Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 7/8 k. 13-k. 15 isig. 7
  • Izithombe Ezingcolile Zobulili—Ingabe Ziwukuzilibazisa Okungenangozi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izithombe Ezingcolile Zobulili—Ingabe Ziwukuzilibazisa Okungenangozi?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Aligwegwesi Ngobulili
  • Izithombe Ezingcolile Zihlanekezela Ubulili
  • IBhayibheli Nenkanuko
  • Izithombe Ezingcolile Ziyonakalisa
  • Umonakalo Odalwa Yizithombe Ezingcolile Zobulili
    I-Phaphama!—2003
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile
    I-Phaphama!—2013
  • Isizathu Sokuba Izithombe Ezingcolile Zibe Yingozi
    I-Phaphama!—1991
  • Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 7/8 k. 13-k. 15 isig. 7

Umbono WeBhayibheli

Izithombe Ezingcolile Zobulili—Ingabe Ziwukuzilibazisa Okungenangozi?

LAPHO abavubukuli bangenkathi yeNdlovukazi uVictoria beqala ukuvubukula amanxiwa asendulo asePompeii, abakuthola kwabashaqisa kakhulu. Phakathi kwemifanekiso nezinto zobuciko ezinhle ezazisakazeke lapho, kwakukhona nemifanekiso nezithombe eziqoshiwe ezibonisa ubulili ngendlela eyingcaca. Zinengwe ukushaqisa kwazo, iziphathimandla zazishwathika eminyuziyamu engaziwa. Zaqamba igama elithi “pornography [izithombe ezingcolile zobulili]”—elivela kwelesiGreki elithi pornē nelithi graphos, asho “ukubhala ngezifebe”—ukuze zichaze lezi zithombe zobuciko eziyingcaca. Namuhla, elithi pornography lichazwa ngokuthi “ukuveza ukuziphatha okuvusa inkanuko ezincwadini, ezithombeni, emifanekisweni eqoshiwe, ezithombeni zebhayisikobho, njll., okuhloselwe ukuvusa isifiso sobulili.”

Namuhla, izithombe ezingcolile zobulili zisakazeke yonke indawo futhi kubonakala sengathi ziyamukeleka kweminingi yemiphakathi yanamuhla. Nakuba ngaphambili zazivame ezindaweni zamabhayisikobho ezinedumela elibi nasemaziko ezifebe, manje sezitholakala kabanzi emiphakathini eminingi. E-United States iyodwa, izithombe ezingcolile zobulili zingenisa imali engaphezu kwamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-114 ngonyaka!

Abanye abavikeli bezithombe ezingcolile zobulili bazitusa njengendlela yokuvuselela umshado onesithukuthezi. Umlobi othile uthi: “Zenza ingqondo ihlale icabanga ngamaphupho avusa inkanuko. Zifundisa indlela yokuthola injabulo yobulili.” Abanye bathi zikhuthaza ukukhuluma ngokukhululekile ngezindaba zobulili. Umlobi uWendy McElroy uthi: “Izithombe ezingcolile zobulili zizuzisa abesifazane.”

Kodwa akubona bonke abavumayo. Izithombe ezingcolile zobulili ziye zahlotshaniswa nemiphumela eminingi elimazayo nezimo zengqondo eziyingozi. Abanye baveza ukuthi kunokuhlobana phakathi kwezithombe ezingcolile zobulili nokudlwengulwa kwabesifazane nezingane kanye nezinye izenzo zokuphathwa kwabo ngobudlova. Umalugaju wodumo uTed Bundy uyavuma ukuthi “wayezinxanela kakhulu izithombe ezingcolile zobulili ezinobudlova.” Uthi: “Umuntu akasheshi asibone lesi simo noma asibheke njengenkinga enkulu. . . . Kodwa lesi sifiso . . . sigxila ezindabeni zobulili ezihilela ubudlova. Ngiyehluleka ukugcizelela indlela lesi sifiso esiqhubeka sikhula ngayo kancane kancane. Asakheki ngokuphazima kweso.”

Ngenxa yempikiswano engapheli nokudlanga kwezithombe ezingcolile zobulili namuhla, ungase uzibuze, ‘Ingabe sikhona isiqondiso iBhayibheli elisinikezayo kule ndaba?’

IBhayibheli Aligwegwesi Ngobulili

IBhayibheli likhuluma ngezindaba zobulili ngokungagunci nangendlela engenamahloni. (Duteronomi 24:5; 1 Korinte 7:3, 4) “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho,” kweluleka uSolomoni. “Amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke.” (IzAga 5:18, 19) Linikeza isiyalo neseluleko esicacile ngokuphathelene nobuhlobo bobulili, kuhlanganise nemingcele yokubujabulela. Ubulili ngaphandle komshado benqatshelwe. Kunjalo nangayo yonke imikhuba yobulili ephambukile nehlanekezelwe.—Levitikusi 18:22, 23; 1 Korinte 6:9; Galathiya 5:19.

Ngisho naphakathi kwale mingcele, kulindeleke ukuzithiba nenhlonipho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Umshado mawudunyiswe phakathi kwabo bonke, nombhede womshado ungabi nakungcola.” (Heberu 13:4) Lesi seluleko sihluke kakhulu enhlosweni yezithombe ezingcolile zobulili nalokho ezikuqukethe.

Izithombe Ezingcolile Zihlanekezela Ubulili

Esikhundleni sokuveza ubuhlobo bobulili njengokubonakaliswa okuhle nokujulile kothando phakathi kwendoda nowesifazane emshadweni ohloniphekile, izithombe ezingcolile zobulili zilulaza futhi zihlanekezele ubulili. Ziveza ukuthi ukulala nanoma ubani nobuhlobo bobulili obuhlanekezelwe bumnandi futhi buyafiseleka. Ziqokomisa ukuzanelisa ngaphandle kokucabangela omunye umuntu.

Abesifazane, amadoda nabantwana bavezwa njengezinto zokuzanelisa ngokobulili nje kuphela. Umbiko othile uthi: “Ubuhle bunqunywa ngokuma kwezitho zomzimba, okuvusa amathemba ayiphupho.” Omunye umbiko uphetha ngokuthi: “Ukuveza abesifazane njengamathoyizi angaziwa, ashiswa yinkanuko nangenangqondo okuzanelisa kwamadoda, bekhumula futhi bebukisa ngemizimba yabo ngenxa yemali nokuzijabulisa akudluliseli isigijimi esikhuthaza ukulingana, ukuphathwa ngesithunzi nobuntu.”

Ngokuphambene, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uthando “aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Korinte 13:5) IBhayibheli liyala amadoda ukuba ‘athande omkawo njengemizimba yawo’ futhi ‘abanikeze udumo,’ angababheki abesifazane njengezinto nje zokuzanelisa ngokobulili. (Efesu 5:28; 1 Petru 3:7) Ingabe umuntu, kungaba indoda noma owesifazane, ohlale ebukela izithombe zobulili obenziwa ingcaca zabanye abantu ngempela uziphatha ngokungahlazisi? Futhi ingabe ngempela lowo muntu ubonisa udumo nenhlonipho? Izithombe ezingcolile zobulili zikhuthaza isifiso sobugovu esikhundleni sothando.

Kunesinye futhi isici okufanele sicatshangelwe. Ngokushesha, njenganoma yisiphi esinye isifiso esingafanele, lokho okuvusa inkanuko ekuqaleni kugcina kuyinto ejwayelekile. Umlobi othile uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi, [ababukela izithombe ezingcolile zobulili] bafuna izithombe ezibuveza ingcaca nangokuhlanekezelwe kakhulu . . . Bangase bacindezele abangane babo bomshado ukuba bahlanganyele ezenzweni zobulili ezihlanekezelwe ngempela . . . , okunciphisa ikhono labo lokubonisa uthando lwangempela.” Ingabe lokho kuzwakala njengokuzilibazisa okungenangozi? Kodwa kunesinye futhi isizathu esibalulekile sokugwema izithombe ezingcolile zobulili.

IBhayibheli Nenkanuko

Nakuba abaningi namuhla benomuzwa wokuthi akukho lutho olungalungile noma oluyingozi ngokugxila emaphusheni angokobulili, iBhayibheli alivumi. Lichaza ngokucacile ukuthi lokho esikufaka ezingqondweni zethu kuhlobene eduze nezenzo zethu. “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu,” kusho umfundi ongumKristu uJakobe. “Khona-ke isifiso, lapho sesivundile, sizala isono.” (Jakobe 1:14, 15) UJesu wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.

Njengoba uJakobe noJesu bebonisa, abantu bashukunyiselwa esenzweni yizifiso zangaphakathi. Lezo zifiso, lapho zinakwa futhi zikhuthazwa, ngokuhamba kwesikhathi ziba imizwa elawulayo enamandla. Kunzima ukumelana naleyo mizwa futhi ingagcina iqhubele umuntu esenzweni. Ngakho, lokho esikufaka ezingqondweni zethu kungaba nomphumela onamandla kulokho esigcina sikwenzile.

Amaphupho obulili angakuphazamisa ngokuqondile ukukhulekela kwethu uNkulunkulu. Yingakho uPawulu abhala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe.”—Kolose 3:5.

UPawulu lapha uhlobanisa isifiso sobulili nokukhanuka, okuwukufisa ngokweqile into ongenayo.a Ukukhanuka kuwuhlobo lokukhonza izithombe. Ngani? Ngoba okhanukayo ubeka leyo nto ayifisayo ngaphambi kwakho konke okunye, kuhlanganise noNkulunkulu. Izithombe ezingcolile zobulili zivusa inkanuko ngento umuntu angenayo. “Ufuna indlela omunye umuntu aphila ngayo ngokobulili. . . . Akusekho lutho olunye olucabangayo ngaphandle kwaleso sifiso sento ongenayo. . . . Lokho esikufisayo, siyakukhulekela,” kusho umlobi othile wezenkolo.

Izithombe Ezingcolile Ziyonakalisa

IBhayibheli liyanxusa: “Noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona . . . , qhubekani nicabanga ngalezizinto.” (Filipi 4:8) Umuntu ophakela amehlo akhe nengqondo ngezithombe ezingcolile wenqaba isiyalo sikaPawulu. Izithombe ezingcolile zobulili ziyihlazo ngoba zivezela umphakathi ingasese lomuntu ngokungahlonizi. Ziyenyanyeka ngoba zilulaza futhi zithunaze abantu. Azikona ukubonisa uthando ngoba azikhuthazi ubumnene noma ukukhathalela. Zimane nje zikhuthaza inkanuko yobugovu.

Ngokuveza izenzo zokuziphatha okubi nezihlanekezelwe ngendlela ehlazisayo, izithombe ezingcolile zilulaza noma zibhuntshise imizamo yomKristu yokuhlakulela ‘ukuzonda okubi.’ (Amose 5:15) Ziqokomisa umkhuba wesono futhi zingqubuzana ngokuqondile nesikhuthazo sikaPawulu kwabase-Efesu sokuba ‘ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha kungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo . . . noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki.’—Efesu 5:3, 4.

Izithombe ezingcolile ziyingozi. Zixhaphaza futhi zonakalisa abantu. Zingaqeda ubuhlobo, zihlanekezele ubulili obungokwemvelo bube ukuzijabulisa ngokubukela izithombe zobulili. Zingcolisa ingqondo nengokomoya lomuntu obukela lezo zithombe. Zikhuthaza isimo sengqondo sobugovu nokuhaha futhi zifundisa abantu ukubheka abanye njengezinto nje zokwanelisa izinkanuko zabo. Zibhuntshisa imizamo yokwenza okuhle nokuba nonembeza ohlanzekile. Okubaluleke nakakhulu, zingathiya noma zize zibhidlize ubuhlobo bomuntu obungokomoya noNkulunkulu. (Efesu 4:17-19) Ngempela, izithombe ezingcolile zobulili ziwubhadane okufanele lugwenywe.—IzAga 4:14, 15.

[Umbhalo waphansi]

a Lapha uPawulu wayengakhulumi ngesifiso sobulili esivamile—isifiso esingokwemvelo sokusondelana ngokobulili nomngane womshado.

[Isithombe ekhasini 14]

Izithombe ezingcolile zihlanekezela umbono womuntu ngabobulili obuhlukile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela