Ukuphila Okumangalisayo Kwezinambuzane
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN
INGABE ucabanga ukuthi izinambuzane zimane nje zinesidina? Ubungathanda ukuba izwe lingabi nazo lezi zinambuzane ezicasulayo? Ingabe uyazifutha, uzishaye noma uzigxobe ngezinyawo njalo uma uzibona? Ngaphambi kokuba ushaye noma isiphi isinambuzane osibonayo, kungani ungazami ukufunda okuthile ngaso? Phela, njengoba inani lazo lilidlulela kude elabantu, kunezinambuzane ezingaba ngu-200 000 000 ngomuntu oyedwa, ungaqiniseka ukuthi aziyi ndawo!
Ukuhlola kafushane ezimbalwa zalezi zidalwa ezimangalisayo kungase kukuqinisekise ukuthi izinambuzane kufanele uzihloniphe.
Izingcweti Zokundiza, Zinamehlo Abukhali
Izinambuzane eziningi ziyizingcweti zokundiza. Cabangela izibonelo ezimbalwa. Omiyane bangandiza bebheke phansi. Abanye bangandiza nasemvuleni kodwa bangabi manzi—bevika amaconsi emvula phela! Eminye iminyovu nezinyosi kubhuza ngesivinini esingaba ngamakhilomitha angu-72 ngehora. Enye inkosi yezimvemvane eNyakatho Melika yandiza amakhilomitha angu-3 010 lapho ifuduka. Onomnyombolotwane (hover flies) bangabhakuzisa amaphiko abo izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu ngomzuzwana—ukuwedlula kude ama-hummingbird. Ojekamanzi bangandiza bahlehle, okuyinto eye yavusa ilukuluku labacwaningi—futhi kwabangela ukuba babahlolisise.
Uma wake wazama ukushaya impukane, uyazi ukuthi lezi zinambuzane zinamehlo abukhali ngendlela emangalisayo futhi zisabela ngokushesha izikhathi eziphindwe kayishumi kunathi. Ngokuthakazelisayo, impukane inamehlo amakhulu, anezinhlangothi eziyisithupha ezinezinkulungwane zamehlo amancane, ngalinye elisebenza ngokwehlukile. Khona-ke, impukane ibona ngezindlela eziningi.
Ezinye izinambuzane zingabona ukukhanya oku-ultraviolet, umuntu angeke akwazi ukukubona ngamehlo. Ngakho-ke, lokhu thina esikubona kuwuvemvane olumhlophe ngokulufifi nje kugqamile ovemvaneni lweduna. Ngempela, uma lubonwa ngokukhanya oku-ultraviolet, uvemvane lwensikazi lunemibala ekhangayo, okwenza izimvemvane ezingamaduna zithatheke.
Amehlo ezinambuzane eziningi abona nhlangathi zonke. Ngokwesibonelo, izinyosi neminyovu kungabona indawo ngamaza okukhanya, okwenza zikwazi ukubona ukuthi ilanga likuphi nendawo esibhakabhakeni—ngisho noma lisithwe amafu. Ngenxa yaleli khono, lezi zinambuzane zingayofuna ukudla kude nezidleke zazo kodwa zikwazi ukuyithola kalula indlela ebuyela ekhaya.
Ziyavutha Kwezothando
Izinambuzane zivame ukusebenzisa imisindo namaphunga ukuze zithole umngane—phela zisuke zifeze lukhulu njengoba ziphila amasonto ambalwa nje futhi bembalwa nabangaba abangane.
Inundu yensikazi ithola umngane ngokukhipha iphunga elinamandla kangangokuthi eyeduna ingalilandela ize ilithole isuka ebangeni elingamakhilomitha angu-11. Izimpondo zayo ezisheshayo ukuzwa zingezwa i-molecule elilodwa lephunga.
Izinyendle, izintethe nezihlonono zikhetha ukwenza umsindo. Ngisho nathi bantu singasizwa isihlonono eseshelayo, njengoba kuvele kube sengathi wonke umzimba waso usuwuqwembe olubanga umsindo. Phela, iqulo lezihlonono ezithandanayo lingabanga umsindo odlula owethuluzi lokubhola elisebenzisa umfutho womoya! Ngokuphambene, ezinye zezinsikazi aziwubangi nhlobo umsindo.
Ukuvuka Nokuzifudumeza
Kubantu abahlala ezindaweni ezibandayo, kubalulekile ukuzigcina befudumele. Kunjalo nangezinambuzane ezinegazi elibandayo, ezivuka njalo ekuseni zibanda ziyiqhwa. Zisizwa yilanga, futhi zisizakala ngempela.
Izinambuzane nezinkubabulongwe zithanda izimbali noma amaqabunga abamba ukushisa kwelanga ekuseni. Ezinye izinkubabulongwe zivame ukuvakashela iminduze yase-Australia esebenza njengezitofu zasengadini, ishisisa izimbali zayo zize zifike cishe ezingeni elingu-20°C. ngaphezu kwezinga lokushisa lendawo ezungezile. Ngokuphambene, izimvemvane zinesimiso sangaphakathi sokuzishisisa. Uma kudingeka zishise, zivula amaphiko azo, asebenza njengama-solar panel, bese ziwabhekisa elangeni.
Noma Yini, Izinambuzane Ziyayenza!
Cishe zonke izinhlobo zezinambuzane zinendima ethile ehlukile, ezinye zazo ziyinqaba ngempela. Ngokwesibonelo, ezinye izinundu zifuna usawoti wokuphila nomswakama ngokumunca izinyembezi zenyathi. Ezinye izinambuzane, ezinesimiso esimelana nokubanda, zihlala ezintabeni zeqhwa futhi ziphile ngokudla izilokazane ezibulawe amakhaza.
Njengoba inkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphawula ezinkulungwaneni zeminyaka ezidlule, intuthwane ikhuthele ngempela. USolomoni wabhala: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.” (IzAga 6:6-8) Ukungabi namphathi kuphawuleka nakakhulu uma ucabanga ukuthi amanye amakoloni ezintuthwane angaba ngaphezu kwezigidi ezingu-20! Nokho, “idolobhakazi” lalezi zinambuzane lisebenza kahle kakhulu, intuthwane ngayinye yenza umsebenzi wayo okhethekile, ukuze lonke ikoloni libe nokudla, livikeleke futhi libe nendawo yokuhlala.
Mhlawumbe isibonelo esithakazelisa kakhulu sokunakekelwa kwekhaya lezinambuzane yisiduli somuhlwa. Ezinye zazo zingamamitha angu-7,5 ubude.a Lezi zimangaliso zezakhiwo zinesimiso sokupholisa umoya nezingadi zesikhunta ngaphansi. Okumangalisa nakakhulu ukuthi umuhlwa owakha le mibhoshongo emide uyizimpumputhe!
Okwenza Sizidinge Izinambuzane
Izinambuzane zifeza indima ebalulekile ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Ngempela, cishe amaphesenti angu-30 okudla esikudlayo ancike ekuthutheni kwezinyosi impova, eziningi zazo okuyizinyosi zasendle. Kodwa ukuthuthwa kwempova kumane nje kungenye yemisebenzi ewusizo eyenziwa izinambuzane. Izinambuzane zigcina umhlaba uhlanzekile ngesimiso sokukhiqiza kabusha esiphumelelayo, njengoba zivundisa izitshalo nezilwane ezifile. Ngaleyo ndlela, zivundisa inhlabathi futhi izakhi eziphumayo zikhulisa izitshalo. Encwadini yakhe ethi Alien Empire, usosayensi wezinambuzane uChristopher O’Toole wabhala: “Ukube izinambuzane bezingekho bekuyogcwala izitshalo nezilwane ezifile.”
Siba khona ngempela isikhala sezinambuzane uma umsebenzi wazo ungenziwe. Cabangela lokho okwenzeka e-Australia, egcwele izigidi zezinkomo. Imihlambi yayivele isakaze ubulongwe nomaphi. Ngaphandle kokuthi wawungabukeki, umquba wawuba yindawo yokuzalela izinsensane—eziwuhlupho kubantu nasezinkomeni. Ngakho-ke kwathunyelwa izinkubabulongwe zisuka eYurophu nase-Afrika. Inkinga yaxazululeka!
Abangane Noma Izitha?
Kuyavunywa, ezinye izinambuzane zidla izitshalo futhi zithwala izifo. Kodwa cishe iphesenti elilodwa kuphela lezinambuzane emhlabeni ezibhekwa njengenkathazo, futhi eziningi zazo zidala umonakalo ngenxa yendlela umuntu ashintshe ngayo indawo ezungezile. Ngokwesibonelo, umiyane othwala igciwane likamalaleveva awuvamile ukuhlasela abantu abahlala ezindaweni ezingamahlathi ezisenkabazwe. Nokho, uyahlasela emadolobheni asemingceleni yamahlathi, lapho kugcwele khona amanzi amile.
Ngokuvamile, umuntu angakwazi ukulawula izinambuzane eziyinkathazo ezihlasela izitshalo, ngokushintshanisa izitshalo noma ngokuletha noma ngokulondoloza izinto ezidla izinambuzane. Amabhungane nama-lacewing awalawula kahle ama-aphid awuhlupho. Kanti eNingizimu Asia, izisebenzi zasemthola-mpilo zathola ukuthi izibungu zojekamanzi ezimbili zingagcina isitsha sokugcina amanzi singenazo izibungu zomiyane.
Ngisho noma zinezithiyo ezithile, izinambuzane ziyingxenye ebalulekile yezwe esithembele kulo. Njengoba uChristopher O’Toole ephawula, nakuba izinambuzane zingaphila ngaphandle kwethu, “thina ngeke siphile ngaphandle kwazo.”
[Umbhalo waphansi]
a Kubantu, okungalingana nazo yimibhoshongo engaphezu kwamakhilomitha angu-9 ukuphakama.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 16, 17]
UKUGUQUKELA KWESINYE ISIMO Ukubukeka Okusha, Indlela Entsha Yokuphila
Ezinye izinambuzane zikushintsha ngokuphelele ukubukeka kwazo phakathi nenqubo yokuguqukela kwesinye isimo (metamorphosis)—ngokwezwi nezwi okusho “ukushintsha isimo.” Izinguquko zingaba nkulu ngempela. Izimpethu zishintsha zibe yizimpukane, izibungu zibe izimvemvane, kanti izibungu zasemanzini ziba ojekamanzi abandizayo. Amakhulu ezinkulungwane zezinambuzane ayaguquka.
Ukuze kube khona ukuguquka okunjalo—okungaqhathaniswa nokushintsha isitimela sibe indiza—kufanele kwenzeke ushintsho olukhulu ngaphakathi emzimbeni wesinambuzane. Ngokwesibonelo, cabanga ngovemvane. Nakuba uvemvane lungenzi lutho uma luseyisiphungumangathi, eziningi zezicubu zalo nezitho zomzimba ziyafa, bese kuvela izicubu zovemvane oludala—njengezimpiko nezimpondo.
Ngokuvamile, ukuguquka kuhilela indlela entsha yokuphila. Ngokwesibonelo, uma useyisibungu, ujekamanzi udla izinhlanzi ezincane noma onoshobishobi; kodwa uma usumdala usuzindizela, uyashintsha udle izinambuzane. Lokhu kungafana nokuba umuntu achithe iminyaka yokuqala engu-20 ebhukuda olwandle abese echitha ukuphila kwakhe konke endiza njengenyoni.
Ingabe ukuziphendukela kwemvelo bekungahlela lezi zinguquko ezimangalisa kangaka? Bekungenzeka kanjani ukuba isibungu simane sizivelele nje, sihlelwe ngendlela yokuba siziguqukele sibe uvemvane? Ucabanga ngalokho, ungathi yini eyaba khona kuqala—isibungu noma uvemvane? Okunye ngeke kube khona kungekho okunye, ngoba uvemvane kuphela oluzalela amaqanda.
Ngokuqinisekile, inqubo yokuguqukela kwesinye isimo inikeza ubufakazi obukholisayo boMklami Omkhulu, iBhayibheli elimchaza njengoMdali wazo zonke izinto, uNkulunkulu uMninimandla onke.—IHubo 104:24; IsAmbulo 4:11.
[Izithombe]
Lusanda kudlula ekubeni isiphungumangathi, uvemvane lwelula izimpiko zalo
[Izithombe ekhasini 18]
Ngenhla: Ibhungane elidla impova
Ngenhla ngakwesokudla: I-“leaf beetle” embozwe amazolo iyazifudumeza
Kude ngakwesokudla: I-“rhinoceros beetle”
[Isithombe ekhasini 18]
Intethe yase-Afrika enezimpondo ezimfushane
[Isithombe ekhasini 18]
Impukane