Ukungalondeki—Kuyisifo Somhlaba Wonke
INGABE kuke kwenzeke ube nomuzwa wokuthi ukuphila kwakho nendlela ophila ngayo akuvikelekile futhi akuqinisekile? Awuwedwa. Izigidi zabantu zizizwa ngaleyo ndlela. Njengoba kungavinjiwe imigoqo yobuzwe, yenkolo neyezenhlalo, ukungalondeki kusakazeka njengesifo, kukhathaza abantu kuwo wonke amagumbi omhlaba.
Ngokwesinye isichazamazwi, uma ukuphila kwethu kungalondekile, “sihlushwa ukwesaba nokukhathazeka.” Ukukhathazeka kuwumthwalo ongokomzwelo obangela ukucindezeleka, okungaphazamisa impilo yethu. Kodwa kungani sizizwa sikhathazeka futhi singalondekile?
Izinkathazo EYurophu
Emazweni e-European Union (EU), umuntu oyedwa kwabayisithupha udla imbuya ngothi, izigidi ezingu-18 azisebenzi, futhi abanye abaningi bahlalele ovalweni lokulahlekelwa umsebenzi. Emazweni amaningi e-EU, abazali besaba ukuthi abanukubezi bezingane basongela izingane zabo. Kwelinye lamazwe e-EU, abantu ababili kwabathathu bakhathazekile ngenxa yokusongela kobugebengu. Ezinye izakhamuzi ze-EU zizizwa zinokwesaba okwandayo ngenxa yokucekelwa phansi kwezinto ngobudlova, ubuphekula nokungcola.
Ukuphila kanye nezindlela zokuziphilisa kusengozini, hhayi ngenxa yezinkinga ezinjalo kwezenhlalo nje kuphela kodwa nangenxa yezinhlekelele ezingokwemvelo. Ngokwesibonelo, ngo-1997 no-1998, izikhukhula, ukugeleza kodaka nezivunguvungu kwacekela phansi izingxenye ezithile ze-United States. Ngo-1997, izikhukhula zahlasela iYurophu Ephakathi lapho imifula i-Oder neNeisse igcwala idla izindwani. Ngokwe-Polityka yasePoland ephuma masonto onke, kwambozeka izindawo ezinkulu ezingamasimu, amadolobha amakhulu namancane angu-86 kanye namadolobhana angu-900. Ibalelwa ku-50 000 imikhaya eyalahlekelwa isivuno, kanti kwafa abantu abacishe babe ngu-50. Futhi ukugeleza kodaka ngasekuqaleni kuka-1998 kwabulala inqwaba yabantu eningizimu ye-Italy.
Indaba Yokulondeka Komuntu Siqu
Kodwa asiqinisekiswa yini ngokuthi ukuphila kulondeke kakhulu manje kunaseminyakeni eyishumi edlule? Ukuphela kweMpi Yomshoshaphansi akuzange yini kubangele ukuncishiswa kwamabutho empi? Yebo, kungenzeka ukulondeka kwesizwe kuye kwathuthuka. Nokho, ukulondeka komuntu siqu kuthintwa yilokho okwenzeka ekhaya nasemgwaqweni. Uma silahlekelwa umsebenzi noma uma sisola ukuthi kukhona isigebengu esicuthe emnyango noma umnukubezi wezingane, kungakhathaliseki ukuthi izikhali sezincishiswe kangakanani, sizizwa sikhathazeka futhi singalondekile.
Abanye abantu babhekana kanjani nokungaqiniseki kokuphila? Okubaluleke nakakhulu, ingabe ikhona indlela yokwenza ukuphila kwabo bonke abantu—kuhlanganise nokwakho—kulondeke phakade? La maphuzu azocatshangelwa ezihlokweni ezimbili ezilandelayo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
UN PHOTO 186705/J. Isaac
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
FAO photo/B. Imevbore