Ukungabi Nakhaya Inkinga Yomhlaba Wonke
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPOLAND
“ISINXIBI esinuka utshwala, esingcolile—esingenalutho, asaziwa nokuthi singubani, asiyinto yalutho nje!” Lona umbono oweqisayo ngempela, kodwa ngokwamavolontiya asebenza nabantu abangenamakhaya eCzestochowa, ePoland, lokhu kumane nje kuyindlela abantu abababheka ngayo labo abangenalo uphahla phezu kwamakhanda abo.
Ngokombiko owakhishwa eminyakeni embalwa edlule kuyi-Economist, ngaphansi kwemigwaqo yase-Ulaanbaatar, eMongolia, iningi lezingane zakuleli dolobha ezingenawo amakhaya zazihlala emihubheni enukayo eyimigudu yesitamukoko noma emapayipini afudumeza idolobha. Lo magazini uthi nakuba lethuswa ukuzwa ngalezi zingane ezingenamakhaya, iningi labantu baseMongolia laphetha ngokuthi lesi simo saba khona “ngenxa yokuthi abantu bavilapha kakhulu ukunakekela izingane zabo.”
Kolunye uhlangothi lomhlaba, izingane ezingenamakhaya zibulawa amaqembu abantu abazibambela umthetho ngezandla abathi bavikela umphakathi. Kungani kunjalo? Incwadi ethile yeZizwe Ezihlangene yachaza: “ELatin America abantu abaningi abasezikhundleni zokwahlulela, amaphoyisa, abezindaba, abahwebi kanye nomphakathi uwonke bakholelwa ukuthi abantwana abangenamakhaya bawusongo emphakathini ophucuzekile.” Yona futhi le ncwadi yathi: “Ngokwesilinganiso izingane ezintathu ezilala emgwaqweni ziyabulawa usuku ngalunye esifundazweni saseRio de Janeiro.”
Abantu abangenamakhaya “basibangela ukwesaba . . . , kodwa nabo bangabantu abezwa ubuhlungu bendlala njengathi. Baningi futhi baswele ngempela.” Yabika kanjalo ingosi ye-Internet yamavolontiya asebenza nabantu abangenamakhaya eCzestochowa. Lo mthombo uqhubeka uthi: “Sithemba ukuthi . . . kuzoba nabantu abazothanda ukusiza laba bantu abantulayo.” Siyini ngempela isidingo, futhi sikhulu kangakanani?
[Isithombe ekhasini 2, 3]
Iqembu lezingane ezingenamakhaya lihlala ngaphansi kwalo mgodi
[Umthombo]
Jacob Ehrbahn/Morgenavisen Jyllands-Posten