Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 19-k. 22 isig. 2
  • Odokotela Bacindezelekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Odokotela Bacindezelekile
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqeqeshelwa Ubudokotela—Isenzakalo Esishaqisayo
  • Ukutubeka Ngenxa Yokukhathalela Abanye
  • Ukusebenzelana Neziguli Eziwuhlupho
  • Ukwelapha Ube Uxwayile
  • Odokotela Ezweni Elishintshayo
    I-Phaphama!—2005
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Unegunya Lokukhetha
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 19-k. 22 isig. 2

Odokotela Bacindezelekile

“Umbhangqwana othile osemusha weza kimi unethemba elikhulu lokuthi kukhona engingakwenzela usana lwawo olwalusanda kuzalwa. Lapho ngiluxilonga, ngafikelwa usizi. Lwalunenkinga engelapheki. Ucabanga ukuthi ngangizizwa kanjani lapho ngitshela laba bazali ukuthi indodana yabo eyizibulo yayingasoze ibone? Lapho bephuma ehhovisi lami, ngazizwa ngifikelwa ukudabuka okukhulu. Kodwa ngemva nje komzuzwana kwase kufike isiguli esilandelayo silindele ukuba ngisamukele ngokumomotheka! Yilokho engikuthola kunzima.”—Udokotela ohlinza amehlo eNingizimu Melika.

IZIGULI ngokuvamile aziyi kudokotela ukuze ziyokuzwa ngezinkinga zakhe. Engqondweni yaso, isiguli sisuke sicabanga ngosizo esiludingayo nje kwaphela. Ngenxa yalokho, bambalwa abantu abaqaphelayo ukuthi odokotela babhekene nokucindezeleka okukhulu kangakanani.

Kuyiqiniso ukuthi wonke umuntu ucindezelekile, ngakho akuwona wodwa umkhakha wezokwelapha ocindezelayo. Nokho, njengoba cishe wonke umuntu ethinteka ngandlela-thile ebuhlotsheni bukadokotela nesiguli, ukuqonda ukucindezeleka odokotela abaphila nako nemiphumela okungaba nayo kubo kuwusizo.

Ukucindezeleka kubaqala besebancane odokotela lapho bezama ukufanelekela ukuthathwa esikoleni sokufundela ubudokotela. Kodwa lapho ukuqeqeshelwa ubudokotela kuqala, ngokuvamile kuba isenzakalo esishaqisayo. Kuyisiqalo senqubo engase ishintshe imizwa yomuntu ofundela ubudokotela, bona kanye ubuntu bakhe.

Ukuqeqeshelwa Ubudokotela—Isenzakalo Esishaqisayo

Ukuhambela kokuqala egumbini lokuhlinza izidumbu okushaqisayo kungenzeka ngesonto lokuqala nje lokuqeqeshwa. Kungenzeka abafundi abaningi babengakaze basibone isidumbu ngaphambili. Ukubona izidumbu ezinqunu, ezomile ezisikwe ngezindlela ezihlukahlukene ukuze kubonwe okungaphakathi kungabangela isicanucanu esibi. Abafundi kufanele bafunde amasu okugqiba imizwelo yabo. Ngokuvamile basebenzisa amahlaya, bethe isidumbu ngasinye igama elihlekisayo. Lokho okubonakala kuwukuntula uzwela nenhlonipho okushaqisayo kumuntu obukele, kuyinto edingekile kubafundi abazama ukukuziba ukuthi lesi sidumbu sasiwumuntu ngaphambili.

Bese kulandela ukuqeqeshwa ngeziguli esibhedlela. Abantu abaningi akuvamile ukuba bacabange ngobufushane bokuphila kuze kube yilapho sebeseminyakeni yokuqina. Kodwa abafundela ubudokotela babhekana ngqo nezifo ezingelapheki nokufa besebancane. Omunye wachaza okuhlangenwe nakho kwakhe kokuqala esibhedlela ngokuthi “kwakuhlasimulisa ngendlela ecanuzelisayo.” Futhi kungase kubashaqise kakhulu abafundi emazweni acebile nampofu uma beqala ukubona ukuthi kuvame kangakanani ukuba iziguli zincishwe ukwelashwa ezikudingayo ngenxa yokuntuleka kwemali.

Odokotela abasanda kuthola iziqu babhekana kanjani nalokhu kucindezeleka? Ngokuvamile abezokwelapha kudingeka bazihlukanise ngokomzwelo neziguli ngokugxila ezifweni zazo hhayi ezigulini ngokwazo. Esikhundleni sokukhuluma ngomuntu odinga usizo, abasebenza nodokotela bangase bathi, “Dokotela, egumbini lesibili sinomlenze ophukile.” Lokhu kungase kuzwakale kuhlekisa uma ungasiqondi isizathu saleyo ncazelo.

Ukutubeka Ngenxa Yokukhathalela Abanye

Odokotela baqeqeshwa njengososayensi, kodwa kwabaningi ingxenye enkulu yomsebenzi wabo ihilela ukuxoxa neziguli. Abanye odokotela bazizwa bengakulungele ukuhileleka ngokomzwelo okuba khona phakathi kukadokotela nesiguli. Njengoba kuphawuliwe esethulweni, esinye sezimo ezinzima kakhulu kudokotela ukwethulela abantu umbiko obuhlungu. Abanye kudingeka bakwenze nsuku zonke. Abantu abasosizini ngokuvamile bafuna ukukhipha imizwa yabo, ngakho odokotela kulindeleke ukuba balalele. Ukusebenzelana nabantu abakhathazekile, abethukile kungakhandla kangangokuba abanye odokotela banenkinga yokutubeka ngenxa yokukhathalela abanye.

Ekhumbula iminyaka yakhe yokuqala kulo msebenzi, udokotela wemikhaya eCanada wabhala: “Ngangixinwe umsebenzi: abantu abampofu ababefuna isikhathi sami; abantu abacindezelekile ababefuna ukukhuluma ngokucindezeleka kwabo; abantu abagulayo ababedinga usizo lwami; abaxhaphazi ababefuna izinto ngobuqili; abantu ababezongibona; abantu ababefuna ukuba ngibahambele; abantu ababengithinta ngocingo ngisekhaya—ngisho nalapho sengilele. Kwakuhlale kunabantu ngaso sonke isikhathi. Ngangifuna ukusiza, kodwa lokhu kwakungisanganisa.”—A Doctor’s Dilemma, kaJohn W. Holland.

Ingabe lokhu kucindezeleka kuyancipha ngokuhamba kweminyaka? Ngokuvamile ukuhamba kweminyaka kuletha imithwalo ethe xaxa. Kufanele kwenziwe izinqumo ezithinta ukufa nokuphila ngokushesha, mhlawumbe uzenze ungenakho ukwaziswa okwanele. Udokotela othile waseBrithani uthi: “Lapho ngisemncane, kwakungangikhathazi, njengoba nje nentsha ingakhathazeki uma ishayela budedengu. Kodwa njengoba ukhula, uqala ukukwazisa kakhulu ukuphila. Manje izinqumo zokwelapha zingenza ngibe nexhala kunanini ngaphambili.”

Ukucindezeleka kubathinta kanjani odokotela? Umkhuba wokuziqhelelanisa neziguli ngokomzwelo ungadlulela nasebuhlotsheni bomkhaya. Akuve kuyinselele ukuwugwema. Abanye odokotela banozwela olungavamile ekusizeni iziguli ngemizwa yazo. Kodwa angakwenza isikhathi eside kangakanani ngaphambi kokuba azithole esetubekile ngenxa yokukhathalela? Lena inkinga udokotela abhekene nayo.

Ukusebenzelana Neziguli Eziwuhlupho

Lapho bebuzwa ngokucindezeleka kokusebenzelana neziguli, ngokuvamile odokotela baqala ngokuchaza iziguli eziwuhlupho. Mhlawumbe uyazazi ezinye zalezi zinhlobo ezilandelayo.

Okokuqala, kuneziguli ezichitha isikhathi sikadokotela ngokuthemeleza zingachazi ukuthi iyini inkinga. Kukhona neziguli ezibeleselayo ezithinta udokotela ngocingo ebusuku noma ngezimpelasonto kungekho simo esiphuthumayo noma ezifuna ukwelashwa ngendlela udokotela angathandi ukuyitusa. Kukhona futhi neziguli ezingabethembi odokotela. Abanye abantu bacwaninga ukwaziswa okuwusizo ngesifo abanaso, mhlawumbe kuyi-Internet, futhi lokhu kungaba usizo. Kodwa ucwaningo olunjalo lungabenza bangabe besamethemba udokotela abeze kuye. Udokotela angase angabi naso isikhathi sokubonisana ngezinzuzo nezingozi zako konke okutholakele kulolo cwaningo. Kuyamkhungathekisa udokotela uma isiguli singabambisani naye ngoba singamethembi. Ekugcineni, kuneziguli ezingenaso isineke. Ziyeka imithi ngaphambi kokuba iqale ukusebenza, mhlawumbe zize zifune usizo kwenye indawo.

Nokho, ezingxenyeni ezithile zomhlaba ukucindezeleka okukhulu kodokotela akubangelwa yiziguli kodwa kubangelwa abameli.

Ukwelapha Ube Uxwayile

Amazwe amaningi abika ukwanda okukhulu kwamacala okumangalelwa kodokotela. Abanye abameli bafaka amacala awubala ukuze bathole imali. “Benza imali odokotela abayikhokhela umshuwalense ikhuphuke kakhulu,” kuchaza umongameli we-American Medical Association. “La macala abangela nezinye izinkinga. Uma udokotela efakwa enkantolo kungafanele lokho kungabangela ukulimala okukhulu—ukuhlazeka, ukulahlekelwa isikhathi, . . . ukucindezeleka nexhala.” Abanye odokotela baze bafinyelele ngisho naseqophelweni lokuzibulala.

Ngenxa yalokhu, odokotela abaningi baye baphoqeleka ukuba ‘belaphe abantu bebe bexwayile,’ benza izinqumo ezibanika ithuba lokuba bakwazi ukuzivikela enkantolo kunokuba bagxile ekutheni yini eyosiza isiguli. “Ukwelapha iziguli ube ujeqeza ukuze ungangeni enkingeni sekuyindlela yokuphila,” kusho i-Physician’s News Digest.

Njengoba izingcindezi odokotela ababhekene nazo ziqhubeka zanda, abaningi babo bayazibuza ukuthi ikusasa libaphatheleni. Iziguli eziningi zizibuza umbuzo ofanayo, njengoba zibona ukuhlupheka okukhulu okubangelwa yizifo ezithile naphezu kwentuthuko yesayensi yezokwelapha. Isihloko esilandelayo sinikeza umbono ongokoqobo wekusasa lodokotela neziguli.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]

UKUBAMBISANA NODOKOTELA WAKHO

1. Sisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sokubona udokotela ngokulungiselela ukuthi uzoyichaza kanjani inkinga yakho ngokugcwele kodwa ngendlela eshaya emhloleni, uqale ngalokho okukukhathaza kakhulu

2. Gwema ukuthinta udokotela ngocingo ngemva kwesikhathi somsebenzi uma kungezona izimo eziphuthumayo

3. Yiba nesineke. Ukuhlonza isifo nokuselapha ngendlela efanele kuthatha isikhathi

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]

‘NGISHO NOKWELAPHA IZIFO EZIVAMILE KUNGALETHA UKWANELISEKA’

“Likhulu igebe phakathi kwenqubo yokwelapha kule ndawo nasezindaweni ezithe ukuthuthuka. Lapha, ukufundela umsebenzi wobuchwepheshe kubhekwa njengendlela yokubalekela ubumpofu, ngakho abantu bayakuthanda ukufundela ubudokotela. Kodwa kunodokotela abaningi kakhulu, kanti imisebenzi iyindlala. Ngenxa yalokho, odokotela baholelwa kancane. Bambalwa abantu abakwaziyo ukuya kudokotela ozimele. Ngisebenza esibhedlela esidala esinophahla oluvuzayo nemishini eyisisekelo kuphela. Sinodokotela ababili nabahlengikazi abahlanu kuphela. Sisiza abantu abangu-14 000.

“Ngezinye izikhathi iziguli zicabanga ukuthi angizihlolisisi, kodwa uma kuneziguli ezingu-25 ezilindile, awukwazi ukubona isiguli isikhathi eside. Noma kunjalo, ukwelapha iziguli kungilethela ukwaneliseka, ngisho nokwelapha izifo ezivamile. Ngokwesibonelo, omama bavame ukuletha izingane zabo ezingondlekile kahle, eziphelelwe amanzi emzimbeni futhi ezicubuluzayo. Zinamehlo ayethile nobuso obukhathazekile. Ngiyaye ngichazele onina ukuthi bangazisebenzisa kanjani izithako zokubuyisela amanzi emzimbeni, imithi yokubulala amagciwane, namaphilisi. Lapho le mithi isisebenza, ingane iyaye iqale ukudla futhi. Ngemva kwesonto ibukeka njengomuntu ohlukile—iba namehlo akhanyayo, iyamomotheka, futhi ibe nomdlandla. Amathuba okusiza ezimweni ezinjengalezi ángenza ngafuna ukuba udokotela.

“Kusukela ngisemncane, kwakuyiphupho lami ukwelapha abantu abagulayo. Kodwa ukuqeqeshelwa ubudokotela kwangishintsha ngendlela engangingayilindele. Ngabona abantu befa ngenxa yokuntula imadlana nje encane eyayidingeka ukuze bathole ukwelashwa okwakuyosindisa ukuphila kwabo. Kwadingeka ukuba ngiqinise imihlathi ukuze ngingafikelwa usizi. Yilapho sengiboniswa eBhayibhelini ukuthi kungani sihlupheka lapho ngaluqonda khona uzwela lukaNkulunkulu futhi uzwela lwami ngabantu lwavuseleleka. Ngaphinde ngakwazi ukukhala futhi.”

[Isithombe]

UDkt. Marco Villegas usebenza edolobhaneni elisemajukujukwini ase-Amazonia eBolivia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela