Ukusetshenziswa Kwesithi “Ukubuka Okwezwe” Esikoleni
U-EDELMIRA, intombazane yase-United States eneminyaka engu-15 ubudala, wasebenzisa umagazini i-Phaphama! ngokuhlakanipha esikoleni. Ebhalela abashicileli bawo, wathi:
“Njalo ngoLwesihlanu sinesabelo sokubika ngodaba olusematheni. Ngafunda i-Phaphama! ka-April 22, 2000, ngase nginquma ukusekela umbiko wami esihlokweni esithi ‘Inkampani Kagwayi Iyavuma Ukuthi Ukubhema Kubanga Umdlavuza’ engosini ethi ‘Ukubuka Okwezwe.’ Ngawufingqa ngase ngiwufundela ikilasi. Uthisha nabafundi balalelisisa. Lapho ngiqeda, intombazane ethile ekilasini yangibuza—phambi kwalo lonke ikilasi—ukuthi kungithathe isikhathi eside yini ukuthola ukwaziswa kwami. Ngayinika le Phaphama! Yaqala ukuyifunda ngentshiseko, futhi umfana osebandleni lakithi ofunda nale ntombazane ekilasini lesifundo esilandelayo wathi lapho eyibona, yayisawufunda lo magazini. Manje le ntombazane ithi ifuna ukuthola bonke omagazini be-Phaphama! nomngane wawo INqabayokulinda.
“Lesi simo sangenza ngaziqhenya ngokuba omunye woFakazi BakaJehova. Sangifundisa ukuthi sinamathuba amaningi ngempela okukhuluma ngoJehova.” Ephetha incwadi yakhe, u-Edelmira uthi: “Ngifisa ukunibonga ngokuzikhandla kwenu ekwenzeni lab’ omagazini. Sizani niqhubeke ninyathelisa ingosi ethi ‘Ukubuka Okwezwe’!”