Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ubufakazi Bendalo Njengoba ngangisebenza nososayensi iminyaka eminingi, babehlale bengicasula uma bethi ukukholelwa endalweni kuwubulima. Uchungechunge oluthi “Ukubona Okungaphezu Kwalokho Amehlo Akho Angakubona” (August 22, 2000) luyimpendulo enhle yezinkulumo ezinjalo. Emakhasini ambalwa nje, nanikeza ubufakazi obukholisayo bendalo. I-Phaphama! kufanele inconywe ngokubhalwa nokucwaningwa kwayo okusezingeni eliphezulu.
B. E., New Zealand
Ngitadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi ukholo lwami ekutheni uNkulunkulu ukhona lwaqina ngempela lapho ngihlola ukwaziswa okukhuluma ngama-athomu, amangqamuzana ne-DNA.
T. K., Japan
Manje sengingachaza ukuthi kungani sinothingo, kungani utshani buluhlaza nokuthi liyini i-athomu. Nakuba i-Phaphama! ingewona umagazini wesayensi, iveza ubufakazi obungokwesayensi obusekela ukukholelwa kuMdali.
M. F., United States
Ukululama Ngaphandle Kokumpontshelwa Igazi Isihloko esithi “Indaba Kanembeza” (August 22, 2000) sangithinta ngokujulile. Ngazithola ngisesimweni esifana ncamashí lapho kutholakala ukuthi ngine-acute promyelocytic leukemia. Okwenzeka kimi ngemva kwalokho kucishe kufane nalokho okwenzeka kuDarlene. Ngatshelwa ukuthi ngisalelwe izinsuku ezimbalwa kuphela zokuphila. Sekuphele iminyaka emithathu manje.
A. B., Germany
Ukuhlukunyezwa Ngokobulili Ngifisa ukubonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?” (August 22, 2000) Esikoleni babengibiza ngenqwaba yamagama ayiziswana ngoba ngangingahlanganyeli ekuziphatheni kabi ngokobulili. Lapho sengiqedile esikoleni, ngangicabanga ukuthi kuzophela ukuhlukunyezwa, kodwa amantombazane amaningi aye asho izinkulumo ezisikisela ubulili kimi. Ukwenza izinkolelo zami zobuKristu zaziwe kuye kwangisiza ukuba ngimelane nokweshelwa okunjalo. Siyabonga ngokusipha lokhu kudla okungokomoya.
H. C., Zambia
Lesi sihloko siye sangisiza kakhulu. Umfana engifunda naye ibanga lokuqala uhlale engigqolozele. Manje sengiyazi ukuthi kufanele ngenzenjani.
H. K., United States
Safika ngesikhathi! Ngiyahlukunyezwa ngokobulili emsebenzini. Ngase ngikhathele ngokomzwelo. Lapho ngibona ukuthi angisakwazi ukumelana nalesi simo, kwafika lesi sihloko. Manje sengiyazi ukuthi kufanele ngisebenzelane kanjani nabantu engisebenza nabo.
L. T., United States
Idolobha LaseRussia Njengoba inkampani yami isebenzelana namanye amazwe, ngiyakujabulela ukufunda izihloko ezikhuluma ngamazwe ahlukahlukene. Omunye engisebenza naye unendodana ehlala eRussia, ngakho ngamtshela ngesihloko esithi “Ukuvakashela ‘Edolobheni LaseRussia Elidala Kunawo Wonke.’” (August 22, 2000) Wajabula ukuthola lesi sihloko, futhi ngemva kokusifunda wacela omunye umagazini we-Phaphama! Ngamnikeza oka-May 22, 2000, onesihloko esithi “Iwashi LasePrague Eliyinqaba.” Lokhu kwabangela ukuba amukele isikhokhelo se-Phaphama! Ngiyabonga ngokusinikeza ukwaziswa okubaluleke kangaka.
S. O., United States
Isitshulu Esiyisobho? Ngacabanga ukuthi ngizame indlela yokupheka isitshulu saseHungary esesihlokweni esithi “Isinongo Esanqamula Amazwe.” (September 8, 2000) Konke kwakuhamba kahle kwaze kwaba yilapho ngifika engxenyeni ethi ngithele amalitha amabili amanzi. Isitshulu sami saphenduka isobho esikhundleni sokuba yisitshulu esiboniswe esithombeni. Ingabe yimina engingayiqondanga kahle indlela yokusenza?
L. P., Canada
Cha, senza iphutha ngokubiza lesi sidlo ngokuthi isitshulu, ngoba le ndlela eyokwenza isobho lesitshulu saseHungary. Ezinye izincwadi zisikisela ukuba usebenzise amanzi amancane kunalokho thina esakutusa. Kodwa ngokuthakazelisayo, abanye abafundi baye bayizama le ndlela futhi babhala bathi bayijabulela!