Imibono Engqubuzanayo Ngezithombe Ezingcolile Zobulili
“Zivusa izifiso ezinamandla okungafanele zibe khona, zishukumisa izinkanuko okungafanele neze zaneliswe.”—UTony Parsons, umlobeli wengosi yephephandaba.
UJOHN wayengahlosile ukuba umlutha ‘wobulili obukuyi-Internet.’a Njengabanye abantu abaningi abachayeka ngengozi ezithombeni ezingcolile zobulili nasezingosini zezingxoxo zobulili, wayesebenzisa i-Internet ngolunye usuku lapho ezithela engosini eyayinezingxoxo ezinjalo. Ngokushesha, wayesehuhekile ngobulili obuvezwa kuyi-Internet. Uyakhumbula: “Ngangilinda umkami ahambe aye emsebenzini, ngivuke masinyane bese ngichitha amahora amaningi phambi kwe-computer.” Lapho izingxoxo zizinde, wayengalithathi ngisho nekhefu lokuyokudla noma lokuyophuza okuthile. Uthi: “Ngangingayizwa nendlala.” Waqala ukuqamba amanga kumkakhe ngezinto ayezenza ngasese. Lokhu kwaqala ukumphazamisa emsebenzini, futhi waqala ukwethuka izanya. Umshado wakhe waqala ukuwohloka, futhi lapho ekugcineni ehlela ukuhlangana ngokoqobo nomunye wabantu ayexoxa nabo ngobulili kuyi-Internet, umkakhe wakuqaphela. Namuhla uJohn welashelwa inkinga yokuluthwa ubulili obukuyi-Internet.
Abamelene nezithombe ezingcolile zobulili baveza izindaba ezinjengale njengobufakazi bemiphumela eyonakalisayo yezithombe ezingcolile. Bathi ziwohloza ubuhlobo, zilulaza abesifazane, zixhaphaza izingane futhi zikhuthaza umbono ohlanekezelwe noyingozi ngobulili. Ngakolunye uhlangothi, abasekela izithombe ezingcolile bathi ziwukubonakaliswa kwenkululeko futhi babheka abagxeki bazo njengabantu abethuswa ubala nje. Omunye wabasekeli bazo uyabhala: “Abantu akufanele babe namahloni ngokuthambekela kwabo kobulili noma ngezifiso zabo. Izithombe ezingcolile zobulili zingase zisetshenziselwe ukuqala nokuqhuba ingxoxo ekhululekile ngobulili.” Abathile baze bathi ukwanda kwezithombe ezingcolile kuwuphawu lomphakathi okhululekile nohluzekile engqondweni. Umlobi uBrian McNair uthi: “Umphakathi ovuthwe ngokwanele ukuba wamukele izithombe ezibuveza ingcaca ubulili phakathi kwabantu abadala abavumelene, cishe uyokhululeka kakhudlwana ukwamukela ukuhlukahluka kwezithakazelo zobulili wamukele namalungelo abesifazane.”
Ingabe ukungqubuzana kwemibono yomphakathi kuzenza zamukeleke izithombe ezingcolile zobulili? Kungani zandé kangaka? Ingabe ngempela izithombe ezingcolile ziwukuzilibazisa okuyingozi? Izihloko ezilandelayo zizophendula le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.