Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
I-cystic Fibrosis Ngifisa ukusho ukuthi ngisazisa kakhulu isihloko esithi “Ukuphila Ne-cystic Fibrosis.” (October 22, 1999) Mina nomyeni wami cishe singontanga bakaJimmy Garatziotis nomkakhe, futhi kuyakhuthaza ukubona intsha enokholo oluqine kangaka naphezu kwezinkinga ezingathi sína.
S. D., Italy
Sekuphele iminyaka ngilinde ukuba kunyatheliswe isihloko esifana nalesi. Mina nomyeni wami sinendodakazi eneminyaka eyisithupha ubudala ene-cystic fibrosis. Ngakho ngasifunda ngokushesha lesi sihloko. Kuyamangalisa ukubona indlela uJimmy Garatziotis awushisekela ngayo umsebenzi wokushumayela, nakuba egula. Futhi kuyaduduza ukwazi ukuthi sinethemba lomhlaba omusha lapho kungeke kusaba khona ukugula.
H. O., United States
Isibonelo sikaJimmy siwubufakazi bokuthi ngisho nalapho sinempilo ebuthakathaka, singenza okuningi ukuze sidumise uJehova.
P. C., Brazil
Izidakamizwa Ngiyabonga ngokuthi nikhiphe izihloko eziwuchungechunge ezithi “Ingabe Izwe Selibuswa Yizidakamizwa?” (November 8, 1999) Ngangivame ukusebenzisa izidakamizwa—i-cocaine, insangu ne-hashish. Futhi ngangiphuza uphuzo oludakayo ngokweqile ngibhema nosikilidi abangaphezu kuka-40 ngosuku. Ukuyeka le mikhuba kwakunzima kakhulu, kodwa uNkulunkulu wangipha amandla. Sekuphele iminyaka engu-9 ngayeka, futhi ngiyabonga ngoba ngakwazi ukuphuma obishini lwaleli zwe ngaphandle kokuthola isifo esibi noma ngigcine ejele. Ngenxa yokuthi ngiyazazi izinkinga ezingokomzimba, ezingokomzwelo nezingokomnotho ezibangelwa ukusebenzisa izidakamizwa ngokweqile, ngithemba ukuthi izihloko ezinjengalezi ziyozithinta izinhliziyo zentsha.
G. M., Italy
Lolu chungechunge lwezihloko ngalusebenzisa lapho ngibhala indaba ngesihloko esithile esikoleni, ngathola amamaki aphakeme futhi nganconywa uthisha wami. Njalo ngiyakujabulela ukufunda i-Phaphama!, ikakhulukazi izihloko ezikhuluma ngezindaba zamuva. Ingisiza ukuba ngibheke ukuphila ngendlela engokoqobo.
I. M., Italy
Izingadi Zesundu Isihloko esithi “Ukuvakashela Engadini Ehlukile” (November 8, 1999) sasingesinye sezihloko ezinhle kakhulu engisanda kuzijabulela muva nje. Ngangizibona ngeso lengqondo ngisePharadesi, ngokucophelela ngihlela ingadi enhle ngaleyo ndlela. Indlela le ndoda ezithanda ngayo izitshalo zayo yangithinta inhliziyo ngempela. Yeka indlela eyazisa ngayo indalo kaNkulunkulu enhle, njengoba nathi sonke kumelwe siyazise!
L. C., Canada
Amahloni Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingawaqeda Kanjani Amahloni?” (November 22, 1999) sangishukumisa kakhulu. Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi ngikuthola kunzima ukuxoxa nabanye, ikakhulukazi emihlanganweni yobuKristu. Ngiyabonga ngokucabanga ngentsha enale nkinga njengami. Ngizozama ukusisebenzisa iseluleko esihle enisinikeze kulesi sihloko.
I. A., France
Izinyoni Eziculayo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Abaculi Ababili Abacula Kamnandi.” (December 8, 1999) Ngangizibona ngeso lengqondo lezi zinyoni zishaya umculo omtoti egatsheni lesihlahla! Nsuku zonke ngibonga uJehova ngokudala izilwane ezisijabulisayo.
Y. S., Japan
Isifo Sikashukela Njengengxenye yezifundo zami ezenziwa ngemva kokuphothula, ngabelwa ukuba ngifundise ngesifo sikashukela. Incazelo elula neshaya emhloleni eyakhishwa esihlokweni esithi “Indodakazi Yakho Inesifo Sikashukela!” (September 22, 1999) yaba usizo kakhulu. Indaba kaSonya Herd yangenza ngabona ukuthi kudingeka ukuba isiguli sibe nolwazi olucacile.
T. K., Brazil