Ithuluzi Lokufundisa Ngamalungelo Abantu
UMFUNDI oneminyaka engu-17 ubudala, uRut Jiménez Gila, ohlala eGranada, eSpain, wacelwa uthisha wakhe ukuba abhale indaba ekhuluma ngamalungelo abantu. Emasontweni ambalwa ngemva kokuba esiqedile lesi sabelo, wathola isaziso esivela esigungwini sokuhlola saseYurophu, eBrussels, eBelgium, sokuthi wayekhethwe kanye nabanye abafundi abaningana baseSpain, ukuba amelele izwe lakhe. Kamuva wabhalela abanyathelisi be-Phaphama! le ncwadi elandelayo.
“Ngangidinga ukwaziswa kwakamuva okumayelana namalungelo abantu, futhi i-‘Phaphama!’ ka-November 22, 1998, ethi ‘Ingabe Ayoke Ahlonishwe Amalungelo Abantu?,’ yanginikeza khona kanye lokho engangikufuna. Ukuze ngibonise ukusetshenziswa kabi kwamalungelo abantu, ngakhetha nokwaziswa okukwezinye izihloko ze-‘Phaphama!’ okumayelana nekusasa labesifazane nokuQothulwa Kwesizwe. [Bheka umagazini ka-April 8, 1998, noka-August 8, 1998.] Lapho ngicwaninga ngaphawula ukuthi i-‘Phaphama!’ iqukethe ukwaziswa engingeke ngikuthole kwabanye omagazini noma kwezinye izincwadi. Imifanekiso yangikhanga nayo, futhi ngafaka eminye yayo embikweni wami.
“Ngenxa yokuthola umklomelo ngendaba engayibhala, ngachitha isonto eFinland, lapho ngakwazi khona ukukhuluma ngokwengeziwe ngamalungelo abantu futhi ngichaze ukubaluleka kwe-‘Phaphama! ekuqokomiseni izindaba ezibaluleké njengale.
“Ngiyanibonga kakhulu ngokuhlale ningabokuqala ukusazisa ngezenzakalo zezwe. Kwangathi uJehova angaqhubeka enibusisa, ukuze izigidi zabantu ziqhubeke zizuza kulokhu kwaziswa.”
[Izithombe ekhasini 15]
URut nesitifiketi sakhe sokubamba iqhaza