Ukuzalwa Okusha—Kufezani?
KUNGANI uJesu asebenzisa inkulumo ethi ‘ukuzalwa ngomoya’ lapho ekhuluma ngokubhapathizwa ngomoya ongcwele? (Johane 3:5) Uma lisetshenziswa njengesifenqo, igama elithi “ukuzalwa” lisho “isiqalo,” njengasenkulumweni ethi “ukuzalwa kwesizwe.” Ngakho-ke, inkulumo ethi “ukuzalwa okusha” isho ukuthi “isiqalo esisha.” Khona-ke, isifenqo esithi “ukuzalwa” nesithi “ukuzalwa okusha” zigcizelela ukuthi kuyoba nesiqalo esisha ebuhlotsheni obuphakathi kukaNkulunkulu nalabo ababhapathizwa ngomoya ongcwele. Lolo shintsho oluphelele kulobo buhlobo lwenzeka kanjani?
Lapho echaza indlela uNkulunkulu abalungiselela ngayo abantu ukuba bayobusa ezulwini, umphostoli uPawulu wasebenzisa umfanekiso osekelwe ekuphileni komkhaya. Wabhala ukuthi amaKristu osukwini lwakhe ‘ayeyokwamukelwa njengamadodana’ nokuthi uNkulunkulu wayeyosebenzelana nawo “njengamadodana.” (Galathiya 4:5; Hebheru 12:7) Ukuze sibone ukuthi isibonelo sokuthi ukwamukelwa njengamadodana simsiza kanjani umuntu ukuba aqonde ushintsho olwenzekayo lapho othile ebhapathizwa ngomoya ongcwele, phinda ucabangele isibonelo sensizwa efuna ukubhalisa esikoleni sabafundi bohlanga oluthile.
Ushintsho Olubangelwa Ukwamukelwa Njengamadodana
Emfanekisweni wethu, le nsizwa ayikwazi ukubhalisa esikoleni ngoba ayilona ilungu lalolo hlanga. Manje, ake sithi ngolunye usuku kwenzeka ushintsho olukhulu. Itholwa ubaba walolo hlanga njengendodana. Lokho kuyithinta kanjani le nsizwa? Ngenxa yokuthi seyamukelwe njengendodana, manje isingaba namalungelo afanayo nawenye intsha yalolo hlanga—kuhlanganise nelungelo lokubhalisa esikoleni. Ukutholwa njengendodana sekuwashintshe ngokuphelele amathuba ayo.
Lokhu kubonisa lokho okwenzeka ngendlela ephawuleka kakhulu kulabo abazalwa kabusha. Cabangela ezinye izici ezifanayo. Insizwa esemfanekisweni izokwamukelwa esikoleni uma ihlangabezana nemfanelo ethile kuphela—ewukuba ilungu lalolo hlanga. Kodwa ngeke iyifinyelele leyo mfanelo ngokwayo. Ngokufanayo, abantu abathile bazothola indawo eMbusweni kaNkulunkulu, noma kuhulumeni wasezulwini, kodwa uma befinyelela imfanelo yokwamukelwa kuphela—ewukuba “bazalwe kabusha.” Kodwa ngeke bayifinyelele leyo mfanelo ngokwabo ngoba ukuzalwa okusha kuxhomeke kuNkulunkulu.
Yini eshintshe isimo sale nsizwa? Inqubo engokomthetho yokutholwa njengendodana. Kuyiqiniso ukuthi leyo nqubo ayisishintshanga isimo semvelo sale nsizwa. Nangemva kokutholwa njengendodana, isengumuntu ofanayo. Nakuba kunjalo, ngemva kokufinyelela izimfanelo ezingokomthetho zokutholwa njengendodana, le nsizwa yaba sesimweni esisha. Yebo, yathola isiqalo esisha—ukuzalwa okusha. Yaba indodana, okwayinika ilungelo lokungena esikoleni nokuba ingxenye yalo mkhaya wokutholwa.
Ngokufanayo, uJehova washintsha isimo seqembu labantu abangaphelele ngokuqala inqubo engokomthetho yokubathola njengabantwana bakhe. Umphostoli uPawulu, naye owayekulelo qembu, wabhalela amanye amakholwa: “Namukela umoya wokutholwa njengamadodana, umoya esikhamuluka ngawo sithi: ‘Abha, Baba!’ Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:15, 16) Yebo, ngenqubo yokutholwa, lawo maKristu aba ingxenye yomkhaya kaNkulunkulu, noma “abantwana bakaNkulunkulu.”—1 Johane 3:1; 2 Korinte 6:18.
Yiqiniso, ukutholwa uNkulunkulu ngaleyo ndlela akusishintshanga isimo sabatholwayo, ngoba bahlala bengaphelele. (1 Johane 1:8) Noma kunjalo, njengoba uPawulu aqhubeke echaza, ngemva kokufinyelela izimfanelo ezingokomthetho zokutholwa njengamadodana, baba sesimweni esisha. Ngesikhathi esifanayo, umoya kaNkulunkulu wanikeza lawo madodana okutholwa isiqinisekiso sokuthi ayeyophila noKristu ezulwini. (1 Johane 3:2) Leso siqinisekiso esingenakungatshazwa esivela emoyeni ongcwele sabanikeza umbono omusha ngokuphelele ngokuphila. (2 Korinte 1:21, 22) Yebo, bathola isiqalo esisha—ukuzalwa okusha.
Likhuluma ngamadodana kaNkulunkulu okutholwa, iBhayibheli lithi: “Bayoba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:6) Ekanye noKristu, la madodana kaNkulunkulu okutholwa ayothola isikhundla sokuba amakhosi eMbusweni kaNkulunkulu, noma uhulumeni wasezulwini. Umphostoli uPetru watshela amanye amakholwa ukuthi ayeyothola ‘ifa elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni aligcinelwe ezulwini.’ (1 Petru 1:3, 4) Ifa eliyigugu ngempela!
Nokho, yona le ndaba yokubusa iphakamisa umbuzo. Uma labo abazalwe kabusha beyobusa njengamakhosi ezulwini, bayobusa obani? Lowo mbuzo uzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 10]
Yini uPawulu ayisho ngokutholwa njengamadodana?