Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 3
  • Ukuhlaselwa Ukucindezeleka!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlaselwa Ukucindezeleka!
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
  • Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka
    I-Phaphama!—2005
  • Ukucindezeleka—Kuwusongo Olukhulu Empilweni
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 3

Ukuhlaselwa Ukucindezeleka!

“YINKINGA Yempilo Engungqa-phambili EMelika.” Sasisho njalo isihloko esikhulu sendaba eyanyatheliswa yi-American Institute of Stress, esithi usongo olukhulu empilweni namuhla akuwona umdlavuza noma ingculaza. Siyabika: “Kuvezwé ukuthi abantu abangamaphesenti angaba ngu-75 kuya kwangu-90 abaya kodokotela ngokuvamile bayela izinkinga ezihlobene nokucindezeleka.”

Akulona ihaba ukuthi abantu namuhla bahlaselwe ukucindezeleka. Ngokwe-National Consumers League, “umsebenzi uphezulu eqhulwini ohlwini lwezimbangela zokucindezeleka kubantu abadala abanezinkinga futhi abacindezelekile ekuphileni (39%), bese kulandela izinkinga zomkhaya (30%). Eminye imithombo ihlanganisa nempilo (10%), ukukhathazeka ngezomnotho (9%) nokukhathazeka ngezingxabano zamazwe nobuphekula (4%).”

Nokho, ukucindezeleka akuyona inkinga ekhungethe elase-United States kuphela. Inhlolo-vo eyenziwa eBrithani ngo-2002 yalinganisela ukuthi “abantu abangaphezu kwesigamu sesigidi eBrithani ngo-2001/2 babekholelwa ukuthi banezinga lokucindezeleka okuhlobene nomsebenzi eliphezulu kangangokuthi kwakubagulisa.” Ngenxa “yokucindezeleka okuhlobene nomsebenzi, ukucindezeleka ngokomzwelo noma ukukhathazeka,” kuba “nezinsuku zomsebenzi ezilinganiselwa kweziyizigidi ezingu-13 nesigamu ngonyaka eBrithani ezidliwa ukugula.”

Isimo sibi ngokufanayo nasengxenyeni enkulu yeYurophu. Ngokwe-European Agency for Safety and Health at Work, “kuye kwafakazelwa ukuthi ukucindezeleka okuhlobene nomsebenzi kuhlupha izigidi zezisebenzi zaseYurophu kuyo yonke imikhakha yomsebenzi.” Olunye ucwaningo lwembula ukuthi kuba “nezisebenzi ezingaba yizigidi ezingu-41 [zoMbimbi LwaseYurophu] ezibhekana nokucindezeleka okuhlobene nomsebenzi unyaka ngamunye.”

Kuthiwani ngelase-Asia? Umbiko owakhishwa yingqungquthela eyabanjelwa eTokyo waphetha: “Ukucindezeleka okubangelwa umsebenzi kuyimbangela yokukhathazeka emazweni amaningi omhlaba, kokubili asathuthuka nasethuthukile.” Lo mbiko waphawula ukuthi “amazwe amaningana aseMpumalanga Asia, ahlanganisa iChina, iKorea neTaiwan, aye athuthuka ngokushesha nomnotho wawo wakhula. La mazwe manje akhathazeke kakhulu ngokucindezeleka okubangelwa umsebenzi kanye nemiphumela yako emibi empilweni yezisebenzi.”

Nokho, awudingi ucwaningo ukuze wazi ukuthi abantu bacindezelekile. Kungenzeka kwawena ucindezelekile! Ukucindezeleka kungaba namuphi umphumela oyingozi kuwe nakwabathandekayo bakho? Imikhaya ingafunda kanjani ukubhekana nako? Izihloko ezilandelayo zizohlaziya lezi zindaba.

[Isithombe ekhasini 3]

Kwabaningi, umsebenzi uyimbangela eyinhloko yokucindezeleka

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela