Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/22 k. 9-k. 10 isig. 3
  • Ukukhohlisa Ngegama Lenkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhohlisa Ngegama Lenkolo
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinhlobo Eziningi Zokukhohlisa Okungokwenkolo
  • Ukuhlasela Asebekhulile
    I-Phaphama!—1997
  • Indlela Ongazivikela Ngayo Kubakhwabanisi
    I-Phaphama!—2004
  • Qaphela! Abakhohlisi Bafike Ngezinkani
    I-Phaphama!—1997
  • Amahlelo—Ayini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/22 k. 9-k. 10 isig. 3

Ukukhohlisa Ngegama Lenkolo

UMA kukumangalisa futhi kukudabukisa ukukhohlisa osekushiwo kuze kube manje, awuwedwa. Kodwa kukhona ukukhohlisa okunengeka nakakhulu—ukukhohlisa ngegama lenkolo. Olunye uhlobo oluvamile luhlobene nenkolelo yokuthi umphefumulo uyaqhubeka uphila ngemva kokufa nokuthi abaphilayo bangabasiza abafileyo. Izigidi zabantu abaqotho emhlabeni wonke ziye zenziwa zakholelwa ukuthi ngokukhokha izizumbulu zemali, zingasiza noma zishweleze kwabathandekayo bazo abafile.

Namuhla, kwamanye amazwe, kunohlobo olusha lwalokhu kukhohlisa okudala. Ngokwesibonelo, muva nje eJapane, abapristi nabapristikazi abangamaBuddha abathi banamandla angokomoya baboshwa ngenxa yokusoleka ukuthi babekhwabanisela amalungu abo esonto amakhulu ezigidi zama-yen. Labo ababoshwa babekhangise ukuthi bayelapha basho nezindawo abatholakala kuzo. Abaya kubo babehlanganisa amakhosikazi amane abawatshela ukuthi ayekhathazwa imimoya yabantwana bawo asebafa. I-Mainichi Daily News yabika: “Khona-ke laba besifazane bacelwa ukuba bakhokhe ingqikithi yama-yen ayizigidi eziyishumi [R354 400] ukuze kwenziwe izinkonzo zesikhumbuzo.” Omunye wesifazane oneminyaka engu-64 ubudala wanikela ngama-yen angaphezu kwezigidi ezingu-6,65 (amaRandi angaba ngu-234 800). Lona wesifazane wayeze kulaba bapristi ezokuzwa ngempilo yomntanakhe. I-Daily Yomiuri yathi: “Kuthiwa batshela lona wesifazane ukuthi wayezovelelwa amashwa uma engenzi inkonzo yesikhumbuzo ekhethekile ukuze akhumbule okhokho bakhe futhi axoshe imimoya.”

Ulwazi olunembile lweBhayibheli lwalungabavikela laba bantu ababengasoli lutho ekukhohlisweni. Likwenza kucace ukuthi umphefumulo uyafa. (Hezekeli 18:4) UmShumayeli 9:5 uthi: “Abafileyo abazi-lutho.” Ngakho abafileyo abanakubalimaza abaphilayo. Futhi abaphilayo abanakubasiza abafileyo.

Izinhlobo Eziningi Zokukhohlisa Okungokwenkolo

Abanye bawela ogibeni lwabakhohlisi abangokwenkolo ngenxa yokuhaha kwabo. Omunye umbhangqwana wase-Australia owathi unekhono elinamandla angaphezu kwawemvelo lokubusisa imali futhi uyenze yande wanikezwa yindoda ethile imali engama-dollar angu-100 000 (amaRandi angu-345 000) eyayifuna yande. Wayitshela ukuba ifake imali ebhokisini bese iyinikeza lombhangqwana ukuze “uyingcwelise.” Lombhangqwana wangena naleli bhokisi kwelinye igumbi ukuze ubusise imali ngesikhathi lendoda ilindile. Lapho ubuya, wayinikeza leli bhokisi, wayidonsa ngendlebe ukuba ingalokothi ilivule kuze kube ngonyaka ka-2000. Kwakuzokwenzekani uma ilivula? Yatshelwa ukuthi “umlingo uyophela, futhi iyoba impumputhe, izinwele zayo ziqothuke, iyophathwa umdlavuza bese ibulawa isifo sokufa uhlangothi.” Nokho, ngemva kwamasonto amabili, lendoda yasola futhi yalivula leli bhokisi. Babeshane! Laligcwele amaphepha ayizicucu. Iphephandaba elalibika ngalesi senzakalo lathi lendoda iyazisola, futhi okumangalisayo, “isiqale ukuba nempandla.”

E-Italy ukukhohlisa okungokwenkolo sekunegalelo elisha: Abanye abapristi baye baphundlwa abakhohlisi abazishaya amaKatolika ashisekayo. Laba bakhohlisi basebenzisa kabi isiko lamaKatolika leMisa lokuphumuza umphefumulo wofileyo. Bakwenza kanjani? Umagazini wamaKatolika i-Famiglia Cristiana uchaza ukuthi laba bakhohlisi bacela ukukhokhela kusengaphambili iMisa lokuphumuza imiphefumulo yabantu abangu-12 ngesheke-mbumbulu elinesamba semali esikhulu kunaleso esifunekayo. Bakhohlisa umpristi ukuba abanikeze ushintshi owukheshe. Abakhohlisi bathola ukheshe, kodwa umpristi athole isheke elingenamali!

E-United States, ngokuvamile asebekhulile bahlaselwa nhlangothi zonke amahlelo enkolo afuna amalungu amasha ukuze enze izizumbulu zemali ngeminikelo yabo. Umagazini i-Modern Maturity wabhala: “Ezweni lonke, amahlelo asebenzisa indlela eyinhloko yokukhohlisa: Yiya kulabo abanemali. Wona-ke athembisa yonke into kusuka empilweni kuya oguqukweni lwezombangazwe kuya embusweni wezulu.” Omunye umuntu oyekisa abantu ukuba amalungu amahlelo wacashunwa ethi: “Asebekhulile bayizisulu ezikhohliseka kalula zamahlelo.”

Kungase kuhileleke izizumbulu zemali. Omunye ummeli waseNew York osesingathe amacala amaningi amahlelo wathi: “Ngazi abantu abaningi abaye bazenza bona baba mpofu. Kusukela kubantu abaye banxenxelwa ukukhokha amakhulu ezinkulungwane [zamaRandi] kuya kulabo abangenalutho ngaphandle kwemali yabo yeSikhwama SikaHulumeni.” Wanezela: “Kuyakhungathekisa—kokubili kubantu ngabanye nasemikhayeni yabo.”

Ngakho qaphela! Abakhohlisi bafike ngezinkani. Ukukhohlisa ngokulungisa izindlu, ukukhohlisa ngocingo nokukhohlisa okungokwenkolo kuyizibonelo ezimbalwa nje zokuthi bakwenza kanjani lokhu. Akulula ukusho wonke amaqhinga abo, ngoba ngaso sonke isikhathi baqhamuka namaqhinga amasha. Kodwa lokhu okuye kwakhulunywa ngakho lapha ngokungangabazeki kuzokwenza uqaphele, futhi mhlawumbe lokho kuwukuphela kwento engakuvikela. (Bheka ibhokisi elisekhasini 8, elithi “Indlela Yokugwema Ukukhohliswa.”) Isixwayiso sesaga seBhayibheli sasendulo sifaneleka kakhulu: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:15.

[Izithombe ekhasini 10]

Izigidi zabantu zikholelwa ukuthi ngokukhokha imali zingasiza noma zishweleze kwabathandekayo bazo abafile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela