezithile, umzali ongayedwa uyothola isikhathi esiyigugu sokuzindla okunjalo.
Nikeza Usizo Oluphumelelayo
I-Phaphama!: “Yiluphi usizo oye waluthola luphumelela kakhulu?”
U-Margaret: “Ngiyakujabulela ukumenyelwa ekhaya lomunye umkhaya. Lapho uqaphela ukuthi abanye bayakukhathalela, lokho kusiza kakhulu. Ngezinye izikhathi ucabanga ukuthi nguwe wedwa onezinkinga. Futhi kuyangijabulisa kakhulu lapho othile engitusa ngendlela engikhulisa ngayo izingane zami! Khona-ke kunolunye uhlangothi lwezinto eziwusizo, njengokuhlobisa, ukulima, ukuyothenga. . . . Oh, ngingabala ngithini!”
Lapho kunomzali ongayedwa kuphela, izinto zibonakala zinzima kakhulu futhi zithatha isikhathi eside. Ngakho ungakubukeli phansi ukubaluleka kwesikhathi omnikeza sona. Kubazali abangabodwa lokhu kungesinye sezipho eziyigugu kakhulu.
[Isithombe ekhasini 9]
Ukuze ubasize ngempela abazali abangabodwa, chitha isikhathi nabo