Yiba Khona EMhlanganweni ‘Wendlela Kankulunkulu Yokuphila’ Oseduze Nawe!
Lo mhlangano woFakazi BakaJehova wezinsuku ezintathu uqala ngo-September 11 eningizimu ye-Afrika futhi uyoqhubeka kuze kube sekuqaleni kuka-January 1999. Imibuthano engu-21 ehleliwe iyoqhutshwa ngesiBhunu, uLimi Lwezandla, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu.
Ungaphuthelwa yizinkulumo eziningi zeBhayibheli ezishukumisayo nemiboniso. Jabulela nedrama ezuzisayo, egqokelwe ezasendulo enesihloko esithi “Mikhaya—Ukufunda IBhayibheli Nsuku Zonke Makube Yindlela Yenu Yokuphila!” Kungenwa mahhala kuzo zonke izingxenye zesimiso. Nawe umenywa ngemfudumalo ukuba ube khona. OFakazi BakaJehova endaweni yangakini bayokujabulela ukukutshela indawo yomhlangano eseduze nawe.
Uma ungathanda ukufunda i-Phaphama! njalo noma ukuba othile akuvakashele azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, bhalela i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5.