Woza Emhlanganweni Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo”
YEKA isihloko esihle esikhethelwe imihlangano yesigodi ka-1995: “Abadumisi Abajabulayo”! Yilokho kanye oFakazi BakaJehova abayikho. Abadumisi bakabani? Phela, abakaJehova uNkulunkulu!
UJehova akanakulinganiswa, akanakuqhathaniswa, uyingqayizivele ngezindlela eziningi kakhulu. Unamandla onke, unalo lonke ulwazi, ubulungisa bakhe buphelele, futhi uwuthando olwenziwe samuntu. Ufanele ukwamukela ukukhulekela nodumo lwethu, ngaphezu kwabo bonke abanye.
Ngempela sifuna ukuba abadumisi bakhe abajabulayo! Ukuze isisize, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ilungiselele isimiso somhlangano wezinsuku ezintathu, ozoqala ehlobo lika-1995. Lezizinsuku ezintathu ziyojabulisa ngempela, futhi uFakazi kaJehova ngamunye uyofuna ukwenza konke okusemandleni akhe ukuba abe khona kusukela engomeni yokuvula ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube sengomeni yokuphetha ngeSonto ntambama.