Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe Ufuna Ukufunda Olunye Ulimi?
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Izihloko Zentsha Ngineminyaka engu-12 ubudala futhi ngiyakujabulela kakhulu ukufunda omagazini benu. Ngaphambi kokuba ngiqale ukufunda omagazini benu, kwakunzima kakhulu ngami ukuzwana nabangane bami ngoba bonke babebadala kunami. Kodwa ngemva kokufunda izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ,” sekulula ngami ukuzwana nabo. Ngiyabonga ngomagazini benu. Bawusizo kakhulu.

N. I., Russia

Ukufunda Ulimi Ngiyabonga ngokusikisela okuwusizo esihlokweni esithi “Ingabe Ufuna Ukufunda Olunye Ulimi?” (January 8, 2000) Ngaqala ukufunda iSpanishi eminyakeni emibili edlule, futhi ukulwazi lolu limi kuye kwaba usizo kakhulu. Emhlanganweni wezizwe wamuva nje, ngiye ngakwazi ukusiza amaKristu amaningi esikanye nawo avela kwamanye amazwe.

K.L.R., Brazil

Sekuyiminyaka emithathu manje ngifunda isiFulentshi, futhi kumelwe ngibonge ngalesi sihloko. Sasikhuthaza kakhulu! Sengiqale phansi ngokuzimisela ukuqhubeka nezifundo zami, ngiyethemba futhi ngithandazela ukuthi ngolunye usuku ngikwazi ukusebenzisa amakhono ami okukhuluma olunye ulimi esicini esithile senkonzo yobuKristu.

L. C., United States

Lapha eBavaria kunabantu abaningi bakwamanye amazwe. Nakuba abaningi bekhuluma isiJalimane, bazamukela kangcono izindaba ezinhle zeBhayibheli uma bezizwa ngolimi lwabo. Njengoba abaningi bevela eRussia, nganquma ukufunda ulimi lwabo. Niqinisile uma nithi lokhu kuyinselele. Nokho, ngiye ngasinqoba isithiyo sokuqala, okungukuthi, ukufunda izinhlamvu zolimi lwabo—izinhlamvu zalo manje aziseyona inkilayitheka kimi.

B. K., Germany

Nasikisela ukulalela amakhasethi ngesikhathi ushayela ukuze ufunde olunye ulimi. Ngicabanga ukuthi akuwona umbono omuhle ukusikisela ukuba senze into edinga ukugxilisa ingqondo lapho sishayela. Lokhu kungabangela ingozi.

K. S., Japan

Sabuza izinhlangano eziningana zokuphepha kwezimoto, futhi ayikho eyasinikeza imiphumela yocwaningo ebonisa ukuthi ukulalela amakhasethi afundisayo lapho ushayela kungabanga ingozi njengoba nokulalela umculo noma ukuxoxa nabagibeli kungeke kuyibangele ingozi. Noma kunjalo, siyasazisa isikhumbuzo sokuqapha lapho ushayela.—ED.

Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi Ngithanda ukunibonga ngochungechunge lwezihloko ezithi “Isidingo Esikhulayo Sokwelapha Nokuhlinza Ngaphandle Kwegazi.” (January 8, 2000) Lwasiza ekulweni nokubandlululwa koFakazi BakaJehova. Ngahamba nedlanzana lomagazini emsebenzini futhi ngabanika engisebenza nabo. Phakathi nekhefu lasemini, ngabona omunye esisebenza naye ewufunda ngokuzimisela lo magazini. Kamuva weza kimi wathi: “Bengingaqapheli ukuthi lo magazini unezihloko eziningi kangaka ezimnandi!”

I. S., Czech Republic

Izinambuzane Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukuphila Okumangalisayo Kwezinambuzane.” (January 8, 2000) Lokhu kwaziswa kwakubhalwe ngobuchwepheshe, akungabazeki ukuthi kwenziwa ucwaningo olunzulu. Ngangifuna ukubukela i-TV, kodwa kunalokho ngafunda le Phaphama! Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngabona ukuthi ngangizisizile.

O. K., France

Ngenxa yokungabi nencazelo enengqondo yokuthi kungani kukhona izinambuzane, ngaphetha ngokuthi uJehova wazenza ukuze aqiniseke ukuthi abantu bagcina amakhaya abo ehlanzekile. Kodwa lesi sihloko sangibonisa ukuthi izinambuzane ziyingxenye yendalo esingafunda kuyo okwengeziwe ngoMdali wethu omuhle kakhulu.

A. A., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela