Usizo Nesivikelo Entsheni
KUYADABUKISA lapho intombazane—ithi iseyingane kwayona—bese ikhulelwa ibe ingashadile. Kodwa ukukhulelwa kwentsha kwandile, futhi kuthinta wonke umuntu ngandlela-thile. Usizi lokukhulelwa kwentsha lumane luwubufakazi obubodwa bokufaneleka komyalo kaNkulunkulu: “Balekelani ubufebe.”—1 Korinte 6:18.
Ngisho noma kunjalo, ngezinye izikhathi, intombazane eye yafundiswa izindlela zikaNkulunkulu iyaye ikhethe ukukushaya indiva noma ukukulaxaza phansi lokho ekwaziyo. Ihileleka ekuziphatheni okubi kobulili bese ikhulelwa. AmaKristu eqiniso asabela kanjani? Lapho osemusha onjalo ebonisa ubufakazi bokuphenduka, abazali namanye amalungu ebandla lobuKristu kufanele amsize futhi amsekele ngothando.
Cabangela uNicole futhi. Abazali bakhe babemkhulisa ukuba abe omunye woFakazi BakaJehova. Ngakho kwabacindezela kakhulu lapho ekhulelwa engashadile. Nokho, uNicole uyakhumbula, “AmaKristu esikanye nawo ayeza ekhaya futhi azame ukungikhuthaza ukuba ngitadishe iBhayibheli futhi ngihlale ngiseduze noJehova.”
Cha, oFakazi BakaJehova abakwamukeli ukuziphatha okubi kobulili. Kodwa bayaqaphela ukuthi ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, abenzi bobubi ‘bangaguqulwa.’ (Roma 12:2) Bakholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu uyabathethelela abenzi bobubi abaphendukayo. (Efesu 1:7) Bayaqaphela nokuthi ingane ayinacala ngisho noma unina ayikhulelwa ngaphandle komshado. Ngakho esikhundleni sokuyikhipha inyumbazane ingane enjalo, amalungu ebandla lobuKristu ayibonisa uthando olufanayo, uzwela, nomusa abebeyokubonisa noma iyiphi enye ingane phakathi kwabo.—Kolose 3:12.
Omunye umama ongashadile waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wasamukela ngokushesha isigijimi seBhayibheli futhi wenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Wathi ngoFakazi: “Bonke bangibonisa isithakazelo esiqotho mina nezingane zami. Banikela ngokudla nezambatho lapho kwakudingeka kanye nosizo lwezimali. Lapho ngifanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini noFakazi BakaJehova, babengibhekela izingane zami. Benza konke ababengakwenza ukuze bangisize ngihlakulele uthando lwangempela ngoJehova.”
Isivikelo
Noma kunjalo, kungcono kakhulu ukusiza intsha ukuba igweme izinkinga ezinjalo kwasekuqaleni. Ngakho oFakazi BakaJehova bazama ukunikeza izingane zabo ikhaya elinothando nelifudumele. Esikhundleni sokuncika ekusebenziseni izindlela zokwethusa ingane—ukuyesabisa ngengculaza noma ngisho ngokukhulelwa—oFakazi bazama ukugxilisa ezinganeni zabo uthando lwangempela ngoJehova uNkulunkulu nangemithetho yakhe. (IHubo 119:97) Bakholelwa ukuthi izingane kudingeka zinikezwe ukwaziswa okunembile ngobulili. Okubaluleke nakakhulu, bakholelwa ukuthi izingane kudingeka zifundiswe kwasebuntwaneni izimiso zokuziphatha ezinikezwe eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:15) Kunemfundo ehleliwe enikezwa emaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova kuleyo naleyo ndawo. Nokho, abazali abangoFakazi bakhuthazwa futhi ukuba umuntu ngamunye afunde iBhayibheli nezingane zakhe. Kuye kwanyatheliswa izincwadi ezinjengethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ukuze kusizwe abazali banikeze izingane zabo isiqondiso sokuziphatha.a
Ukulandela izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli eziqinile kuhluke kakhulu ekuziphatheni okubi okudlange emhlabeni wonke. Kodwa kuyindlela yokuphila engavikela izigidi zamantombazane angabhekani nosizi lokukhulelwa esemancane.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 12]
AmaKristu eqiniso aphatha omama abangashadile ngomusa futhi ababonelele