Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/22 k. 3-k. 5 isig. 4
  • Qaphela! Abakhohlisi Bafike Ngezinkani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qaphela! Abakhohlisi Bafike Ngezinkani
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphamba Ngokuthengisa Ngocingo
  • Ukukhohliswa Okunzulu Kwezifundiswa
  • Ukuhlasela Asebekhulile
    I-Phaphama!—1997
  • Indlela Ongazivikela Ngayo Kubakhwabanisi
    I-Phaphama!—2004
  • Ukukhohlisa Ngegama Lenkolo
    I-Phaphama!—1997
  • Ungazitholaphi Izimiso Zokuziphatha Okuhle?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/22 k. 3-k. 5 isig. 4

Qaphela! Abakhohlisi Bafike Ngezinkani

CABANGA ngalesi simo. Isiphepho sesidlulile. Imimoya ebhubhisayo ayisavunguzi nezikhukhula aziselona usongo. Abantu abasindile abashaqekile baphuma lapho kade befihle khona amakhanda, kuyilapho buqamama, kuza abantu akade bebalekile abethukile bezohlola umonakalo walesi siphepho. Uphahla lwendlu luphephukile; izihlahla zisiphukile futhi ziwele phezu kwalezi zindlu ezikhamisile. Izintambo zikagesi ziwile, okwenza kungabi nakwenzeka ukushaya izingcingo nokuhlaba umkhosi ngokushesha. Ezinye izindlu, ebeziyindawo yemikhaya ejabulayo, seziyincithakalo—azisenakuvuseleleka. Lomphakathi obunokuthula manje sewuyincithakalo futhi sewuphelelwe yithemba.

Lomphakathi uyabumbana—uzimisela ukwakha kabusha. Omakhelwane bayasizana; abanye kuze kube manje bebengazani ngisho namagama. Abesilisa babolekana amathuluzi futhi bacobelelana ulwazi. Abesifazane baphekela iqembu elisebenzayo kuyilapho izingane esezikhulakhulile zinakekela abantwana. Kuthutheleka abantu abavela kwezinye izindawo abazimisele ngokusiza—abakha uphahla, abagawula imithi, ababazayo nabapendayo. Nokho, phakathi kwalaba kukhona nabakhohlisi, abazimisele ukuxhaphaza abantu abasindile.

Bafuna ngodlí isamba esikhulu sesibambiso ngaphambi kokuba baqale umsebenzi wokuvuselela. Abanikazi bezindlu abakhathazekile banikeza lezi zisebenzi imali yabo, bese zishaya zichitha naleyo mali, zingabe zisabonwa nangokhalo. Abakhi bophahla abathi bayawazi umsebenzi, bavala ngobudlabha izindawo ezivuzayo ezivele zigxize lapho imvula iphinda ina. Beshaya sengathi bazoqasha imishini emikhulu yokusebenza ngosuku olulandelayo, abagawuli bemithi bafuna izizumbulu zamaRandi kusengaphambili. Ababe besabonwa nangokhalo.

Ngaphezu kwalencithakalo nokulahlekelwa kuba khona ubuhlungu benhliziyo kubanikazi bezindlu abaye bakhokha isamba semali yomshuwalense ezinkampanini zomshuwalense ezingasenamali noma zomgunyathi manje esezenqaba ukukhokhela umonakalo noma amahhovisi azo akhala ibhungane, ngoba abanikazi bazo bebalekile. Labo ababa nenhlanhla yokuthola imali yomshuwalense ukuze bakhokhele umonakalo ngokuvamile bathola ukuthi izinkampani ezingathembekile futhi ezingenalo ikhono lomsebenzi yizona ezitholakalayo ukuba zenze umsebenzi kuyilapho lezo ezimbalwa ezinekhono zingenakukwazi ukwenza wonke umsebenzi. Ngenxa yalokho, kwenziwa umsebenzi wezinga eliphansi, okubabangela usizi abanikazi bezindlu abakhathazekile kakade.

Izisulu zenhlekelele zixhashazwa ngokuphindaphindiwe. Lokho okuqala njengomphakathi okhathazekile obumbanayo ukuze wenze okuthile okuhle, kuphenduka usizi kwabanye.

Ngemva kwesiphepho kwelinye izwe, iqhuzu likaswidi lenyuka laba imali engakholeki engamaRandi angu-18, futhi ukuze bathole ukudla kwabantwana okusebhodleleni, omama babekhokha amaRandi angu-27. Kwesinye isitolo amabhetri ayengatholakali uma ungayithengi i-TV noma umsakazo. Abadayisa izinto zokwakha benza imali eshisiwe ngokudayisa izimpahla ngentengo emba eqolo. Kwesinye isimo abanikazi bomahamba-nendlwana babhekana nokunyuka kwamanani okungamaphesenti angu-600 ukuze omahamba-nendlwana babo bakhishwe endaweni eyayinezikhukhula. Ngemva kokuzamazama komhlaba, owesifazane othile oneminyaka engu-84 ubudala ondlu yakhe yayilimele, wathola ucingo olwaluvela kumuntu owayezenza isisebenzi sikahulumeni. Lona wesifazane wayecabanga ukuthi amaphepha awasayina kamuva ayengawesicelo sokuthola usizo kuhulumeni namakhadi okuthola ukudla. Eqinisweni, kwakungawesibambiso esiyindlu yakhe engu-R80 000 ukuze athole usizo lwezimali zokwakha lokho kamuva okwatholakala ukuthi kungumsebenzi wokwakha ongu-R22-000 kuphela.

Ukuphamba Ngokuthengisa Ngocingo

‘Halala, Nkk. S——! Unenhlanhla namuhla.’ Lawa kungase kube amazwi ashiwo umuntu ongamazi ocingweni. ‘Uzuze umklomelo wethu omkhulu . . .’ Abantu abaningi baye bathola izingcingo ezinjalo ezithi “kakade sebewine izizumbulu,” ukuthi imiklomelo yabo “iqinisekile.” “Umklomelo” ozuziwe kungase kube imoto entsha, umshini wokuzijabulisa, noma mhlawumbe indandatho yedayimane.

Ingabe wake wathola ucingo olunjalo olwalukutshela ukuthi uzothola isipho samahhala? Ingabe wajabula wafa? Ingabe kwakungakholeki? Uma wasabela kulolo cingo, ingabe wagcina uwutholile umklomelo wakho? Noma waba yisisulu sokuphanjwa ngokuthengisa ngocingo? Uma lokho kwake kwenzeka kuwe, awuwedwa. Ngokukamagazini i-Consumers’ Research, e-United States kuphela, abantu abaphamba ngocingo baphamba abantu abangaba yishumi umzuzu ngamunye. Unyaka ngamunye abantu abangathembekile baphamba abathengi ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyishumi kuya kweziyizinkulungwane ezingamashumi amane (amaRandi ayizigidi ezingu-44 300 kuya kwayizigidi ezingu-177 200), cishe ama-dollar angu-7500 (R33 250) umzuzu ngamunye.

“Minyaka yonke kulo lonke elaseCanada,” kubika i-Reader’s Digest, “abantu abangaphezu kuka-150 000 bathola izingcingo ezivela kubantu abaphamba ngezingcingo ezibatshela ukuthi ‘bazuze’ noma ‘baye baqokelwa’ umklomelo othile omkhulu. Futhi minyaka yonke izinkulungwane zabantu baseCanada zikhohliswa yilezi zingcingo, zichithe imali elinganiselwa kuma-dollar angu-2000 [R6400] umuntu ngamunye ukuze zithole umklomelo wazo.” Isikhulu esithile seSiteshi Samaphoyisa Sesifunda Sase-Ontario sathi: “Ukuphamba ngezingcingo kungolunye lwezinhlobo eziphambili zokuphamba emlandweni waseCanada.” Siyanezela: “Siyazi ukuthi kudla izigidi zezimali zabantu baseCanada ngonyaka.” Lezi zibalo ngokuyinhloko zimelela lokho okubikwa emaphoyiseni. Nokho, njengoba kulinganiselwa ukuthi yizisulu ezingamaphesenti ayishumi kuphela ezibika ukulahlekelwa kwazo, kunzima ukuthola ngokuphelele izinga langempela lalenkinga.

“Sitshela abantu ukuthi bazuze umklomelo bese bangabe besacabanga,” kuvuma omunye umkhwabanisi. Wanezela: “Bese sibacindezela ukuba bathumele imali, futhi sibacindezela baze bavume.” Lapho isisulu sesikhohlisiwe, igama laso lingase lithengiselwe amanye amafemu athengisa ngocingo bese lifakwa ohlwini “lwezithutha.” Amagama abo angase athengiselwe abanye nabo abazobashayela ucingo ngokuphindaphindiwe. “Lapho sisebenzisa uhlu lwezithutha,” kusho othile owayethengisa ngocingo eToronto, “sithola amaphesenti angu-75 abantu abazothenga lapho sishaya ucingo okokuqala. Leso sibalo sehla sibe ngamaphesenti angu-50 lapho sesibashayela ucingo okwesithathu labo bantu. Kodwa lapho sebebambekile, abanye abantu abaningi ababe besayeka; bafuna ukuthola imali yabo.”

Bayochitha imali engakanani laba bantu abaphanjwe ngocingo njengoba befuna ukuzuza umklomelo omkhulu? Omunye umseshi wathi: “Kuye kwadingeka sicele amabhange ukuba avale ama-akhawunti abanye abantu asebekhulile ukuze bangaphundlwa ngokuphelele.” Omunye wesifazane osanda kuba umfelokazi kwatholakala ukuthi wayethumele imali izikhathi ezingu-36 ezindaweni eziphamba ngocingo ezingu-16, imali engaphezu kwama-dollar angu-85-000 (R272 000). Yena-ke, wathola “inqwaba yamagugu angasho lutho.”

Ukukhohliswa Okunzulu Kwezifundiswa

Nokho, labo abakhohlisa ngalezi zindlela abakhethi. Izisulu zabo zihlanganisa wonke umuntu ngokwezomnotho. Ngisho nabantu okuthiwa bayizifundiswa baye bakhohliswa. Ukukhohlisa okuhleliwe kungaba okufihlekile kangangokuba ngisho nomthengi oqaphelayo angase abe isisulu. Ukukhohliswa kwezinga eliphezulu kwabathengi abayizifundiswa kungase kukhangiswe kuthelevishini noma ezincwajaneni ezinemibala ezithunyelwa ngeposi. Kungase kuhlanganise ukutshala imali okunezinzuzo ezinkulu—ukutshala imali ezinkampanini zezithombe zamabhayisikobho, igolide nezimayini zegolide nemithombo kawoyela. Kubonakala kunohide lwezindawo. Nokho, imiphumela iyefana—ukulahlekelwa ngokuphelele.

Owesifazane othile oyisifundiswa owaba yisisulu wathi: “Izinga abakhohlisa ngalo alikholeki. Njengothisha, ngangicabanga ukuthi ngihlakaniphile. . . . Kwakunohide lwezithembiso.” Walahlekelwa amaRandi angu-88 000 ekukhohlisweni inkampani yezithombe zamabhayisikobho.

Ukuphamba ngokuthengisa ngocingo kuyinkinga yomhlaba wonke. Abacwaningi babikezela ukuthi “kuzoba kubi nakakhulu kuleli shumi leminyaka.” Kodwa, qaphela! Kunezinye izinhlobo zokukhwabanisa, futhi abanye abakhohlisi banezisulu eziyizintandokazi—abantu asebekhulile.

[Isithombe ekhasini 4]

Qaphela abakhohlisi abeza ngemva kwesiphepho!

[Isithombe ekhasini 5]

“Uzuze umklomelo wamahhala!”—ngempela?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela