Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izidakamizwa Uchungechunge oluthi “Ingabe Izwe Selibuswa Yizidakamizwa?” (November 8, 1999) lwalucwaningwe kahle. Ngiphethe umnyango weziboshwa ezilengiselwe izigwebo endaweni enentsha eningi eyimilutha yezidakamizwa. Lo magazini uzosiza abaningi ukuba bagqashule emkhubeni wezidakamizwa.
J. T., Germany
Yangikhuthaza kakhulu indaba kaPedro nomkakhe, u-Ana. Izidakamizwa zonakalisa ukuphila kwami iminyaka eyisithupha. Ngokutadisha iBhayibheli nokukhuluma nabanye ngalokho engikufundayo, ngiye ngaqina ngokomoya ngakwazi ukugqashula emkhubeni wezidakamizwa.
D. J., United States
Sekuyiminyaka engu-15 ngifundisa ezempilo esikoleni. Le Phaphama! ifike ngesikhathi ngoba manje sifunda ngotshwala, izidakamizwa nokushayela. Nakanjani ngizokusebenzisa ukwaziswa okukulo magazini!
C. J., United States
Inhlamvu Ye-tagua Selokhu ngaqala ngo-1954 ngizifunda zonke izihloko zikamagazini wenu, futhi njalo ngihlale ngimangazwa izihloko ezichaza izindlela ezihlukahlukene zokusebenzisa izinto uJehova azidalile. Isihloko esithi “Inhlamvu Ye-tagua—Ingabe Ingazisindisa Izindlovu?” sasingesinye salezo zihloko. (November 8, 1999) Siyabonga ngokusenza sikwazise nakakhulu ukuhlakanipha okumangalisayo kukaNkulunkulu wethu.
D. H., United States
Ubuthakathi Siyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Yini Eyisisusa Sobuthakathi?” (November 8, 1999) Abantu abaningi babecabanga ukuthi abathakathi izalukazi ezimbi. Kodwa inhlangano yama-Wicca manje iheha inqwaba yabesilisa nabesifazane abasha. Indodakazi yami nayo yaqala ukuba nesithakazelo kulokhu. Nokho, yayenze isikhokhelo se-Phaphama!, futhi umagazini wokuqala eyawuthola weza nalesi sihloko! Wafika ngesikhathi.
B. H., United States
Izingelosi Ngiyanihalalisela ngokukhipha uchungechunge oluhluba udlubu ekhasini lwesihloko esithi “Liyini Iqiniso Ngezingelosi?” (November 22, 1999) Ekugcineni kwaze kwaba khona onesibindi sokuveza ngendlela ehloniphekile kodwa ethembekile, izingozi zezinkolelo ezisontekile ngezingelosi. Ngawuthanda umfanekiso owawusekhasini 9, obonisa ukuthi izingelosi ngokwazo ziyalwenqaba udumo olungafanele nokuvelela ezikunikwa namuhla.
J.L.A.H., Brazil
Usizi Lokwelashwa Indaba yomkhaya wakwaMajor esihlokweni esithi “Ubunzima Basifundisa Ukuthembela KuNkulunkulu” (November 22, 1999) yangikhuthaza. Indodana yethu ibinezinkinga eziningana zenhliziyo ebezidinga ukuba ihlinzwe. Odokotela bathi, ‘Indodana yenu izokufa uma ingampontshelwa igazi!’ Odokotela baze basehlukanisa mina nomyeni wami ukuze basicindezele kakhulu size sivume ukuba impontshelwe igazi. Kodwa njengabakwaMajor, sathandazela ukuqina nokuba nesibindi. Indodana yethu yahlinzwa kahle futhi isingcono manje. Isiveze isifiso sayo sokubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
B. C., United States
Umyeni wami walaliswa esibhedlela, futhi odokotela bathi angahlala lapho izinyanga. Kwase kungikhathaza kakhulu ukuzama ukunakekela izingane ezintathu kuyilapho kudingeka ngiyobona umyeni wami zonke izinsuku. Abafowethu nodadewethu abangamaKristu bangisiza kakhulu ekunakekeleni izingane. Lapho sengibona sengathi sekungaphezu kwamandla, umyeni wami wadedelwa esibhedlela. Lapho ngifunda lesi sihloko esikhuthazayo, ngamane ngahlengezela izinyembezi ngenxa yozwela kanye nokudabuka ngakho konke umkhaya wakwaMajor owabhekana nakho. Yeka indlela engijabula ngayo ukubona ukuthi bancika kangakanani kuJehova!
J. A., United States