Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 10/22 k. 31
  • Umzamo Wokukhipha IVatican Kuyi-UN

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umzamo Wokukhipha IVatican Kuyi-UN
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IVatican II—Iyisibusiso Noma Iyisiqalekiso?
    I-Phaphama!—1993
  • UKUHAMBELA KUKAPAPA KUYI-UN KWAFEZANI?
    I-Phaphama!—1996
  • Izizwe Ezihlangene—Indlela Engcono?
    I-Phaphama!—1991
  • UHulumeni Wezwe—Ingabe IZizwe Ezihlangene Ziyikhambi?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 10/22 k. 31

Umzamo Wokukhipha IVatican Kuyi-UN

INGOSI yezindaba ezinze eRome i-Inter Press Service (IPS) yabika ukuthi “umfelandawonye wezinhlangano ezizimele [non-governmental organisations (ama-NGO)] ezingaphezu kwezingu-70 zamazwe ngamazwe uye wasungula umkhankaso wembulunga yonke wokukhipha iVatican eZizweni Ezihlangene.” Okwamanje, iVatican iyingqapheli nje, noma umbuso ongelona ilungu lenhlangano ye-UN. IVatican ibilokhu ikuleso simo kusukela ngo-1964.

Kungani leli qembu lama-NGO, elase lenyuke laba yizinhlangano eziyikhulu emhlabeni wonke ngo-April nyakenye, limelene nesikhundla seVatican kuyi-UN? Ngoba ama-NGO aphikisa ngokuthi iVatican iwumkhandlu ongokwenkolo hhayi umbuso wezombangazwe. UFrances Kissling, umongameli we-Catholics for a Free Choice, watshela i-IPS ukuthi lo mfelandawonye awumelene nelungelo leVatican lokuzwakalisa umbono wayo, kodwa “inkinga yilungelo lalo mkhandlu ongewona owezombangazwe lokuba nesikhundla kohulumeni.”

U-Anika Rahman, umqondisi we-International Programmes eCentre for Reproductive Law and Policy, uyavuma. I-IPS yamcaphuna ethi “uma i-UN iphatha iSigungu SikaPapa njengombuso onamalungelo ahlala njalo okuba yingqapheli ngenxa nje yegunya laso elingokwenkolo, le ndikimba yomhlaba wonke ivula ithuba lokuba nezinye izinkolo zifune isikhundla esifanayo.” Wanezela: “Ukuze kuqinisekiswe ukuthi iZizwe Ezihlangene azithuthukisi inkolo ethile, izinhlangano zenkolo ezinjengeSonto LamaRoma Katolika akufanele zivunyelwe ukuba zihlanganyele kulo mkhandlu njengemibuso engeyona eyezombangazwe.”

Kodwa kuthiwani ngombono wokuthi iVatican iwumbuso ngakho-ke iyasifanelekela isikhundla sayo samanje? “Leyo yinkulumo eyindida,” kusho uNksz. Kissling engxoxweni. “Sithi ngokuyinhloko lokhu kuyincazelo yangekhulu le-15 leminyaka yobubusi nokuthi empeleni iSigungu SikaPapa siyindikimba ebusa izinkolo.” Wanezela ngokuthi amagama athi “iVatican” nelithi “iSigungu SikaPapa” womabili “angamagama anomqondo ofanayo asho iSonto LamaRoma Katolika.”

Ukungasifuni kwama-NGO isikhundla samanje seVatican kuyi-UN kubangelwa umbono weVatican ezindabeni ezithinta abantu. Ngokwesibonelo, iVatican iye yasebenzisa izingqungquthela ze-UN ezinjengeNgqungquthela Yomhlaba Wonke Yomphakathi Nentuthuko Yabantu ka-1994, eCairo, neNgqungquthela Yabesifazane ka-1995, eBeijing, ukuze izwakalise imibono yayo eqinile emelene nokuhlela umndeni. I-IPS iphawula ukuthi: “Njengoba i-UN yenza izinqumo zayo eziningi ngevoti, amazwi aphikisayo njengaweVatican aye aphazamisa izingxoxo eziphathelene nenani labantu, ukuvimba inzalo, amalungelo abesifazane nokunakekelwa kwempilo yabakhulelwe.”

NgokukaNksz. Kissling, “iVatican kufanele ifeze indima efanele njenge-NGO—njengawo wonke amanye ama-NGO amelela amaSulumane, amaHindu, amaBuddha, amaBahai nezinye izinhlangano zenkolo.” Lo mfelandawonye ufuna ukuba uNobhala-Jikelele we-UN, uKofi Annan, futhi ekugcineni noMkhandlu-jikelele we-UN, babukeze ngokomthetho indima yeVatican kule ndikimba yezombangazwe enkulu yomhlaba wonke.”

[Izithombe ekhasini 31]

Isikhulu seVatican sikhuluma kuyi-UN

[Imithombo]

UN/DPI Photo by Sophie Paris

UN photo 143-936/J. Isaac

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela