Ukusiza Izingane Ezinenkinga Yokufunda
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO
USteven unenkinga yokufunda. Njalo uma azi ukuthi uzocelwa ukuba afundele ikilasi, uphathwa isisu.
Naphezu kwemizamo kathisha wakhe, uMaria unenkinga yokubhala kahle. Kumthatha amahora ukuqeda umsebenzi wakhe wesikole.
UNoah ufunda izabelo zesikole ezifanayo ephindelela. Noma kunjalo, uyayikhohlwa indaba ayifundayo futhi uthola amamaki aphansi.
USTEVEN, uMaria noNoah banenkinga yokufunda, evame ukubonakala ngokungakwazi ukufunda okubhalwe phansi. Ngokwesibonelo, abantu abane-dyslexia bavame ukudidanisa izinhlamvu zamagama ezifanayo. Enye inkinga yokufunda i-dysgraphia (ephazamisa ikhono lokubhala) kanye ne-dyscalculia (ukungakwazi ukubala). Kodwa abantu abaningi abanenkinga yokufunda bahlakaniphile.
Izimpawu zenkinga yokufunda zihlanganisa ukwephuza ukukhuluma, ukwehluleka ukuphindaphinda amagama, ukuphimisela ngendlela engafanele, ukukhuluma njengomntwana okuqhubekayo, ubunzima bokufunda izinhlamvu zamagama nezinombolo, ukungakwazi ukuphimisela izinhlamvu zamagama alula, ukudidwa amagama anomsindo ofanayo nokwehluleka ukulandela iziqondiso.a
Ukusiza Ingane Yakho Ukuba Ibhekane Nesimo
Yini ongayenza uma kubonakala sengathi ingane yakho inenkinga yokufunda? Okokuqala, hlela ukuba ihlolwe izindlebe namehlo ukuze kutholakale izimbangela zale nkinga.b Yibe usucela ukuba ihlolwe abezokwelapha. Uma ingane yakho inenkinga yokufunda, iyodinga ukuba uyisekele ngokomzwelo. Khumbula, inkinga yokufunda ayihlobene nokuhlakanipha kwengane.
Sebenzisa noma iziphi izinhlelo ezikhethekile okungenzeka zikhona esikoleni ingane yakho efunda kuso, njengohlelo lokufundiswa okukhethekile. Cela uthisha ukuba abambisane nawe. Mhlawumbe ingane ingavunyelwa ukuba ihlale phambili ekilasini futhi inikwe isikhathi esithe xaxa sokwenza izabelo zayo. Uthisha angayinikeza iziqondiso ezibhaliwe nezomlomo futhi ayivumele ukuba ihlolwe ngokubuzwa imibuzo ngomlomo. Njengoba izingane ezinenkinga yokufunda zivame ukukhohlwa nokungahleleki, kungase kulungiselelwe ezinye izincwadi ezingazisebenzisa ekhaya. Zingase zitholelwe i-computer enohlelo lokuhlola ukupelwa kwamagama ukuze ziyisebenzise ekilasini noma lapho zenza umsebenzi wesikole.
Hlela izikhathi ezimfushane zokufunda nsuku zonke. Kungcono kakhulu uma ingane ene-dyslexia ifunda ngokuzwakalayo ukuze wena njengomzali ube nethuba lokuyisiza. Qale ufunde ngokuzwakalayo wena, bese ucela ingane ukuba ihambisane nawe. Ngokulandelayo, fundani indaba efanayo ngokuzwakalayo ndawonye. Yibe usucela ingane ukuba ifunde yodwa. Mayisebenzise into yokubekisa emshweni ngamunye njengoba ifunda, futhi iphawule amagama anzima. Lokhu kungathatha imizuzu engu-15 kuphela ngosuku.
Ikhono lezibalo lingafundiswa ngezindlela ezingokoqobo, njengalapho ukala izithako zokudla, ukusebenzisa irula lapho kusetshenzwa ngamapulangwe, noma lapho niyothenga. Iphepha elinemidwebo lingase libe usizo ekuxazululeni izinkinga zezibalo. Uma ingane inenkinga yokubhala, zama iphepha elinemigqa emikhulu nepeni lomsizi elikhulu. Izinhlamvu zamagama ezinozibuthe ezinamathela ebhodini lensimbi zingase ziyisize ingane ifunde ukupela amagama.
Kukhona nezinye izindlela eziwusizo zokubhekana ne-ADHD. Ngaphambi kokuxoxa nengane ngenkinga yokufunda, yibuke emehlweni. Thola indawo ethule lapho ingenza khona umsebenzi wesikole, futhi uyivumele ihlabe ikhefu izikhawu eziningana. Zama ukusebenzisa ukungahlaliseki kwayo ngokuyinika imisebenzi edinga ukunyakazisa umzimba, njengokuhamba nenja ishaywe umoya.
Ungaphumelela
Yakhela emakhonweni engane yakho, uyikhuthaze ukuba ithuthukise noma iliphi ikhono enalo. Income futhi uyinikeze umvuzo othile ngekufezile, kungakhathaliseki ukuthi kuncane kangakanani. Caza izabelo zayo ikwazi ukuzenza kalula ukuze ithole ukwaneliseka ngokuzifeza ngempumelelo. Sebenzisa izithombe noma imifanekiso ukuze uyibonise izinyathelo okufanele izilandele ukuze ifeze umsebenzi othile.
Ekugcineni, kubalulekile ukuba osemusha abe nekhono elihle lokufunda, ukubhala nokubala. Qiniseka ngokuthi uma uyigqugquzela futhi uyisiza ngendlela efanele, ingane yakho ingafunda—kodwa ingakwenza ngendlela ehlukile kweyezinye futhi ithathe isikhathi esijana kunazo.
[Imibhalo yaphansi]
a Izinkinga zokufunda zivame ukuhambisana ne-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD), ebonakala ngokungahlaliseki, ukuba namawala nokungakwazi ukugxilisa ingqondo. Bheka i-Phaphama! ka-February 22, 1997, amakhasi 5-10.
b Abafana basengozini ngokuphindwe kathathu kunamantombazane yokuba ne-dyslexia kanye nenkinga yokungahlaliseki.
[Ibhokisi ekhasini 11]
INKINGA YOKUFUNDA IBA USIZO
“Uma ngibheka amagama abhaliwe, ngangivele ngibone amakopolosho nje. Kwakuba sengathi ngifunda ulimi engingalwazi. Amagama ayengasho lutho kimi kuze kube ilapho othile ewafunda ngokuzwakalayo. Othisha babecabanga ukuthi ngiyivila noma ngiyeyisa noma ngangingenzi mzamo wokulalela lapho befundisa. Kodwa kwakungenjalo neze. Ngangilalela futhi ngizama ngamandla, kodwa kwakungehlula ukufunda nokubhala. Ezinye izifundo, njengezibalo, zazilula. Ngisemncane, ngasheshe ngafunda ukunaka izinto ezinjengemidlalo, amakhono omsebenzi, ezobuciko nanoma yini ehilela ukusebenzisa izandla, uma nje ingahileli ukufunda nokubhala.
“Kamuva, ngakhetha ukusebenza ngezandla, ngakho ngaba uchwepheshe womsebenzi wezandla. Lokhu kuye kwaholela elungelweni lokusebenza ezakhiweni ezinhlanu zoFakazi BakaJehova emazweni ahlukene. Ngenxa yokuthi kudingeka umzamo othe xaxa ukuze ngifunde, ngithambekele ekukubambeni ngekhanda okuningi engikufundayo. Njengomfundi weBhayibheli, ngiye ngakuthola kuwusizo lokhu, ikakhulukazi enkonzweni yami yobuKristu. Ngakho esikhundleni sokubheka le nkinga njengobuthakathaka, ngiyibheka njengosizo.”—UPeter, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova esine-“dyslexia.”
[Isithombe ekhasini 10]
Izingane zingakufunda “ukubhala amaphuzu ngezithombe” lapho zilalelisisa