Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 12/8 k. 19-k. 20 isig. 7
  • Imidlalo Yezingane—Ukuqubuka Kobudlova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imidlalo Yezingane—Ukuqubuka Kobudlova
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bafuna Ziwine Kumnyama Kubomvu
  • Lokho Abazali Abangakwenza
  • Ingabe Kufanele Ngingenele Iqembu Lezemidlalo?
    I-Phaphama!—1996
  • Izinkinga Ngezemidlalo Namuhla
    I-Phaphama!—1991
  • Ukugcina Ezemidlalo Zisendaweni Yazo Efanele
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu Lesikole?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 12/8 k. 19-k. 20 isig. 7

Imidlalo Yezingane—Ukuqubuka Kobudlova

◼ Iqembu labafundi basesikoleni esiphakeme lizodlala ibhola lezinyawo. Lo mdlalo uphela sekusuke isidumo, abazali, abaqeqeshi nabadlali abangaphezu kwekhulu bememeza futhi beshayana ngezibhakela ngemva kokuba kwenezelwe isikhathi elinye iqembu lafaka igoli lawina.

◼ Iqembu lezingane ezincane lidlala ibhola lezinyawo labafana namantombazane. Ngesikhathi umdlali oneminyaka eyishumi ubudala ededela ibhola, umqeqeshi wakhe umlahla phansi, amphule izingalo zombili.

◼ Umqeqeshi weqembu le-baseball iLittle League ukhipha umdlali othile enkundleni. Uyise walo mfana usongela umqeqeshi ngokuthi uzombulala, ngemva kwalokho ugwetshwa izinsuku ezingu-45 esejele.

◼ Ngesikhathi izingane zidlala ibhola eqhweni, obaba ababili baxatshaniswa imithetho yalo mdlalo. Omunye ubaba ushaya omunye phambi kwezingane zakhe ezintathu ambulale.

IMIBIKO ethusa njengalena isiyinsakavukela ngendlela eyisimanga. Kubonakala sekuqubuke ubudlova ezinkundleni zemidlalo, zebhola lomnqakiswano, nezokushibilika eqhweni. Ubudlova babazali nabaqeqeshi abancamela ukulwa kunokuhlulwa. UJeffrey Leslie, umphathi weJupiter-Tequesta (Florida) Athletic Association uthi: “Ngiye ngabona abazali bethethisa izingane zabo, bezinqumela ugwayi katiki; izingane zilwa, zihlohlwa abazali bazo; izingane zikhala enkundleni ngoba abazali bazo beziphoxile.” Uyanezela: “Ayikho into eyenza abazali baveze ubuntu babo obubi njengemidlalo yezingane.” Ukuze ivikele izingane kulobo budlova, eminye imiphakathi iye yathatha isinyathelo esinqala sokunqabela abazali abathile ukuba beze emidlalweni yezingane zabo.

Ube yini umphumela walolu laka olungaka? UFred Engh, umsunguli nomphathi we-National Alliance for Youth Sports yaseFlorida uthi: “Lokhu kuziphatha okuhlazisayo kwabantu abadala abaningi kuyayona imidlalo yezingane, kuqede injabulo, futhi akuzifundisi izinto ezinhle izingane.”

Bafuna Ziwine Kumnyama Kubomvu

Imbangela eyinhloko yale nkinga kubonakala kuwukuthi abanye abazali bafuna ukubona izingane zabo zihlula ezinye futhi ziwina kumnyama kubomvu. Ummeleli we-Institute for the Prevention of Child Abuse eCanada, uthi: “Lapho ukuwina kuyikona okubalulekile, lapho umuntu onamandla kunabanye kunguyena owaziswayo, abantu abangakwazi ukuzilwela bayahlupheka. Izingane yizona ezingakwazi ukuzilwela kule midlalo.” Isikhulu se-Ontario (Canada) Physical and Health Education Association sithi izingane eziba ngaphansi kwalesi simo “zingase ziphazamiseke engqondweni zisencane. Futhi lapho zikhula, zingase zikuthole kunzima ukubhekana nokwehluleka.”

Akumangalisi ukuthi lolu laka lwabazali nabaqeqeshi abagcwele usikisiki luvame ukudlulela nakubo abadlali abancane. Ngesikhathi amantombazane edlala i-volleyball ahlasela onompempe kasikhombisa. Intombazane eyayikhishiwe emdlalweni webhola lomphebezo yakhipha isibhongo yaphihliza imoto yesikhulu esithile. Ngemva kokuba kushaywe indweba ngoba yenze iphutha elithile, ingane edlala umdlalo we-wrestling yangqimuza unompempe ngesiphongo esiphongweni, waquleka. “Abantu babeye baziphathe kahle emidlalweni yezingane,” kusho uDarrell Burnett, isazi sokusebenza kwengqondo yengane nesezemidlalo yezingane. “Manje akusenjalo. Akusadlalwa neze.”

Lokho Abazali Abangakwenza

Kuhle abazali bakhumbule ukuthi izingane zithanda ukudlala ngoba kumnandi futhi kuvivinya umzimba. Ngakho ukwenza imidlalo yezingane ibe yinto ecindezelayo nokuzikhakhabisa akufezi njongo—futhi akubonisi uthando. IBhayibheli lithi: “Bazali, ningabacasuli abantwana benu.”—Efesu 6:4, The Jerusalem Bible.

Yini engasiza umzali alinganisele kule ndaba? Okokuqala nje kungase kukusize ukukhumbula ukuthi kwakunjani ngesikhathi usemncane. Ingabe wawukwazi ngempela ukudlala njengabadlali abakhokhelwayo? Kunengqondo-ke yini ukulindela indodana noma indodakazi yakho ukuba idlale njengabo? Phela “abantwana bancane” bona. (Genesise 33:13) Zama nokuba nombono oqondile ngokuwina nokuhlulwa. IBhayibheli lithi ukuncintisana okungalawuleki “kuyize nokufuna umoya.”—UmShumayeli 4:4.

Okuthakazelisayo ukuthi owayedlalela iqembu eliphambili le-baseball ukhuthaza abazali ukuba bangeqisi endabeni yokuwina nokuhlulwa, bangathukutheli uma ingane ingadlali kahle futhi bangajabuli ngokweqile uma iwina. Esikhundleni sokuba benze ukuwina kube iyona nto esemqoka, abazali kufanele bakhathalele ukuthi izingane zabo ziyajabula futhi zihlala ziyimiqemane.

Ngenxa yalokho abanye abazali baye baphetha ngokuthi imidlalo yezingane ehleliwe ivame ukuvusa umoya wokuncintisana olimazayo. Kodwa lokhu akusho ukuthi izingane zabo azidlali nezinye. Ngokwesibonelo, abazali abaningi abangamaKristu bathole ukuthi izingane zabo ziyakujabulela ukudlala nabanye ezikholwa nabo egcekeni noma epaki lasendaweni. Uma kwenzeka kanjena abazali bayakwazi ukugada ukuthi izingane zabo zidlala nobani. Uma imikhaya iphuma iyovakasha ingase ithole amathuba engeziwe okudlala ngendlela efanele. Kuyavunywa ukuthi ukudlala egcekeni cishe ngeke kuvuse usinga njengokuba seqenjini eliwinayo. Kodwa ungakhohlwa ukuthi ngisho noma kudlalwa kahle kangakanani, “ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane [kuphela]; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke.” (1 Thimothewu 4:8) Uma unalo mbono olinganiselayo ngemidlalo, ungayivimbela ingane yakho ingangenwa yilo moya wobudlova osuqubukile.

[Izithombe ekhasini 21]

Ukudlala kufanele kube mnandi, kungadali izingxabano

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela