Ukubuka Okwezwe
Imishado Iphazamisekile
Abesifazane abaningi endaweni yaseKobe, eJapane, abanelisekile ngokuziphatha kwabayeni babo phakathi nangemva kokuzamazama komhlaba okwacekela phansi leso sifunda ekuqaleni kuka-1995. “Akuvelanga imifantu endlini yethu kuphela kodwa futhi nasebuhlotsheni bethu njengoba manje ngiqaphela ukuthi anginakumethemba umyeni wami,” kusho owesifazane othile owacashunwa kuyi-Asahi Evening News. Amadoda agxekwa ngokungabi naluzwela, ngokunganikezi induduzo lapho idingeka, futhi ngaphezu kwalokho, ngokuzama ukuzisindisa wona kuphela. Omunye wesifazane “wamangazwa ukuthi umyeni wakhe walidla lonke ilayisi ababelinikeziwe, wangamshiyela lutho,” kubika i-Hyogo Prefecture Women’s Center. Omunye wesifazane watshela lesi sikhungo: “Ngaphelelwa ukumethemba umyeni wami ngemva kokuba ememeze izingane zethu kodwa mina wangangimemeza.” Nokho, lesi sikhungo sanezela ukuthi abangaba inani elifanayo bathi ubuhlobo babo baqiniswa yilokhu kuzamazama.
Ukubuya Kwezilwane Ezacishe Zaqothulwa
“Isimangaliso sase-Italy”—ngokwephephandaba laseMilan i-Corriere della Sera, yileyo ndlela abanye abachaza ngayo indlela izinhlobo eziningana zezilwane eziye zasinda ngayo onqenqemeni lokuqothulwa. Ikakhulukazi ngenxa yezindawo ezivikelekile e-Alps nasezintabeni zase-Apennine, ziyanda e-Italy izilwane ezinjengephiva, i-chamois, i-fallow deer, ne-roe deer. I-wolf yasezintabeni zase-Apennine, eyanda ngamanani amakhulu, seyisakazeke kusuka e-Italy kuya eMaritime Alps yaseFrance. Nokho, kusenezinhlobo ezisengozini, njengomthini ne-monk seal, kodwa i-Corriere della Sera ithi ochwepheshe bayaqiniseka ukuthi izinhlelo zokulondoloza imvelo eziqinile “ngeke zihluleke ukuveza imiphumela ehlala isikhathi eside, engokoqobo, futhi emihle.”
Isikhumba Esifanelekayo Sasebusika
Ososayensi abazama ukubona amabhere asezindaweni ezibandayo besezindizeni bathola ubunzima—futhi hhayi nje ngenxa yesizathu esisobala sokuthi lamabhere amhlophe futhi ahlala ezindaweni ezimbozwe yiqhwa. Ngokwe-Popular Science, ososayensi babenalokho okwakubonakala kuyikhambi elihlakaniphile lalenkinga: basebenzisa ifilimu ye-infrared enamandla okuthwebula, becabanga ukuthi yayiyokuveza kalula ukushisa komzimba kwalezi zidalwa ezinkulu. Kodwa leli filimu lashaya phansi! Kubonakala sengathi isikhumba sebhere lasezindaweni ezibandayo sivimbela ukushisa kangangokuthi kuncane kakhulu ukushisa okuphumayo kulesi silwane. Futhi lomagazini uphawula ukuthi kubonakala sengathi uboya balesi sikhumba bukwazi kahle ukudlulisela imisebe yelanga e-ultraviolet, buyifake kulokho okungase kube “amabhethri elanga” asebhereni akwaziyo ngandlela-thile ukuguqula ukukhanya okunjalo kube ukushisa.
Abathandi Bomculo Abaqulekayo
Kungani abathandi bomculo abaningi kangaka bequleka emakhonsathini e-rock? Isazi sezinzwa e-University Hospital eBerlin, eJalimane, siye saphenya ngalesi senzakalo muva nje. Ekhonsathini ye-rock eBerlin eyayithanyelwe ngokuyinhloko abesifazane abasebasha, abangaba ngu-400 baquleka phakathi nayo. Ngokukamagazini i-Discover, lesi sazi sezinzwa sathola ukuthi amaphesenti angu-90 abantu abaquleka ayeme ezihlalweni ezingaphambili. Ukuze athole lezi zihlalo zekhethelo, lamantombazane ayelinde isikhathi eside emigqeni emide, futhi amaningi ayengadlanga phakathi naleso sikhathi noma ayengalalanga ebusuku bangayizolo. Ezinye izimbangela—ukuklabalasa kwawo nokududula kwezixuku ezingemuva—zazicinanisa isifuba, okwanciphisa umfutho wegazi. Lokhu, kwanciphisa igazi eliya ebuchosheni. Kwalandela ukuquleka. Nakuba lesi sazi sezinzwa satusa ukuba abathandi be-rock badle futhi balale kusengaphambili, bahlale phansi, bazothe futhi bagweme isixuku phakathi nekhonsathi, savuma ukuthi bambalwa abathandi balomculo abasebasha abayovumelana nalokhu.
Ukuba Umzanyana Ongakhokhelwa?
Abazali abakhathazekile basemaphethelweni amadolobha sebetholé indlela entsha yokwenza abanye abantu babagadele izingane zabo ukuze bakwazi ukuyothenga izinto ezithile. Bashiya izingane zabo ezitolo zamathoyizi noma ezitolo ezinama-computer ayinxanxathela. Izingane, ezikhangwa imishini yobuchwepheshe obuphambili, zidlala ngemishini ekhangiswayo kuze kubuye abazali bazo. Nokho, akumangalisi ukuthi abathengisi abawujabuleli lomkhuba, kubika umagazini i-Newsweek. Bakhala ngokuthi ezimweni ezikahle, izingane zivimbela abantu abangaba amakhasimende ekuboneni lemishini; ezimweni ezimbi, bayayephula. Abanye baye bathola ukuthi abazali bayabuya futhi bakhononde uma engekho onakekele izingane zabo noma oye waziyisa endlini yangasese! Ngakho, ezinye izitolo zilwa nalomkhuba—ngokwenza ama-computer akhangiswayo angafinyeleleki kalula noma ngokubiza onogada lapho zithola izingane ezishiywe dengwane.
Izindunduma Zesihlabathi Zisengozini
“Isihlabathi siyaphela kwa-Israel.” Ubike kanjalo muva nje umagazini i-New Scientist. Kungani kunalokhu kuntuleka okungalindelekile? Phela, isihlabathi siyisakhi esiyinhloko sikakhonkolo, okuyiyonanto imboni yalelizwe yezokwakha echumayo eyidinga kakhulu. Ngakho sekuyiminyaka engu-30, ngaphandle kweziqondiso zikahulumeni, abakhi bethutha isihlabathi ngamaloli ogwini olukhulu lwesihlabathi lakwa-Israel, olwalusuka eJaffa luya eGaza. Futhi amasela eba amathani ayisigidi alesi sihlabathi unyaka ngamunye ukuze awadayise ngokungemthetho. Izazi zezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile zikhathazekile ngokuthi ziyonakaliswa izindunduma zesihlabathi ezinciphayo, ezintekenteke, okuphila kuzo izinhlobo ezimbalwa zezitshalo nezilwane. Futhi abakhi sebeqala ukuzibuza ukuthi bayositholaphi esinye isihlabathi uma siphela kwa-Israel.
Impilo YamaJapane Izwa Ithonya LaseNtshonalanga
Abantu baseJapane baphila isikhathi eside kunabo bonke emhlabeni, kodwa kungenzeka ithonya lendlela yokuphila yaseNtshonalanga liyasiqeda lesi simo. Muva nje i-New Scientist ibiké ukuthi kubantu abayizigidi ezingu-2,1 abahlolwa umzimba ngo-1994, bangamaphesenti angu-18 kuphela okwathiwa baphila sáka. Eminyakeni eyishumi ngaphambili, leso sibalo sasingamaphesenti angu-30. Ngokomunye wabalobi bombiko we-Japan Hospital Association (INhlangano Yezibhedlela YaseJapane), imbangela eyinhloko ukudla kwaseNtshonalanga okunamafutha ne-cholesterol eningi, kanye nokwanda kokubhema nokuphuza utshwala. Ukwehla okukhulu kwezinga lempilo kwabonakala ezifundeni ezinezimboni kakhulu, njengasendaweni yase-Osaka-Kobe. Ngokuphambene, isifunda esinabantu abaphila sáka sisenyakatho, ezingxenyeni zasemaphandleni zesiqhingi saseHokkaido.
Lokho Okudla Isikhathi
Sishonephi isikhathi? Abaningi babuza lowo mbuzo bengadingi mpendulo, kodwa ukuhlola kwamuva nje kuye kwazama ukuwuphendula ngokwesayensi. Inhlangano yokucwaninga e-Illinois, e-U.S.A., yenza ukuhlola okwathatha iminyaka emithathu kwemisebenzi yansuku zonke yabantu abangaba ngu-3000 ababecelwe ukuba bagcine umbhalo ngokuqhubekayo wendlela abachitha ngayo isikhathi sabo. Leli qembu lalineminyaka esuka kwengu-18 kuya kwengu-90 ubudala futhi lalihlanganisa abantu bezizinda eziningi. Okwakuhamba phambili ekudleni isikhathi kwakuwukulala. Lokhu kwakulandelwa umsebenzi, owawuthatha isilinganiso semizuzu engu-184 ngosuku. Kwakulandelwa ukubuka i-TV nama-video, okwakuthatha imizuzu engu-154. Imisebenzi yasendlini yayithatha imizuzu engu-66, ukuya emsebenzini kwakuthatha imizuzu engu-51, ukuzilungisa kwakuthatha imizuzu engu-49, futhi ukunakekela umntwana nezilwane ezifuywayo kwakuthatha imizuzu engu-25. Ngasekugcineni kwaloluhlu kwakuwukukhulekela, okwakuthatha isilinganiso semizuzu engu-15 ngosuku.
Amasonto Engeziwe Athengiswayo
Ngokwabathengisi bomhlaba, abalondolozi bemali bayaphangelana ekutholeni izakhiwo zamasonto ezingasasetshenziswa enhloko-dolobha yesifundazwe sasenyakatho ye-Australia iBrisbane, eQueensland. Kuthiwa kunezici ezimbili eziyizimbangela: ukuncipha kwabantu abaya esontweni nokulangazela kwabalondolozi bemali ukuthenga “okuthile okuyingqayizivele.” Iphephandaba i-Courier-Mail libika ukuthi okwamanje kuthengiswa amasonto angaphezu kwangu-12 futhi amanye kakade aseguqulwe amakhaya namahhovisi eBrisbane. Leli phephandaba licaphuna umqondisi wezentengiselwano ethi: “Idlanzana” lalamasonto liye “lasetshenziswa njengamathilomu okudla, izindawo zobuciko, izitolo zezimpahla zakudala, amahhovisi, noma amakhaya.” Umthengisi othile womhlaba wathi: “Ngifisa sengathi benginangeziwe engizowathengisa.”
Wenziwe Amaqaba Ngokuphelele
Isifundazwe saseJalimane iBavaria singaphansi kobuRoma Katolika ngokuphelele. Eqinisweni, izimiso zezikole zaseBavaria ziphoqelela ukuba kubekwe isiphambano ekilasini ngalinye kuzo zonke izikole zikahulumeni. Nokho, iNkantolo YoMthetho-sisekelo Kahulumeni isisichithile lesi simiso ngoba asihambisani noMthetho-sisekelo waseJalimane, oqinisekisa inkululeko yenkolo, kubika i-Süddeutsche Zeitung, iphephandaba laseJalimane. “Usuku lwesigayegaye emlandweni wabantu bethu,” kukhala uMbhishobhi Omkhulu uMeisner waseCologne, ngokwe-Westfälische Allgemeine Zeitung. Abanye babeshaqiswe kakhulu yilempikiswano kunayisinqumo ngokwaso. Phela, umphakathi waseJalimane “wenziwe amaqaba ngokuphelele,” kubhala iphepha laseHamburg i-Die Zeit, futhi “uhlonipha ukuthanda izinto ezibonakalayo, ukuzitika, nalokho umuntu akufezile.”