Ingabe Ziyingozi Kangako Ngempela?
NJENGOBA sesibonile, i-Internet yenza ukuba izithombe ezingcolile zitholakale kalula kubantu abadala nasezinganeni. Ingabe kumelwe ukhathazeke? Ingabe izithombe ezingcolile ziyingozi ngempela?
Abaningi bacabanga ukuthi ukuzithi shazí izithombe ezingcolile akulimazi. Nokho, amaqiniso abonisa okuhlukile. Cabangela indaba yombhangqwana owawubonakala ujabula emshadweni. Wawulondekile ngokwezimali, futhi ukuthanda ukuvakasha. Abangane bawo babewubheka njengosondelene nonothando, futhi wawunjalo ngezindlela eziningi.
Nokho, izinkinga zaphakama lapho indoda iqala ukubuka izithombe ezingcolile. Ebhalela umeluleki othandwayo wengosi yephephandaba, umkayo wachaza lokho okwakumkhathaza: “Lapho [umyeni wami] eqala ukuchitha isikhathi esiningi kuyi-computer phakathi nobusuku nangovivi ekuseni, wangitshela ukuthi wayenza ‘ucwaningo.’ Ngelinye ilanga ekuseni ngangena egumbini ayehlezi kulo engalindele ngambhadama ebuka [izithombe ezingcolile] . . . Wathi kwakumane kuyilukuluku nje. Lapho ngikubhekisisa lokho ayekubuka, ngafikelwa ukunengeka. Waba namahloni futhi wathembisa ukuyeka, futhi ngakholwa ukuthi wayeqinisile. Ubelokhu ethembekile—eyindoda yezwi layo.”
Njengale ndoda, ekuqaleni abaningi bahileleka ekubukeni izithombe ezingcolile ngenxa yelukuluku. Benovalo lokuthi bazobanjwa, bavula i-Internet ebusuku kakhulu noma ekuseni ngovivi. Uma bebanjwa, bayaye bazame ukufihla lokho abakwenzayo ngokuqamba amanga, njengoba kwenza le ndoda. Ukhona yini ongasho ngokufanelekile ukuthi awuyona ingozi “umkhuba” obangela ukuba “indoda yezwi layo” inyonyobe ezinzulwini zobusuku futhi iqambe amanga kubantu ebathandayo?
Lo mkhuba ungaholela ezinkingeni zomuntu siqu nezomkhaya ezingathi sína. Abanye bayavuma ukuthi ukubuka izithombe ezingcolile kuye kwabavimbela ukuba bakhe ubuhlobo obuseduze nabanye. Lapho bezitika enkanukweni yabo yezithombe ezingcolile abafuni muntu eduze. Abantu bathambekele ekubeni nemibono eyiphupho lapho bebuka izithombe ezingcolile, futhi amaphupho awamhlomisi umuntu ukuba ahlakulele ubudlelwano obuqinile nabanye noma abhekane nokuphila ngokoqobo. Ingabe ukuzijabulisa okuhlukanisa abantu nalabo ababakhathalela ngempela akulimazi?
Kwezinye izimo abantu ababuka noma bafunde izincwadi ezinezithombe ezigcolile banenkinga yokujabulela ubuhlobo bobulili obuvamile nabangane babo bomshado. Ukuze uqonde ukuthi kungani, cabangela injongo kaNkulunkulu yokuqala ngabantu abashadile. Ngothando wenza ukuba amadoda nabafazi bakwazi ukubonakalisa uthando lwabo ngokujabulisana ngobuhlobo bobulili obuhloniphekile. IzAga 5:18, 19 zibonisa ukuthi lokhu kwakumelwe kujabulise: “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho . . . Amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.”
Phawula ukuthi uthando lwaluyoba isisekelo sobuhlobo bobulili. Ingabe umuntu obuka izithombe ezingcolile uhlakulela isibopho sothando esifudumele nokusondelana? Lutho neze, wanelisa izifiso zakhe zobulili—ezimweni eziningi eyedwa. Indoda eshadile ebuka izithombe ezingcolile ingase iqale ukubheka umkayo njengento nje engelutho—umuntu ophilela ukujabulisa yona nje kuphela. Lokhu kuhluke kakhulu esithunzini kanye nenhlonipho uMdali ayehlose ukuba amadoda ayinike abesifazane. (1 Petru 3:7) Ingabe umkhuba ophazamisa izici zomshado ezijulile ungabhekwa njengofiselekayo?
Ngaphezu kwalokho, lokho umuntu abengase akubheke njengokuzitika kwesikhashana nje kungaholela ekuluthekeni isikhathi eside. Omunye umlobi uyaphawula: “Njengoba imilutha yezidakamizwa idinga izidakamizwa ezinamandla athé xaxa ukuze ‘idakwe,’ abantu ababuka izithombe ezingcolile kumelwe babuke izithombe ezishaqisa ngokwengeziwe ukuze babe nemizwa yokwesasa enjengeyesikhathi esidlule.”
Yilokho kanye okwenzeka endodeni okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko. Ngobunye ubusuku sekuphele izinyangana ngemva kokuthembisa ukuthi yayizoyeka ukubuka izithombe ezingcolile, umkayo wafika ekhaya futhi wayithola ivule i-computer. Isimo sayo senza umkayo wasola ukuthi kukhona okwakushaya amanzi. Wabhala: “Wayebonakala ethukile futhi ephatheke kabi. Ngathi uma ngibheka i-computer, ngathola ukuthi wayekade ebuka izinto ezingcole ngokungakholeki. Wathi wayeqinisile lapho ethembisa ukuyeka ukuzibuka, kodwa wayehluleka ukuhlukana nazo.”
Uma sibheka umonakalo ongabangelwa yizithombe ezingcolile nendlela ezitholakala kalula ngayo, kunesizathu esizwakalayo sokuba ukhathazeke. Ungazivikela kanjani wena nezingane zakho? Isihloko sokugcina salolu chungechunge sizocabangela lowo mbuzo.
[Isithombe ekhasini 6]
Izithombe ezingcolile ziyonakalisa