Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 17-k. 18 isig. 6
  • Odokotela Ezweni Elishintshayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Odokotela Ezweni Elishintshayo
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushintsha Kobuhlobo
  • Kwaphelelaphi Ukuhambela Iziguli Emakhaya?
  • Ukushintsha Kwesimo
  • Odokotela Bacindezelekile
    I-Phaphama!—2005
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • OFakazi BakaJehova Nezisebenzi Zezokwelapha Bayabambisana
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 17-k. 18 isig. 6

Odokotela Ezweni Elishintshayo

Ngo-1174, uMaimonides wamiswa njengodokotela wasebukhosini wababusi baseGibhithe futhi wachitha izinsuku zakhe eziningi esesigodlweni. Ekhuluma ngokwakwenzeka lapho efika ekhaya nsuku zonke, wabhala: “Ngidla ukudla okulula, okuwukuphela kokudla engikudlayo usuku lonke. Ngibe sengihlola iziguli zami ngibhale imithi yezifo zazo neziqondiso ezizozisebenzisa. Iziguli ziphuma zingena kuze kuhlwe, futhi ngezinye izikhathi . . . ngikhathala ngibe ingcuba ngingakwazi ngisho nokukhuluma.”

UKUBA udokotela bekulokhu kudinga ukuzidela ngaso sonke isikhathi. Kodwa izwe odokotela abasebenza kulo namuhla lishintsha ngokushesha. Isimiso sabo somsebenzi kungenzeka ukuthi sisakhandla njengesikaMaimonides. Kodwa ingabe basahlonishwa ngendlela odokotela ababehlonishwa ngayo? Izimo ezintsha ziye zayithinta kanjani indlela yokuphila yodokotela? Futhi izenzakalo zamuva nje zibushintshe kanjani ubuhlobo phakathi kodokotela neziguli?

Ukushintsha Kobuhlobo

Abanye basasikhumbula isikhathi lapho udokotela ayethwala yonke imithi yakhe ngesikhwama esimnyama. Kwakunemibono engqubuzanayo ngodokotela ngaleso sikhathi, njengoba kusenjalo nanamuhla. Abaningi babehlonishwa ngenxa yekhono labo, bedunyiswa ngenxa yesikhundla abanaso, futhi bethandwa ngenxa yezimiso zabo. Kodwa, ngesikhathi esifanayo babegxekwa ngemali ababeyibiza, besolwa ngokuhluleka kwabo, futhi belahlwa lapho bebonakala bengenaluzwela.

Noma kunjalo, odokotela abaningi babethola ukwaneliseka okujulile ngokusiza umkhaya ofanayo izizukulwane ngezizukulwane. Babevame ukuvakasha njalo emakhaya, kanti emaphandleni babevame ukujabulela nesidlo noma baze balale khona uma beyobelethisa. Odokotela abaningi babezithakela bona imithi yeziguli zabo. Odokotela abangenabugovu babebelapha mahhala abantu abampofu futhi babetholakala ngaso sonke isikhathi, zonke izinsuku.

Kuyiqiniso ukuthi abanye odokotela basasebenza ngaleyo ndlela, kodwa ezindaweni eziningi ubuhlobo phakathi kodokotela neziguli cishe buye bashintsha kakhulu emashumini amuva nje eminyaka kunasemakhulwini amaningi eminyaka adlule. Lubangelwe yini lolu shintsho? Ake siqale sibheke ukuhambela iziguli emakhaya.

Kwaphelelaphi Ukuhambela Iziguli Emakhaya?

Ukuhambela iziguli emakhaya kwakuyindlela evamile yokusebenza kukadokotela, futhi kusenjalo kwamanye amazwe. Kodwa lo mkhuba usunciphile emhlabeni wonke. I-Times of India yathi: “Udokotela womkhaya owayeqinisekisa isiguli eseceleni kombhede waso, owayewazi kahle umkhaya futhi ezimisele ukuwuhambela noma nini uma kudingeka, useyivela kancane kule nkathi yochwepheshe nongqondongqondo bezifo.”

Ngenxa yokwanda okukhulu kolwazi lwezokwelapha, odokotela abaningi sebechwepheshe ezifweni ezithile kuphela futhi basebenza njengeqembu, okungase kwenze ukuba iziguli zibone udokotela ohlukile isikhathi ngasinye zigula. Ngenxa yalokho, odokotela abaningi abasenabo ubuhlobo obuhlala njalo ababevame ukuba nabo nemikhaya abayisizayo.

Ukuncipha kokuhambela iziguli emakhaya kwaqala eminyakeni eyikhulu edlule, lapho odokotela beqala ukusebenzisa izindawo ezihlola ngezifo nemishini ekuhlonzeni izifo. Ezindaweni eziningi izinhlangano zezempilo zaqala ukubheka ukuhambela iziguli emakhaya njengendlela edla isikhathi sodokotela. Namuhla iziguli eziningi ziyakwazi ukuthola izinto zokuhamba ziziyele kudokotela. Futhi, izinkonzo zosizo oluphuthumayo sezenza umsebenzi ngaphambili owawenziwa odokotela.

Ukushintsha Kwesimo

Ezweni lanamuhla bambalwa odokotela abazimele. Izinkonzo zezokwelapha manje zilungiselelwa yizinhlangano zikahulumeni noma izinkampani zokunakekelwa kwempilo eziqasha odokotela. Nokho, odokotela abaningi abakuthandi ukuba nomxhumanisi lapho besebenzelana neziguli. Ngokuvamile izinhlangano ezinjalo zifuna odokotela babone iziguli eziningi ngesikhathi esincane. UDkt. Sheila Perkins, ongudokotela eBrithani, uthi: “Kufanele ngibone esinye isiguli njalo ngemva kwemizuzu engu-7 kuya kweyishumi. Futhi esiningi saleso sikhathi ngisichitha ngibhala esikushoyo kuyi-computer. Asikho isikhathi sokwakha ubuhlobo nesiguli. Kuyakhungathekisa ngempela.”

Izwe elishintshayo odokotela abasebenza kulo selinika iziguli amandla athé xaxa. Esikhathini esidlule “iziyalezo zikadokotela” zazingenakuphikiswa. Kodwa emazweni amaningi namuhla, odokotela babophekile ukwazisa isiguli ngezinqubo zokwelapha esingakhetha kuzo kanye nemiphumela ezingase zibe nayo ukuze isiguli sivume ukwelashwa sinolwazi. Ubuhlobo phakathi kukadokotela nesiguli bushintshile. Ngokombono wabanye, udokotela usefana nanoma imuphi nje uchwepheshe.

Emphakathini wethu oshintsha ngokushesha, isibalo esikhulu sodokotela singabantu besifazane. Odokotela besifazane ngokuvamile bathandwa kakhulu ngoba kuthiwa bayizilaleli ezingcono. Ngakho ithonya abanalo kulo mkhakha liwenza ubonakale ungowabantu abanozwela.

Abantu abaningi bayamthanda udokotela oyiqondayo imizwa yeziguli nokucindezeleka ezibhekene nako. Kodwa kuyafaneleka ukuba sibuze, Zingaki iziguli eziyiqondayo imizwa yodokotela bazo nokucindezeleka ababhekene nako? Ngokuqinisekile ukwenza kanjalo kungabuthuthukisa ubuhlobo phakathi kodokotela neziguli. Isihloko esilandelayo singase sibe usizo.

[Isithombe ekhasini 17]

UMaimonides

[Umthombo]

Brown Brothers

[Izithombe ekhasini 18]

Esikhathini esidlule, odokotela babevame ukuhambela iziguli emakhaya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela