Okufanele Ukuqaphele
“INJONGO esobala kakhulu yezikhathi zamaholide iwukwenza okuhlukile, ukuhlaba ikhefu, ukushintsha esimisweni esivamile,” kubhala umlobeli wephephandaba uLance Morrow. Nokho, waphawula ukuthi abanye babuyela ekhaya ngemva kweholide bekhandleke kangangokuba bagomela ngokuthi “ngeke baphinde baye.”
Nokho, kunokuba uyeke ukuya eholidini, kungaba ukuhlakanipha ukuhlola kusengaphambili izithiyo ezingase zivele bese uthatha izinyathelo zokuzigwema.
Vikela Izinto Zakho Eziyigugu
Abaningi baye bathi lapho bebuya eholidini bathola ukuthi izindlu zabo ziye zagqekezwa lapho bengekho. Ngakho ngaphambi kokuba uye eholidini, cela abangane noma omakhelwane ukuba babeke iso njalo kwakho. Bangase bakwazi ngisho nokuchitha isikhathi esithile belapho ukuze kungabonakali ukuthi awukho. Bacele ukuba bakuthathele amaphephandaba kanye neposi nsuku zonke, ngoba akukho okubonisa ukuthi awukho ekhaya njengenqwaba yamaphephandaba noma ibhokisi leposi elibonakala ligcwele izincwadi.
Kudingeka futhi uvikele izinto zakho eziyigugu endaweni ovakashele kuyo. Kwamanye amazwe kucatshangwa ukuthi abantu bakwamanye amazwe bacebile, futhi zonke izivakashi zingase zibe izisulu zokuphangwa. Ngakho-ke, umkhuba omuhle ukushiya imali ongeke uyisebenzise namaphepha abalulekile esisefweni sasehhotela noma kwenye indawo elondekile. Qaphela abantu ongabazi, ngaphandle kokuba umuntu ongenamusa.
Unyaka ngamunye eMiami, eFlorida, e-U.S.A., kuba nezigidi zezivakashi zamazwe angaphandle nezendawo. Izigebengu zimatasa kakhulu ezindaweni ezinjalo zezivakashi. Umagazini i-Time wabika ukuthi phakathi no-1992, “eFlorida kuphela, izivakashi ezingu-36 766, ezangaphandle nezendawo, zabulawa, zadlwengulwa, zaphangwa noma zaba izisulu ngandlela-thile.”
Lapho useholidini, qaphela ikakhulukazi abakhuthuzi. Amadoda kufanele agcine izikhwama zawo zemali endaweni efihlekile nevikelekile, njengasesikhwameni sebhantshi esingaphakathi noma ekhukhwini elingaphambili lebhulukwe. Abantu abahambela amazwe abanokuhlangenwe nakho ngokuvamile bafihla imali ngezindlela zobuhlakani kubo. Ngokwesibonelo, abanye baphatha imali yabo, izincwadi zokungena kwamanye amazwe, nama-visa ngesikhwanyana esiyisicaba abasigaxa entanyeni bese besifaka ngaphansi kwezingubo zokugqoka. Abesifazane kufanele baqaphele funa abagibeli bamabhayisekili noma bezithuthuthu bahlwithe izikhwama abazilengisile.
Izigebengu njalo zithola izindlela ezintsha zokugcweleza izivakashi. Ezitimeleni ezihamba ibanga elide, abagibeli abalele baye baphangwa phakathi nobusuku emazweni aseYurophu. Kungase kufuthwe okuthile okubangela ubuthongo emagumbini esitimela ukuze kuqikelelwe ukuba abangaphakathi bangavuki lapho kuphangwa izimpahla zabo. Ngokwe-European, kwesinye isenzakalo “kucatshangwa ukuthi abaphangi behla buthule esitimeleni bephethe imali nezimpahla ezebiwe ezibiza ngaphezu kuka-$845 000 [R3067000].”
Gwema Izingozi
“Okuwukuphela kwekhambi enginalo lenkinga yezingozi ezivela njalo,” kusho umenzi wamahlaya uRobert Benchley, “ukulala usuku lonke.” Kodwa-ke wanezela: “Ngisho nalapho, ngaso sonke isikhathi kunethuba lokuba uwe.” Iphuzu liwukuthi, izingozi zenzeka kuyo yonke indawo! Ngakho ukusaba ukuthola ingozi lapho usehodilini akudingekile ukuba kukwenze usabe bese uhlala ekhaya. Kodwa kunesizathu esikhethekile sokuqapha lapho useholidini.
Ukuminyana kwezimoto kungakhohlisa phakathi nezikhathi zeholide. AmaJalimane asekujwayele ukuminyana kwezimoto okungamakhilomitha angu-80 phakathi nezikhathi ezinjalo. Umagazini i-Time ka-August 14, 1989, wathi: “Kulo lonke elaseYurophu ngesonto elidlule, izigidi zemikhaya zaqala iholide lazo elivamile lango-August—futhi yonke yaba nesikhathi esingajabulisi nesinzima. . . . Cishe yonke imigwaqo emikhulu ephuma eParis yayiminyene iyisinyokotho. . . . Phakathi kuka-July 28 no-Aug. 1, kwafa abantu abangu-102 ezingozini zasemgwaqweni.” Ngakho-ke, ngokuhlakanipha hlaba amakhefu amafushane ukuze uphumuze ingqondo ekhandlwe izimoto ezihamba zima.
I-European yabika ngengosi yezokweluleka ethi abashayeli “bahlehlise uhambo lwabo kuze kube ngeSonto—noma bahambe ebusuku.” Kodwa yavuma ukuthi abaningi abaya eholidini “basaphikelela ngokuhamba ngesikhathi esifanayo.” Kuba namuphi umphumela? Ukuminyana kwezimoto eYurophu. Nakuba kuwukuhlakanipha ukuhamba lapho imigwaqo ingagcwele, ungalishalazeli iqiniso lokuthi ukuhamba ebusuku kungaba ingozi. Umuntu akaboni kahle ebusuku, futhi ngenxa yalokho angase ande amathuba okuthola ingozi. Kungase kube ngcono ukuhamba entathakusa.
Ngemva kokufika endaweni ovakashe kuyo, ungayishayi indiva eminye imithombo yengozi. Uma ungazange uyinyakazise imisipha yakho unyaka wonke, iyolimala lapho uyicindezela ukuba isebenze ngaphandle kokuyijwayeza. Ngakho linganisela ezemidlalo ngezinsuku ezimbalwa zokuqala, lapho umzimba wakho ungase uthambekele kakhulu ekulimaleni.
Hlala Ungumqemane
Ngokwencwadi ethi 2,000 Everyday Health Tips for Better Health and Happiness, “izinkinga zempilo ezivame kakhulu izihambi ezibhekana nazo lapho zivakashele phesheya zibangelwa ukudla, amanzi nezifo ezimbalwa ezithelelwanayo.” Izinkampani ezikuhlelela uhambo zingase zinikeze iseluleko ngendlela yokugwema izinkinga ezinjalo, futhi kuyinzuzo ukulandela ukusikisela kwazo.
Ezindaweni eziningi kubalulekile ukugwema ukuphuza amanzi akumpompi. Futhi khumbula, iqhwa eligcinwe esiqandisini kungenzeka lenziwe ngamanzi anjalo. Kungase kube ukuhlakanipha nokugwema ukudla imifino eluhlaza, i-mayonnaise, ukudla okunokhilimu, inyama eluhlaza noma engavuthiwe, ama-shellfish, nezithelo ezintsha, ngaphandle uma uzozicwecwa wena ngokwakho. EmaZweni Ashisayo, ubisi kufanele lubiliswe ngaphambi kokuba uluphuze.
Umthombo omkhulu wengozi ezihambini ezigqoka izingubo ezilula ilanga, futhi eminyakeni yamuva lengozi iye yanda ngokuphawulekayo ngenxa yokuncipha kwe-ozone emkhathini. Inani leziguli ezingenwa i-melanoma ebulalayo, umdlavuza wesikhumba oyingozi kakhulu, laphindeka kabili e-United States phakathi kuka-1980 no-1993. E-Australia kuye kwabonakala izikibha ezinesiqubulo esithi “SLIP! SLOP! SLAP!” (Gqoka isikibha, ugcobe umuthi wokuvikela elangeni, ufake nesigqoko.) Kodwa ungakhohliswa ucabange ukuthi ulondekile. Imithi yokuvikela elangeni ayivikeli ngokuphelele.
Ukuhamba ngendiza edlula ezindaweni ezinezikhathi ezihlukahlukene kungabangela ukukhathala. Nakuba kungesona isifo ngokwako, ukukhathazwa ukuhamba ngendiza kungaphazamisa inhlalakahle yomuntu engokomzimba, ikakhulukazi uma engaphilile. Ukuhlolwa kwabahamba ngezindiza phakathi kweLondon neSan Francisco, okunomehluko wamahora angu-8, kwembula ukuthi “ukuzivumelanisa ngokomzimba . . . kwakudinga okungenani izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyishumi.” Incwadi ethi The Body Machine nayo yabika ukuthi ezinye izihambi ezidlula ngokushesha ezindaweni eziningana ezinezikhathi ezihlukahlukene “zithambekele ekuntuleni amandla okukhuluma, zimanqikanqika futhi kunamathuba aphindwe kabili okwenza amaphutha. Ikhono lokugxilisa ingqondo nenkumbulo nakho kuyaphazamiseka.”a
Ngaphezu kwalokho, ukuhamba ngezindiza kubangela ukusakazeka kwezifo emazwekazini amaningi ngamahora nje ambalwa. Iphephandaba laseJalimane i-Nassauische Neue Presse laphawula: “Odokotela bakhathazeke kakhulu ngezifo ‘ezingavamile’ njengomalaleveva noma ukusha kwesibindi ezibuya nezihambi e-Afrika, e-Asia, noma eNingizimu Melika. Minyaka yonke amaJalimane angaba ngu-2000 abuyela ekhaya enomalaleveva.” Ngemva kokuba isifo sezimbilapho sibulale abantu eNdiya ngo-1994, kwathathwa izinyathelo ezinqala zokusinqanda singasakazekeli kwamanye amazwe.
Abantu abanezinkinga zempilo ezingamahlalakhona, kanye nabesifazane abakhulelwe, kufanele baqaphele kakhulu lapho bethatha uhambo. Nakuba ezimweni eziningi singekho isizathu esicindezelayo sokuba abanjalo bangahambeli kwamanye amazwe, kufanele bafune iseluleko sikadokotela wabo kusengaphambili. Kuwukuhlakanipha nganoma ubani osohambweni ukuba aphathe igama, ikheli, nezinombolo zocingo zomngane noma isihlobo esingathintwa lapho kuphakama isimo esiphuthumayo.
Umuntu odinga umjovo we-insulin njalo ukuze lingenyuki izinga likashukela egazini lakhe kumelwe akhumbule ukuthi ukudlula ezindaweni ezimbalwa ezinezikhathi ezihlukahlukene kuyophazamisa ukuhlela kwakhe isikhathi sokudla nesomjovo ngokucophelela. Kuyodingeka ahlele ngokufanele. Futhi, umuntu osohambweni onomshini osiza inhliziyo kufanele aqikelele ukuthi unenombolo yocingo kadokotela wakhe wenhliziyo.
Ngaphezu kwalokho, noma ubani othembele emithini ethile kumelwe ayigcine emthwalweni agibela nawo ngoba imithwalo elahlekile noma edukile ingase ibangele inhlekelele. Ukungashintshi izingubo zokugqoka izinsuku ezimbalwa kungase kungajabulisi; ukungabi nemithi edingekayo amahora ambalwa nje kungasongela ukuphila.
Izingozi zokuya eholidini akufanele zithathwe kalula. Nokho, asikho isizathu esizwakalayo sokuzivumela ukuba zikusabise uze uhlale ekhaya. Kumelwe uqaphe nje. Khumbula: Ukuhlela kahle kunciphisa izingozi ezingase zivele. Landela lesi seluleko esihlakaniphile: “Umuntu ohlakaniphile ubona inkathazo acashe; abayiziwula bangena kuyo futhi bathole isijeziso.”—IzAga 22:3, The New English Bible.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole amacebiso ngalokho ongakwenza ngokukhathazwa ukuhamba ngendiza, bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-June 8, 1986, emakhasini 19-21.
[Isithombe ekhasini 7]
Lapho useholidini, qaphela lokho okudlayo