Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 6/8 k. 31
  • Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kunengqondo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kunengqondo?
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufunda Ezicabucabwini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuziphendukela Kwemvelo Kuyavivinywa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 6/8 k. 31

Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kunengqondo?

NAMUHLA, labo abasekela inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo bathi iyiqiniso. Nokho, kunengqondo kangakanani ukugomela abavame ukukwenza? Cabangela okulandelayo.

Usilika owenziwa yizicabucabu ungenye yezinto eziqine kakhulu ezaziwayo. Ngokwe-New Scientist, “umucu ngamunye unganwebeka ngamaphesenti angu-40 futhi ube namandla aphindwe kayikhulu kunensimbi kodwa unganqamuki.” Wenziwa kanjani lo silika ongavamile? I-Encyclopædia Britannica ichaza ukuthi ujengezi oluyiprotheni luhamba ngamapayipi amancane emzimbeni wesicabucabu, futhi lolu jengezi luyashintsha lube umucu oqinile ngokuhlelwa kwamangqamuzana amaprotheni alo.

I-New Scientist iyaphetha: “Isicabucabu siye savela namacebo aledlula kude ikhono lomthaki wemithi oyingcweti.” Ingabe kunengqondo ukuthi isicabucabu siye saveza icebo lokwakha eliyinkimbinkimbi kangangokuba umuntu akakaliqondi?

Isihloko esikuyi-Wall Street Journal, esalotshwa uPhillip E. Johnson, uprofesa wezomthetho e-University of California, siphawula ukuthi ubufakazi bokuziphendukela kwemvelo buyantuleka kodwa abasekeli bako basabagcona labo abakungabazayo. Lesi sihloko sithi: “Inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo intula ubufakazi ngendlela edabukisayo—kodwa abasekeli bayo abazifuni izizathu ezinhle ezingase zilulaze umbono abanawo emhlabeni wonke.”

Esinye isibonelo esibonisa ukuthi ukuziphendukela kwemvelo akunangqondo, siphathelene nezitshalo. Ososayensi abenza ucwaningo eMorocco bavubukulé izinsalela ezingu-150 ze-archaeopteris, “isihlobo esikhulu esitholakele kuze kube manje sezinhlamvu zezitshalo, okuvela kuso iningi lezihlahla ezikhona namuhla,” kusho i-Daily Telegraph yaseLondon. Umhleli waleli phephandaba wengosi yezesayensi uthi lesi sitshalo “sathonya ukuphila kwanamuhla ngokwenza amaqabunga namagatsha.” “Ukwenza” kusho “ukusungula ngokucabanga.” Ingabe kunengqondo ukuthi isitshalo sinekhono lokucabanga nelokusungula izinto?

USolomoni, owayengomunye wongqondongqondo, useluleka ukuba ‘silonde ikhono lethu lokucabanga,’ sizicabangele thina. Sikhulu ngempela isidingo sokwenza kanjalo.—IzAga 5:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela