Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 10/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukuziphikisa” KweVatican
  • “Ikhulu Leminyaka LikaSathane”
  • Kulindeleke Ukuswelakala Kokudla
  • Ukuguga Nendlela Yokudla
  • Ingozi Eyinhlanhla?
  • Ukunqoba Uvendle Ngokwengxenye
  • Ukuxakeka Ngama-orangutan AseTaiwan
  • Izingane Zasemgwaqweni ZaseToronto
  • Gcina Lelo Zinyo!
  • Kungani Kufanele Uye Kudokotela Wamazinyo?
    I-Phaphama!—2007
  • Nansi “Indoda Yasehlathini” Lase-Indonesia
    I-Phaphama!—2010
  • Umlando Wobuhlungu Obukhulu Bokuphathwa Yizinyo
    I-Phaphama!—2007
  • Indlela Ongalonda Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 10/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

“Ukuziphikisa” KweVatican

Emhlanganweni kapapa waminyaka yonke nabefundisi baseRoma, umpristi othile wabuza uJohn Paul II: “Wena Ongcwele, kungani iVatican isathengisa ugwayi?” Waqhubeka: “Ngaphandle kokulimaza impilo, leli bhizinisi liphikisana nezicelo zakho zasikhathi sonke zokuba kuvikelwe impilo nomsebenzi wethu wobufundisi.” Ku-Ugo Mesini, umpristi oneminyaka engu-76 ubudala, iqiniso lokuthi iVatican ithengisa ugwayi onamazwi athi “ukubhema kulimaza impilo yakho” “liwubufakazi obuphikisayo” futhi “liphikisa” isigijimi sikapapa. Njengoba kwabikwa ephephandabeni laseRoma i-Messaggero, upapa waphendula ngokuthi endabeni kagwayi, ‘unembeza wakhe awunacala.’ Nokho, wathembisa ukuthi uzokhuluma nokhadinali ophethe ngokuthengisa kweVatican ugwayi.

“Ikhulu Leminyaka LikaSathane”

“Uma sicabangela ububi balo, leli bekuyikhulu leminyaka likaSathane,” kusho ingosi yomhleli we-New York Times. “Enkathini yangaphambili abantu abakaze babonise ukuthambekela, nesifiso esikhulu kangaka sokubulala izigidi zabanye abantu ngenxa yohlanga, inkolo noma isigaba sokuphila.” Njengobufakazi, ibhekisela ekamu lokuhlushwa lase-Auschwitz elatholakala eminyakeni engu-50 edlule. Lengosi yomhleli ithi abakhulula leli kamu lokuhlushwa lamaJalimane bathola “izisebenzi ezigqilaziwe zingangothi lokuvungula, izingane zicwiyiwe ezindaweni zokuhlola okwenziwe ngobuhlanya, namanxiwa ezindlu ezine zegesi nohhavini bokushisa izidumbu abake babulala izisulu ezingu-20 000 ngosuku,” futhi ezinkumbulweni zabo kusagxilé “izidumbu ezazinqwatshelaniswe njengezinto zokuphemba umlilo, amapheya ezicathulo angu-43 000, inqwaba yezinwele zabantu.” Iyanezela: “Kuze kube namuhla, okwenzeka e-Auschwitz kuyindida.”

Kulindeleke Ukuswelakala Kokudla

“Ngaphandle kokuba kubekelelwe imali eningi yokushintsha ubuchwepheshe, sizobhekana nezinkinga ezingathi sína ngempela,” kusho u-Ismail Serageldin, uchwepheshe wezentuthuko wase-Egypt futhi oyiphini likamongameli weBhange Lomhlaba. Ukhuluma ngesidingo esikhulayo sokudla okuyisisekelo—isidingo kakade esesiqothula umkhiqizo ezingxenyeni ezithile zase-Asia nase-Afrika, lapho inani labantu landa khona ngokushesha okukhulu. Wathi: “Sizoba [nabantu] abengeziwe abayizigidi eziyizinkulungwane ezimbili eminyakeni engu-20 ezayo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, futhi amaphesenti angu-95 abo ayoba semazweni ampofu kakhulu.” Nakuba kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo kwesivuno sezilimo eziyisisekelo kuleminyaka engu-25 edlule, kuba nzima ngokwandayo ukufinyelela izivuno ezengeziwe ngenxa yokulinganiselwa kwendawo ezungezile nezinto eziphilayo. Izivuno zisongelwa futhi izilokazane nezifo zezitshalo eziyingozi nangokuwohlozwa kwendawo. I-Worldwatch Institute iyavuma. Embikweni wayo we-State of the World 1995 ithi: “Ubufakazi bokuthi izwe lisemkhondweni wezomnotho ongenakusekelwa indawo ezungezile bungabonakala ngokuncipha kwezinhlanzi ezidotshwayo, ukwehla kwamazinga amanzi, ukuncipha kwamanani ezinyoni, amazinga okushisa ayinqopha-mlando nezinqolobane zokusanhlamvu eziphelayo, uma kubalwa nje okumbalwa.”

Ukuguga Nendlela Yokudla

I-Times yaseLondon ibika ukuthi abanye abacwaningi manje bathi abantu abaneminyaka engaphezu kwengu-50 kungase kungadingeki bakhathazeke ngokwanda kwesisindo phakathi neminyaka yokuqina. Ngokwesibonelo, uDavid Dickinson, umhleli kamagazini we-Consumers’ Association, uthi: “Siyiphutha iseluleko esithi wonke umuntu onesilinganiso esiphakeme sobude nesisindo ukhuluphele ngokweqile futhi kufanele ehlise isisindo. Ukwehlisa isisindo kungalimaza impilo yakho ngaphandle nje komphumela wako esilinganisweni sobude nesisindo. Abantu abaningi abaneminyaka engaphezu kwengu-50 akudingekile ukuba behlise isisindo.” Uprofesa wezokondleka nemikhuba yokudla uTom Sanders uyachaza: “Izingozi ezingokwempilo zokukhuluphala ngokuvamile zenziwa ihaba. Kuyayandisa ingozi yesifo sikashukela nesamathambo, kodwa izingozi ezingokwempilo zokukhuluphala zincane kakhulu. Kungase ngisho kubazuzise abesifazane.” UDkt. Martin Wiseman woMnyango Wezempilo uyaxwayisa: “Kungakhathaliseki ubudala beminyaka kubalulekile ukungakhuluphali ngokweqile noma uzace ngokweqile. Ukudla ngendlela efanele nokuhlala umatasa kuyindlela engcono kakhulu yokufinyelela lokhu kodwa njengoba sikhula ukukhuluphala kungcono kunokuzaca.”

Ingozi Eyinhlanhla?

Ibhokisi lezimpahla elaligcwele amathoyizi epulasitiki angu-29 000—amadada, izimfudu, ama-beaver, namaxoxo—lacwila olwandle emkhunjini ngenxa yesivunguvungu eNyakatho Pacific ngo-January 1992. Lengozi iye yaba isibusiso kososayensi. Ngokungefani nezicathulo zabasubathi ze-Nike ezingu-61 000 ezacwila eminyakeni emibili ngaphambi kwalokho, lamathoyizi alula antanta ngokuphelele phezu kwamanzi futhi asunduzwa umoya kanye namaza olwandle. Lokhu kuye kwavumela izazi zolwandle ezihlola amaza aseNyakatho Pacific ukuba zihlanganise umphumela womoya ekuhloleni kwazo. Ithoyizi lokuqala latholakala ebhishi eningizimu-mpumalanga Alaska cishe ezinyangeni eziyishumi ngemva kokucwila, futhi amanye angu-400 afika ogwini ngaseGulf of Alaska engamakhilomitha angu-850 phakathi nezinyanga eziyishumi ezalandela. Amathoyizi amancane, angaphansi kwamasentimitha angu-13 ubude, ayevela eHong Kong ethunyelwa eTacoma, eWashington, e-U.S.A. Kulindeleke ukuthi ekugcineni amanye azodlula eBering Strait, anqamule eqhweni lase-Arctic Ocean, aze afinyelele eNyakatho Atlantic.

Ukunqoba Uvendle Ngokwengxenye

I-paralytic poliomyelitis, eyaziwa ngokuvamile ngokuthi uvendle, kuthiwa iye yabulala noma yakhubaza abantu abangaphezu kwezigidi eziyishumi kuwo wonke umlando. Kunemifanekiso ephathelene nayo eqoshwe ematsheni ehlehlela emuva eGibithe, eGreece, naseRoma yasendulo. Njengoba ihlasela kakhulu izingane, ingabangela ukukhubazeka noma ukufa ngokuncisha umuntu umoya-mpilo. Manje, ngokwe-Pan American Health Organization, ingxenye ye-World Health Organization (INhlangano Yomhlaba Yezempilo), uvendle seluqediwe eNtshonalanga Nenkabazwe. Isiguli sokugcina esabikwa kwakuyingane yasePeru ngo-1991, eyasinda nakuba yonakala umlenze owodwa. Nokho, ngokungefani nengxibongo, eyaqedwa emhlabeni wonke ngo-1977, igciwane lovendle lisatholakala kwezinye izindawo futhi lingase liphinde lingene emazweni aseMelika ngokufuduka nangokuhamba kwabantu. Umbiko wokugcina ophelele wabonisa iziguli ezingaphansi kuka-10 000 ngonyaka. Ochwepheshe bezempilo bathi ukugonyelwa lesi sifo kumelwe kuqhubeke size sinqotshwe ngokuphelele.

Ukuxakeka Ngama-orangutan AseTaiwan

Iziphathimandla zaseTaiwan zibhekene nenkinga engavamile: Ukuthi zenzeni ngama-orangutan athathwa afuywa emakhaya ngo-1986 ngemva kokuba enye ichazwe ohlelweni oluthile lwethelevishini ngokuthi “umngane omuhle.” Njengoba kwabikwa kuyi-New Scientist, ama-orangutan asemancane angaba inkulungwane alethwa kulelizwe futhi athengiswa njengezilwane ezifuywayo. Manje, njengoba lezi zilwane zifinyelela ukuvuthwa ngokobulili futhi zingalawuleki, amakhulu azo alahlwa abaninizo. Ngenxa yokuthi ayizilwane ezizihlukanisayo futhi awabhekani nenkinga yokuzihlanganisa neqembu elithile njengoba kwenza ama-chimpanzee nama-gorilla, ama-orangutan afuyiwe angabuyiselwa endle. Nokho, lezi zilwane ezifuywa ekhaya ziye zangenwa izifo eziphatha abantu, njengesifo sokusha kwesibindi sohlobo B nesifo sofuba, futhi zingasongela ama-orangutan asendle asengozini kakade. Kungase kudingeke ukuba amaningi abulawe, lokho abanye abakubheka njengokungcono kunokuba aphile ukuphila kwawo evalelwe endaweni yezilwane engajabulisi.

Izingane Zasemgwaqweni ZaseToronto

Izikhulu zikahulumeni zithi izingane zasemgwaqweni ezingafinyelela ku-10 000 zizula edolobheni laseToronto njalo. “Leli nani liye landa kakhulu kuleminyaka eyishumi edlule,” kubika i-Toronto Star. “Izingane eziningi zasemgwaqweni zilandisa ngezinkinga zasekhaya, kusukela ekuxhashazweni kuya emithethweni yabazali ezingafuni ukuyilalela. Zilandisa ngezwe lezidakamizwa, ubudlova nobufebe, kanye nokuphathwa isizungu isikhathi eside.” Kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angu-54 ezingane zasemgwaqweni zaseToronto ahlanganyela ebufebeni. Intombazane eyodwa kwamahlanu izokhulelwa, amaphesenti angu-80 asebenzisa izidakamizwa noma utshwala, amaphesenti angu-67 aye axhashazwa, kanti amaphesenti angu-43 aye azama ukuzibulala. “Uma othile ekutshela ukuthi ukuphila kwasemgwaqweni kuyajabulisa futhi kumnandi, ungamkholelwa. Kunjengokufa, akukhona neze ukuphila,” kusho othile osemusha. “Abanye abakwazi ukugqashula ekuphileni ngezidakamizwa ngokuqhubekayo, ubufebe nobugebengu obudlangile; abanye, abadala futhi abahlakaniphile, banethemba lokuthola imfundo nomsebenzi,” kunezela i-Star.

Gcina Lelo Zinyo!

Uma kuphuma izinyo ngengozi, ungalilahli, kuxwayisa i-UC Berkeley Wellness Letter. “Ukucwaninga kubonisa ukuthi unamathuba angamaphesenti angu-50 okuba libuyiselwe kahle uma ubonana nodokotela wakho wamazinyo kungakapheli imizuzu engu-30.” Yini okufanele uyenze? Zama ukuzola ngangokunokwenzeka. Bamba lelo zinyo ngesihloko salo futhi uligeze ngesineke ngamanzi asivivi—ungalikhuhli. Thinta udokotela wamazinyo umazise ukuthi uyeza bese ubuyisela lelo zinyo endaweni yalo ngesineke, ngaphandle uma ekutshela okuhlukile. Luma ngamandla indwangu noma iduku elihlanzekile imizuzu emihlanu ukuze izinyo lingene kahle, futhi uqhubeke ulumaluma uze ubonane nodokotela. Uma ungenakukwazi ukulibuyisela ngokushesha izinyo, ligcine lisematheni emlonyeni wakho. Ezinganeni ezincane kakhulu ezingase ziligwinye, lifake esikhwameni sepulasitiki noma enkomishini futhi ulicwilise obisini noma emanzini anosawoti omncane. Ngisho noma sekudlule isikhathi eside, kungcono ukuya kudokotela wamazinyo futhi yena anqume okufanele kwenziwe. Lombiko uthi: “Ukugcina izinyo ngokuqinisekile kuwufanele lomzamo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela