Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Umkhathi Ngifisa ukunibonga ngezihloko ezinokwaziswa ngomkhathi wethu omangalisayo, njengesithi “Yini Enye Esemkhathini Ngaphandle Kwamaplanethi?” (July 22, 1999) nesithi “Ukuvakashelwa Kweplanethi Ebomvu Futhi.” (November 22, 1999) Zazithakazelisa ngempela futhi zakhulisa ukwazisa kwethu ngoMdali wethu.
M.A.T., Italy
I-glaucoma Ngafunda isihloko senu esithi “Isixwayiso Ngobumpumputhe” engosini ethi “Ukubuka Okwezwe.” (November 22, 1999) Eminyakeni eyisithupha edlule kwatholakala ukuthi ngine-glaucoma. Njengoba isihloko senu sikubeka, kungenzeka ukuthi abantu abaningi abane-glaucoma ababuzwa ubuhlungu. Nokho, amehlo ami aba buhlungu kakhulu futhi ngivame ukuphathwa ikhanda naphezu kokusebenzisa umuthi wamehlo nsuku zonke. Kungenzeka yini ukuthi abanye abafunda isihloko senu bangase baphethe ngokuthi i-glaucoma ayizibangeli izinhlungu?
H. M., Japan
Isihloko sethu esifushane sasingeyona ingxoxo eningiliziwe yalesi sifo esibi. Isihloko esithi “I-‘glaucoma’—Umphuphuthekisi Onyenyelayo!” esikumagazini wethu (wesiNgisi) ka-May 8, 1988, saxoxa ngaso kabanzi, futhi savuma ukuthi ngempela ezinye iziguli ziba nezinhlungu.—ED.
Umntwana Ozalwe Ngaphambi Kwesikhathi Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga ngesihloko esithi “Ubunzima Basifundisa Ukuthembela KuNkulunkulu.” (November 22, 1999) Sasikhuluma ngomkhaya wakwaMajor nendodakazi yabo enhle uJoAnn. Lapho udadewethu omncane eseneminyaka emibili kwatholakala ukuthi wayene-autism. Ukubhekana nokugula kukadadewethu kunzima futhi kuwuvivinyo, kodwa okuhlangenwe nakho kwabakwaMajor kuye kwasenza saqaphela nakakhulu ukuthi kubaluleke kangakanani ukuncika kuJehova, naphezu kwalokho esingase sibhekane nakho ekuphileni.
M. C., United States
Indodakazi yethu noJoAnn bangontanga, bazalwa ngo-1992. Lapho izalwa yayinesisindo esingamagremu angu-700 nje kuphela! Odokotela basikisela ukuba impontshelwe igazi. Omunye udokotela waze wathi yayizokhubazeka ubuchopho uma singavumi ukuba impontshelwe igazi. Kodwa sathandaza kuJehova futhi sakwazi ukuma siqinile. Namuhla isiyafunda esikoleni futhi akunazimpawu zokukhubazeka kobuchopho.
C. H., Japan
Ngingunkosikazi nomama wezingane ezintathu. Ngenxa yokuthi umyeni wami akasebenzi, asitholi mali futhi asinawo umshuwalense wempilo. Kodwa indaba kaJoAnn nomkhaya wakubo iye yangisiza ukuba ngibhekane nokuphila usuku ngalunye. (Mathewu 6:34) Ngiyabonga ngokungikhumbuza ukuthi ngingazethembi kodwa ngithembele kuJehova ukuze ngithole amandla okubhekana nesimo.
K. A., United States
Ikhulu Lama-20 Ngibhala mayelana nochungechunge oluthi “Ikhulu Lama-20—Iminyaka Yoshintsho Ebucayi.” (December 8, 1999) Kwangihlaba umxhwele ukwaziswa okucacile enakunyathelisa okukhuluma ngezikhathi ezinzima esiye sabhekana nazo ekhulwini lama-20. Ngabona nendlela ubudlova obusibhubhisa ngayo isintu kancane kancane. Ngiyanihalalisela ngomsebenzi omuhle eniwenzayo.
W. G., Puerto Rico
Ukwatapheya Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Ukwatapheya—Isithelo Esinemisebenzi Eminingi Ngempela!” (December 22, 1999) Ngicabanga ukuthi abaningi bayosijabulela ngempela leso sihloko. Ngaqala ukudla ukwatapheya nginezinyanga ezingu-9 ubudala. Lapho sengineminyaka emithathu, ngafunda ukwenza i-guacamole. Manje sengineminyaka eyishumi. Futhi bengicabanga ngabantu abangawudli nhlobo u-anyanisi, obalwe njengengxenye yendlela yokupheka eyasikiselwa yisihloko senu. Ngakho lapho ngipheka i-guacamole, ngisebenzisa ukwatapheya, ijusi kalamula, usawoti, isobho elinopelepele nogaliki ogayiwe.
N. E., United States
Siyabonga ngokusikisela kwakho!—ED.