Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ikhulu Lama-20 Ngiyanihalalisela ngomsebenzi ofundisayo eniwenzayo. Njengomlobeli wezindaba zezombangazwe nezempi, ngizibheka ngeso elibukhali izihloko engizifundayo. Kodwa uchungechunge oluthi “Ikhulu Lama-20—Iminyaka Ebucayi Yoshintsho” lwaludl’ ubhedu. (December 8, 1999) Isithombe esisesembozweni saziveza kahle izenzakalo ezivelele zaleli khulu leminyaka.
A. P., Angola
I-melatonin Nokucindezeleka Ngakhangwa yisihlokwana esithi “Ubusuku Obude” engosini ethi “Ukubuka Okwezwe.” (March 8, 2000) Ngisebenza esikhungweni esicwaninga nge-melatonin, futhi kubonakala sengathi isihlokwana senu sasinganembile. Uma kuwukuthi i-melatonin ibangela ukucindezeleka ngezikhathi ezithile zonyaka, inkinga kusuke kuwukunqwabelana kwale hormone hhayi ukuntuleka kwayo.
X. Y., France
Manje kubonakala sengathi ukuhlobana kwe-“melatonin” nokucindezeleka ngezikhathi ezithile—uma kukhona—akuqinisekile. Muva nje, abacwaningi babonise ukuthi inkinga kungase kungabi yizinga le-“melatonin,” kodwa indlela ubumnyama obungaphazamisa ngayo ukukhiqizwa kwe-“melatonin.” Kusobala ukuthi kunocwaningo oluthé xaxa okusafanele lwenziwe ngaphambi kokuba kufinyelelwe iziphetho eziqinile.—ED.
Iphutha Lesithombe? Ngangisesibhedlela ngifunda umagazini ka-January 8, 2000, onochungechunge oluthi “Isidingo Esikhulayo Sokwelapha Nokuhlinza Ngaphandle Kwegazi,” lapho kungena udokotela ophethe wezifo zenhliziyo neqembu labafundi. Wathi umugqa we-EKG (electrocardiogram) ovezwe esembozweni uhlanekezelwe.
J. T., England
Lo mugqa wafakwa ngenjongo yokuhlobisa. Waboniswa izisebenzi ezithile zokwelapha ngaphambi kokunyatheliswa; nokho, ezinye izisebenzi zezokwelapha eziye zabona lesi sithombe zivumelana ngazwilinye ukuthi sadwetshwa ngendlela engafanele. Siyaxolisa ngalelo phutha.—ED.
Ukuyeka Ugwayi Bengiyixhwele likagwayi nensangu futhi ngiwumlutha wotshwala ne-cocaine kuze kube muva nje. Ngazama kaningi ukuyeka kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngaqala ukuyeka ukuzinyeza lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. Ngenxa yosizo lukaJehova, angikaze ngidle zidakamizwa noma ngibheme kusukela ngo-January. Zibuhlungu kakhulu izimpawu zokuqaleka. Kusukela ngo-January, ubuthongo abehli kahle. Umagazini ka-March 22, 2000, onochungechunge oluthi “Indlela Ongakuyeka Ngayo Ukubhema” wangisiza ngabona ukuthi inkinga yobuthongo enginayo iwuphawu lokuqaleka, hhayi ukuthi ngiyasangana! Ngibonga kakhulu.
D. M., United States
Lapho ngifunda indlela enikuchaza ngayo ukuqalekela ugwayi, ngakhumbula isimo engabhekana naso. Ekuqaleni ngangicabanga ngogwayi njalo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwadlula izinsuku, amasonto, ngisho nezinyanga ngingacabangi ngogwayi. Ngokuqinisekile uJehova wangisiza ngemva kokuba ngifungile ukuthi ngeke ngiphinde ngibheme. Lokho kwenzeka eminyakeni engu-20 edlule, futhi kusukela ngaleso sikhathi eqinisweni angiphindanga ngabhema.
D. A., Italy
Amabhu Ngiyabonga kakhulu ngokunyathelisa isihloko esiphathelene nebhu i-emperor esithi “Lapho Uthando Lungaboni.” (March 22, 2000) Likhona engalithola egcekeni kwami. Lapho kufika elesibili, ngawathwebula isithombe esavezwa esiteshini se-TV sendawo. Ngiwazisa ngempela umsebenzi wokuzikhandla nocwaningo oluhilelekile ekuhleleni labo magazini.
I. K., United States
U-El Niño Ngifisa ukunibonga ngesihloko esifundisayo esithi “Yini U-El Niño?” (March 22, 2000) Eqinisweni, ngangizwa wonke umuntu ekhuluma ngo-El Niño ngo-1998, kodwa ngangingazi nhlobo ukuthi bakhuluma ngani. Ngathola incazelo kumagazini engawulethelwa ekhaya! Isihloko senu sasisifushane kodwa sifundisa ngempela.
U. N., United States