‘Ngangifuna Ukwazi Okwengeziwe Ngenkolo Yami’
UCIARA oneminyaka engu-12, waseFlorida, e-U.S.A., wakhetha isihloko esithakazelisayo lapho ebhala indaba yomlando—ukushushiswa koFakazi BakaJehova eJalimane lobuNazi. “Ngakhetha lesi sihloko ngoba ngifuna ukwazi okwengeziwe ngomlando wenkolo yami,” kusho uCiara. “Ngangithemba ukuthi ngizokwazi ngokuqondile ukuthi yini oFakazi BakaJehova ababhekana nayo phakathi noKuqothulwa Kwesizwe.”
Ngemva kokucwaninga kanzulu, uCiara wakha umbhoshongo ongunxantathu ocijile ngokhuni, owawufanekisela isigqebhezana esinsomi esingunxantathu esasithungelwa kuyinyufomu yoFakazi bakaJehova ukuze behluke kwezinye iziboshwa emakamu. UCiara wanamathisela izithombe kanye namagama ayincazelo emaceleni alo mbhoshongo ocijile. Kwakukhona nencwadi edabukisayo, kodwa eqinisa ukholo, eyabhalwa uWolfgang Kusserow, omunye woFakazi BakaJehova, ngaphambi kokuba abulawe.—Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1985, ikhasi 14.
Incazelo kaCiara yakwenza kwacaca ukuthi, ngokungafani nezinye iziboshwa, oFakazi BakaJehova babenenkululeko yokuzikhethela: Babezodedelwa uma besayina incwadi yokulahla ukholo lwabo. Ukungasayini kweningi kuwubufakazi bobuqotho boFakazi BakaJehova.
UCiara uthi wazuza kakhulu ngokukhetha lesi sihloko endabeni yakhe. Samsiza ngempela ukuba azi okwengeziwe ngenkolo yakhe. Uthi: “Nakuba babeyiqembu elincane eJalimane ngaleso sikhathi, oFakazi BakaJehova babenokholo oluqinile, olwabasiza banqoba ukushushiswa ababhekana nakho.”
Uma unguFakazi KaJehova osemusha esikoleni, ingabe zikhona izindlela nawe ongakhuluma ngazo ngomlando wokholo lwakho?