Amaqembu Emitshingo Yotshani Emangalisayo AseSolomon Islands
Ngumlobeli we-Phaphama! eSolomon Islands
WAKE wazama ukudlala umtshingo? Isu lokuphefumula elidingekayo lingakushiya ucobekile. Kodwa ake ucabange udlala imitshingo engamamitha amabili ubude namasentimitha amahlanu ububanzi futhi edinga ukuba unyakazise umzimba wonke ukuze ikhiphe umculo. Uma uhlanganisa engu-40 yale mitshingo, usunelinye lamaqembu emitshingo yotshani emangalisayo yaseSolomon Islands. Yebo, wonke amathuluzi omculo kuleli qembu enziwe ngotshani! Izinhlobonhlobo eziningi zotshani emahlathini aminyene aseSolomon Islands zenza imitshingo ikwazi ukukhipha umculo osukela endleleni yokuqala ephakeme kakhulu kuya ebhesini endondayo.
Ake sivakashele eshabhu laseHoniara, lapho ababethi beNarasirato Pipers belungisa imitshingo yabo futhi bezilolonga ngaphambi kokuba baye ekhonsathini eTaiwan. Amanye amathuluzi anemitshingo emithathu, ecushwa ngendlela yokuba ikhiphe amanothi amathathu kanyekanye. Abaculi babamba le mitshingo emithathu ndawonye bese beyishaya kancane etsheni eliyisicaba ukuze baqiniseke ukuthi imisindo iyavumelana. Uma ingavumelani, kususwa ucezwana ekugcineni komtshingo ophuma eceleni. Le mitshingo ayibethwa. Kuboshelwa injoloba ekugcineni komtshingo ngamunye, bese ithuluzi lonke lishaywa phansi enhlabathini. Yeka ukukhala komculo okumnandi!a
Kunzima ukuchaza umsindo njengoba imitshingo iqala “ukucula.” Ngezinye izikhathi umsindo upholile; ngezinye izikhathi uvala izindlebe. Umculo ngamunye unendlela yokuwudansela, futhi abaculi behla benyuka beshintshana ngezikhundla njengoba bedlala. Ngezinye izikhathi umculo uyethusa, kodwa ezikhathini eziningi umnandi wenza ushaye phansi ngonyawo. Mhlawumbe ngolunye usuku uyokwazi ukusivakashela futhi uzizwele ngokwakho elinye lamaqembu emitshingo yotshani emangalisayo aseSolomon Islands.
[Umbhalo waphansi]
a Eminye imitshingo ikhipha umsindo ngokushaywa ngomucu wenjoloba eqinile.