Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 7/8 k. 3-k. 4
  • Umphakathi Wembulunga Yonke Kodwa Osahlukene

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umphakathi Wembulunga Yonke Kodwa Osahlukene
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Bahlangana Ndawonye
  • Okwenza Abantu Bahlale Behlukene
  • Ingabe Inzondo Yobuhlanga Ingathethelelwa?
    I-Phaphama!—2003
  • Liyini Ikhambi Lokubandlululana Kwezizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukunqoba Izithiyo
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Izwe Lingaba Nobunye?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 7/8 k. 3-k. 4

Umphakathi Wembulunga Yonke Kodwa Osahlukene

NGUMLOBELIWE-PHAPHAMA!ENIGERIA

INGABE wake wazizwa izindaba zohlanga lwabantu ababengenawo umlomo futhi ngenxa yalokho bengakwazi ukudla noma ukuphuza? Kuthiwa babephila ngokuhogela, ikakhulukazi ama-apula. Iphunga elibi lalibabulala.

Kwakukhona nezindaba zabantu baseNtshonalanga Afrika ababehweba ngegolide. Ukaputeni womkhumbi wasePortugal ngaleso sikhathi wabika: “Ebangeni elingamamayela angu-200 [amakhilomitha angu-1000] ngalé kombuso [waseMali], kunezwe elinabantu abanamakhanda namazinyo ezinja nemisila enjengeyezinja. Laba abantu abaNsundu abangafuni ukuxoxa ngoba abafuni ukubona abanye abantu.” Leyo kwakungeminye yemibono eyinqaba eyayikholelwa eminyakeni eminingi edlule, ngaphambi kwenkathi yokuhambela nokuthola amazwe.

Abantu Bahlangana Ndawonye

Abantu bebekholelwa izindaba ezinjalo amakhulu eminyaka. Kodwa njengoba abahloli bamazwe babehlola leplanethi, abazange babathole abantu abangenamlomo abahogela ama-apula, nabantu abanamakhanda anjengawezinja. Namuhla akusenamfihlakalo ngalabo abaphila ngalé kwemingcele yethu. Izwe seliwumphakathi wembulunga yonke. Ithelevishini yenza sisondelane namazwe nabantu esingabazi. Ukuhamba ngendiza kwenza kube nokwenzeka ukuvakashela lawo mazwe ngamahora ambalwa; izigidi zabantu zenza kanjalo unyaka ngamunye. Abanye bahanjiswa izizathu zezomnotho noma zezombangazwe. Umbiko we-United Nations Population Fund uthi: “Ngokwezinga elingaziwa emlandweni—futhi ngokuqinisekile elizokhula—abantu emhlabeni wonke bathuthela kwamanye amazwe befuna ukuphila okungcono.” Abantu abangaba izigidi eziyikhulu abahlali emazweni abo endabuko.

Kukhona ukusizana okwandayo ngokwezomnotho phakathi kwamazwe. Uxhaxha lwembulunga yonke lwezokuxhumana, njengesimiso sezinzwa esiyinxanxathela, luxhumanisa wonke amazwe omhlaba. Njengoba kucotshelelwana ngemibono, ukwaziswa, nobuchwepheshe, amasiko ayahlangana futhi asebenzelane. Kuwo wonke umhlaba abantu bagqoka ngendlela efanayo kunanini ngaphambili. Amadolobha omhlaba anezinto eziningi ezifanayo—amaphoyisa, amahhotela kanokusho, izimoto, izitolo, amabhange, ukungcola. Ngakho, njengoba abantu bezwe lonke behlangana ndawonye, sibona lokho abanye abakuchaza ngokuthi ukuqubuka kwesiko lomhlaba.

Okwenza Abantu Bahlale Behlukene

Nakuba abantu namasiko kuhlangana, ngokusobala akubona bonke ababhekana njengabafowabo. “Wonke umuntu uyashesha ukusola umuntu wangaphandle,” kubhala umlobi wemidlalo ongumGreki eminyakeni engaphezu kuka-2000 edlule. Ngokudabukisayo, kusenjalo nanamuhla. Ubufakazi bubonakala emibikweni yamaphephandaba ngobandlululo olungokwenkolo, ukuzonda abantu bangaphandle, “ukuhlanzwa kohlanga,” ingxabano yezinhlanga, izinxushunxushu ezingokwenkolo, ukubulawa kwezakhamuzi ezingabuthiwe, izinkundla zokubulala, amakamu okudlwengula, ukuhlukunyezwa, noma ukuqothulwa kohlanga.

Yiqiniso, kuncane noma akukho iningi lethu elingakwenza ukuze lishintshe ukuqhubeka kwezingxabano zezinhlanga. Zingase zingasithinti ngisho nangokuqondile. Nokho, kwabaningi bethu, izinkinga zibangelwa ukuntuleka kokukhulumisana nabantu bangaphandle esihlangana nabo—omakhelwane, esisebenza nabo, noma esifunda nabo esikoleni.

Ingabe akubonakali kuyinqaba ukuthi abantu bamaqembu ezinhlanga ezihlukene ngokuvamile bakuthola kunzima ukuthembana nokwazisana? Phela, iplanethi yethu inezinto eziningi ezinhlobonhlobo. Iningi lethu liyakwazisa ukudla okuningi okunhlobonhlobo, umculo, nombala kanye nezinhlobo eziningi zezitshalo, izinyoni, nezilwane. Kodwa ngandlela-thile ukwazisa kwethu izinto ezinhlobonhlobo akudluleli ngaso sonke isikhathi kubantu abangacabangi futhi benze izinto njengathi.

Esikhundleni sokubheka izici ezinhle zokuhlukahluka kwabantu, abaningi bathambekele ekugxileni ekungafanini bese bekwenza isisekelo sengxabano. Kubangelwa yini lokhu? Iyiphi inzuzo yokuzihlanganisa nabantu abanesiko elingafani nelethu? Singazinqoba kanjani izithiyo zokukhulumisana? Izihloko ezilandelayo zizozama ukuphendula leyo mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela