Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 8/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okufanele Ukwazi—Ngezinhlungu Ezibangelwa Ukukhandleka
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 8/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Inhlekelele Yembulunga Yonke? Ngineminyaka eyishumi, futhi ngasijabulela isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Umhlaba Wethu Uyobhujiswa Yinhlekelele Yembulunga Yonke?” (December 8, 1998) Sangisiza ukuba ngiqonde ukuthi ayikho inhlekelele yembulunga yonke eyobhubhisa iplanethi yethu ngoba uJehova ufuna ukuba siphile lapha emhlabeni oyipharadesi.

J. P., United States

Ukuhlinzwa Ngaphandle Kwegazi Ngifisa ukunibonga ngesihloko senu esithi “Odokotela Sebeshintshe Umbono Ngokuhlinza Ngaphandle Kwegazi.” (December 8, 1998) Ngajabula ngempela lapho ngisifunda, ngoba kwaphumelela kahle lapho ngihlinzwa inqulu. Ngangihlala egumbini elilodwa nomunye owayelashwe ngendlela efanayo, kodwa kuye kusetshenziswa igazi. Ngaphuma esibhedlela lingakapheli isonto. Kodwa yena kwadingeka ahlale ngoba wayesengenwe amagciwane.

N. H., United States

Yeka Ugwayi! Isihloko esithi “Ungawuyeka—Nathi Sawuyeka” sasikhethekile kimi. (December 8, 1998) Ngisanda kuqeda ukufunda iBhayibheli nomuntu obhemayo. Uba khona kuyo yonke imihlangano, kodwa akathuthuki ngenxa yalo mkhuba wakhe. Ngiye ngamnikeza ezinye izihloko ezikhuluma ngokuyeka ugwayi, kodwa ngithandazela ukuthi lesi sihloko ekugcineni simsize ukuba anqobe lesi thiyo.

E. C., United States

Amakhemikhali Nempilo Muva nje ngiye ngaqala izifundo eziphathelene nokuthakwa kwemithi, futhi lapho ngibona umagazini ka-December 22, 1998, wangiheha. Njengokuvamile, niyakwazi ukubeka indaba eyinkimbinkimbi ngendlela yokuba iqondakale kuwo wonke umuntu. Njengoba izinto ezingcolisayo nemikhiqizo yamakhemikhali kuthinta bonke abantu, kungadingeka izivumelwano zomhlaba wonke ukuze kuxazululwe inkinga yokungcola ngokuphelele. Kodwa ubugovu nokuhaha komuntu kwenza kungenzeki lokhu. Siyabonga ngokuthi uJehova uyazi ukuthi angayixazulula kanjani le nkinga ngokuphelele.

C. V., Canada

Ukulahlekelwa Ngabazali Ngiyanibonga ngokubhala isihloko esihle kangaka, esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingaphila Kanjani Ngingenabazali?” (December 22, 1998) Sasiza ekungiqinisekiseni ngekhono likaJehova lokusivikela thina zingane uma silahlekelwa ngabazali. Angikashonelwa ngabazali bami, kodwa ngivame ukuzibuza ukuthi ngingenzenjani uma beshona. Isibonelo esihle sikaHoracio sangikhuthaza kakhulu.

M. J., Trinidad

Izinhlungu Ezibangelwa Ukukhandleka Kunzima ukubonisa indlela ozizwa ngayo lapho uthola isihloko esikhuluma ngenkinga onayo. Kwaba njalo ngesihloko esithi “Lokho Okufanele Ukwazi Ngezinhlungu Ezibangelwa Ukukhandleka.” (December 22, 1998) Nganginalolu hlobo lobuhlungu esihlakaleni, futhi yimanje lapho sengiqaphela khona ukuthi babubangelwe yini. Sangisiza kakhulu iseluleko sokuthi kungabhekanwa kanjani nale nkinga.

S. T., Yugoslavia

Ngisebenzela inkampane ekhiqiza amathuluzi okuvikela izisebenzi ezinhlungwini ezibangelwa ukukhandleka (RSI [repetitive strain injury]). I-RSI isivuse ilukuluku lokwazi kanye nempikiswano, kodwa isihloko senu sasibhalwe kahle kakhulu. Sakhuluma ngale ndaba ngendlela engakhethi nengancikile emibonweni yabanye. Ibhodi yethu yabaqondisi yahlabeka umxhwele kangangokuba ya-oda amakhophi alo magazini ukuze iwathumelele abameleli bayo kulo lonke elaseBrazil.

J. P. M., Brazil

Ngingumama wekhaya onomsebenzi wokuziphilisa ohilela ukulayisha amabhokisi amapulangwe asindayo. Zisuka nje ngazilimaza iqolo, izingalo nezihlakala. Cishe eminyakeni emibili edlule, ngaqala ukwelula imisipha yami imizuzu eyishumi ngaphambi kokuba ngivuke. Ngangicabanga ukuthi loko kuvivinya umzimba kuzongisiza, kodwa lesi sihloko sanikeza izindlela eziwusizo kakhulu zokubhekana nale nkinga. Ngesikhathi esizayo, ngizonikeza labo engisebenza nabo ikhophi yalo magazini.

K. Y., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela