Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 8/8 k. 18
  • Ikati Elisengozini Kakhulu Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikati Elisengozini Kakhulu Emhlabeni
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiphephelo Sokugcina Semvelo Esengozini
    I-Phaphama!—2009
  • Ukulondolozwa Kwemvelo Kuqhathaniswa Nokuqothulwa Kwayo
    I-Phaphama!—1996
  • Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Izinga Lalenkinga
    I-Phaphama!—1996
  • Zisengcupheni Yokuqothulwa
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 8/8 k. 18

Ikati Elisengozini Kakhulu Emhlabeni

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN

Sekuyisikhathi eside i-lynx yaziwa ngokuthi ikati elinamehlo abukhali futhi elisheshayo. Lapho umuntu ebukhali ekuqondeni izinto, abantu baseSpain bathi “unamehlo e-lynx.” Ngokudabukisayo, i-lynx yase-Iberia (Lynx pardinus) manje seyaziwa nangokunye okungahlangene neze namehlo noma ubukhali bayo. Isibhekwa “njengekati elisengozini enkulu yokuqothulwa emhlabeni.”a

Eminyakeni edlule i-lynx yase-Iberia yayitholakala kulo lonke elasePortugal naseSpain futhi wawungaze uyithole ngisho nasezintabeni zasePyrenees eFrance. Namuhla, kutholakala amaqembu ambalwa ahlakazekile esifundeni esiseningizimu-ntshonalanga yeNhlonhlo Yase-Iberia. Nokho, mabili kuphela kula maqembu anezimo eziwavumayo ukuba azalane, futhi selilonke inani lama-lynx liye lehla ngendlela ethusayo.

Ngokokunye ukulinganisela, inani lama-lynx ase-Iberia manje selehle laba ngaphansi kuka-200. Yini ebangele lokhu kwehla okushaqisayo? Abanye bathi isizathu esiyinhloko ukuntuleka okukhulu kwenyama ayidlayo, yomvundla, oye waqedwa imiqedazwe eminingana yesifo se-myxomatosis. Ngaphezu kwalokho, amanye ama-lynx aye abanjwa izingibe zabazingela ngokungemthetho noma aye abulawa emigwaqweni emikhulu. Futhi indawo yawo efanelekayo iye yancozulwa ngokwandayo. Umbiko wamuva we-World Wildlife Fund uthi lezi zinkinga ziye zenza ukuba inani lawo elinciphayo lihlakazeke ezicagogwaneni eziqhelelene.

Yize kuye kwabekelwa eceleni imali engamaRandi ayizigidi ezingu-230 ukuze kusindiswe ama-lynx asengozini, iqembu lezazi muva nje lichaze isimo ngokuthi “siyashaqisa.” NgokukaNicolás Guzmán, umxhumanisi we-National Plan for the Conservation of the Iberian Lynx, kulezi zilwane ezingaba ngaphansi kuka-200 ezisele endle, ‘kunezinsikazi eziphakathi kuka-22 no-32 kuphela ezisesigabeni sokuzala.’ Wanezela, ‘Ukuqhubeka kwalezi zilwane zikhona kuzoxhomeka kulezi zinsikazi.’ Kuyadabukisa ukusho ukuthi indaba yama-lynx ase-Iberia ibonisa isimo izidalwa eziningi kakhulu ezinhle zomhlaba ezikuso.

[Umbhalo waphansi]

a I-lynx yase-Iberia noma yaseSpain yachazwa ngokuthi “isengozini ngendlela ebucayi” kuyi-Red List, uhlu lwezilwane ezingaphansi kosongo lokuqothulwa olubhalwe i-International Union for Conservation of Nature and Natural Resources.

[Imithombo Yesithombe ekhasini 18]

Foto © Fernando Ortega

sos lynx

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela