Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 3/8 k. 1-k. 12 isig. 9
  • “Isimo Esibucayi Esiwumshoshaphansi” Sizophela Maduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Isimo Esibucayi Esiwumshoshaphansi” Sizophela Maduze!
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubulungisa Nesithakazelo Esingenabugovu Kwabanye
  • Okuwukuphela Kwethemba Langempela
  • Izimbangela Ezijulile, Imiphumela Efinyelela Kude
    I-Phaphama!—2003
  • Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!
    I-Phaphama!—1995
  • Inhlekelele Ebabazekayo
    I-Phaphama!—2003
  • Ukudla Kwabo Bonke Abantu—Ingabe Yiphupho Nje?
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 3/8 k. 1-k. 12 isig. 9

“Isimo Esibucayi Esiwumshoshaphansi” Sizophela Maduze!

“UMA siqhathanisa nesikhathi samuva nje, namuhla siphila ezweni elinenala. . . . Ngokombono wethu . . . kunokudla okungenela wonke umuntu kuze kusale.” Lusho kanjalo ucwaningo lwe-World Health Organization (WHO). Uma kunjalo, iyini inkinga yangempela ebangela ukungondleki?

I-WHO ithi: “Inkinga iwukuthi ukudla akukhiqizwa noma kwabiwe ngendlela elinganayo. Ngokuvamile, abampofu basemazweni athelayo basala besonge izandla—belambile—kuyilapho izivuno ezicebile zithunyelwa kwamanye amazwe ukuze kutholakale imali. Bambalwa abathola izinzuzo zemali zesikhashana, kodwa baningi abahlupheka isikhathi eside.” Ucwaningo lwamuva nje lwe-Food and Agriculture Organization yeZizwe Ezihlangene (FAO) lubonisa ukuthi ‘ingxenye yesihlanu yabantu abacebe kakhulu’ kule planethi ‘idla amaphesenti angu-45 ayo yonke inyama nenhlanzi; abampofu bona bathola nje amaphesenti amahlanu.’

Ngakolunye uhlangothi, i-United Nations Children’s Fund ithi “ukuntula imfundo enhle nokwaziswa okunembile nakho kuyimbangela yokungondleki,” futhi iyanezela: “Ngaphandle kwezinqubo zokuthola ulwazi nezinhlelo ezingcono nezithuthukisiwe zemfundo, ngeke kuthuthukiswe ukuqapha, amakhono nokuziphatha okudingekayo ukuze kunqandwe ukungondleki.” Kodwa nakho ukubulawa yindlala kuwohloza impilo yomuntu nekhono lakhe lokuthola imfundo engcono—okubangela enye inkinga eqhubekayo.

Ubulungisa Nesithakazelo Esingenabugovu Kwabanye

Naphezu kwezithiyo ezinjalo ezikhungathekisayo, abanye ochwepheshe kulo mkhakha basenethemba. Ngokwesibonelo, umqondisi-jikelele we-FAO, uJacques Diouf, waveza leli themba: “Nginombono wezwe lapho bonke abesilisa, abesifazane nabantwana benokudla okwanele okunomsoco nokuphephile, usuku ngalunye. Kulo mbono enginawo, akukho ukuhlukana okushaqisayo kwengcebo nobumpofu. Ngibona ukubekezelelana nokungacwasani; ukuthula hhayi izimpi zombango; ukulondolozwa kwendawo hhayi ukucekelwa phansi kwayo; ukuchuma kwawo wonke umuntu hhayi ukuphelelwa yithemba okukhungathekisayo.”

Nokho, njengoba sesibonile, ukufinyelela amathemba anjalo kuyodinga okungaphezu nje kokukhiqiza ukudla okuthé xaxa nokukwaba. Kudingeka ubulungisa kuyo yonke indawo nesithakazelo esingenabugovu kwabanye. Kodwa lezi zimfanelo azitholakali kwezentengiselwano zanamuhla.

Kungenzeka yini ukususa izithiyo ezinkulu njengokuhaha, ubumpofu, izingxabano nobugovu, kanjalo kuqedwe ukungondleki kwabantu emhlabeni? Noma ingabe lokhu kuwukuzishaya ngemfe iphindiwe?

Okuwukuphela Kwethemba Langempela

NgokweBhayibheli, akufanele zisimangaze izinkinga ezibangela ukungondleki. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangenalo uthando lwemvelo, abangafuni sivumelwano, . . . abangenalo uthando lokuhle, . . . abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ingabe isintu singaziqeda izimo zengqondo ezinjalo ezijulile ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu? Akunakwenzeka, akunjalo? Mhlawumbe uqaphele ukuthi ngezinye izikhathi abantu abayiziphathimandla banezinhloso ezinhle ngokuphathelene nezinkinga zesintu, kodwa ubugovu, ukuthanda imali nokungapheleli kwabanye kuphazamisa futhi kuthiye ngisho nemizamo encomekayo.—Jeremiya 10:23.

Kodwa-ke, ikhambi alilona iphupho elingenakufezeka? IBhayibheli lithembisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda inkinga yokungabi nabulungisa kanye nazo zonke ezinye izinkinga ezikhathaza isintu namuhla.

U-Isaya 9:6, 7 usinikeza leli themba elihle kakhulu: “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana; ukubusa kwesikhulu kuyoba phezu kwehlombe lakhe. Igama lakhe kuyothiwa uMeluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula. Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula, phezu kwesihlalo sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe ukuze umiswe uqine futhi usekelwe ngobulungisa nangokulunga, kusukela manje kuze kube nini nanini. Yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.”

Lona yiwo kanye uMbuso abantu abawuthandazelayo lapho besho uMthandazo WeNkosi kuNkulunkulu, bethi “Umbuso wakho mawuze.” (Mathewu 6:9, 10) Phawula ukuthi u-Isaya uthi “yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” Yebo, uJehova uNkulunkulu ubelokhu enesithakazelo esiqotho ekunakekeleni izidingo zabantu. Waklama lo mhlaba ukuba ukhiqize ukudla okwanele kwabo bonke.

IHubo 65:9-13 lithi ngaye: “Unaké umhlaba, ukuba uwunike inala; uyawucebisa kakhulu. Umfudlana ovela kuNkulunkulu ugcwele amanzi. Ulungiselela okusanhlamvu kwabo, ngoba yileyo ndlela olungiselela ngayo umhlaba. Imisele yawo iyamatiswa, amagabade awo ayahlelenjwa; uyawuthambisa ngezihlambi ezinkulu; amahlumela awo uyawabusisa. . . . Amadlelo embathiswé imihlambi, namathafa aphansi agubuzelwé ngokusanhlamvu.”

Yebo, uMdali, uJehova, ungumnakekeli wesintu omuhle kakhulu. Nguye “onika yonke inyama ukudla: ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.”—IHubo 136:25.

Singaqiniseka ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu uyobanakekela bonke abantu. Njengoba iBhayibheli lisho: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” Kodwa futhi lokho kudla kuyokwabiwa ngokulinganayo, ngoba ‘[uJesu Kristu] uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Imiphefumulo yabampofu uyoyisindisa.’ (IHubo 72:12, 13, 16) Ngakho yima isibindi! Lesi “simo esibucayi esiwumshoshaphansi” sesizoxazululwa unomphela.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

“Ukuqeda indlala nokungondleki kuyinto esicabanga ukuthi ingenzeka. Zikhona izindlela zokukwenza. Inselele . . . isekuthatheni isinyathelo esibumbene emazweni ngamanye nasemhlabeni wonke.”—World Health Organization.

[Isithombe esigcwele ikhasi 10]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela