Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngizilimaza?
“Ngazisika kabi izihlakala kwaze kwadingeka ukuba ngithungwe. Ngaleso sikhathi, ngatshela udokotela ukuthi ngisikwé ingilazi yesibani, okwakuyiqiniso—ukuthi nje angishongo ukuthi ngangikwenze ngamabomu.”—USasha, oneminyaka engu-23.
“Abazali bami baye baqaphela ukuthi nginezibazi, kodwa babebone ezingezimbi kangako ezifana nemihuzuko. . . . Ngezinye izikhathi babeke babone abangazazi, bese ngenza izaba nje. . . . Angifuni bazi.”—U-Ariel, oneminyaka engu-13.
“Ngangilokhu ngizilimaza kusukela ngineminyaka engu-11. Ngangizazi izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme mayelana nomzimba womuntu, kodwa nalokho imbala akuzange kungivimbe.”—UJennifer, oneminyaka engu-20.
MHLAWUMBE ujwayelene nomuntu ofana noSasha, u-Ariel noJennifer.a Kungaba othile ofunda naye esikoleni. Kungaba ingane yakini. Kungaba nguwena uqobo. E-United States nje kuphela, kulinganiselwa ukuthi izigidi zabantu—iningi lazo okuyintsha—zizilimaza ngamabomu ngezindlela ezihlukahlukene, njengokuzisika, ukuzishisa nokuziphala isikhumba.b
Bazilimaza ngamabomu? Esikhathini esidlule iningi lalingahlobanisa lo mkhuba nemfashini eyinqaba noma nehlelo elithile. Eminyakeni yamuva, ulwazi ngokuphathelene nokuzilimaza—okuhlanganisa ukuzisika—luye lwanda ngendlela emangalisayo. Kusobala nokuthi liye landa ngendlela efanayo nenani labantu abazivezayo ukuthi banale nkinga. “Bonke odokotela bathi liyanda,” kusho uMichael Hollander, umqondisi wesikhungo sokwelapha e-United States.
Ngokuvamile ukuzilimaza akubulali, kodwa kuyingozi. Ngokwesibonelo, cabanga ngoBeth. Uthi: “Uma ngizilimaza, ngisebenzisa insingo. Ngake ngalaliswa esibhedlela kabili. Ngesinye isikhathi kwadingeka ngiphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yenxeba elijulile.” Njengabanye abaphethwe yilesi sifo, uBeth waqhubeka nalo mkhuba waze waba mdala. Uthi: “Bengilokhu ngikwenza kusukela ngineminyaka engu-15, futhi manje senginengu-30.”
Ingabe wena noma othile omaziyo uyisisulu sokuzilimaza? Uma kunjalo, ungadangali. Lukhona usizo. Kuyi-Phaphama! elandelayo sizoxoxa ngokuthi bangasizwa kanjani abantu abazilimazayo.c Nokho, okokuqala kungakuhle sixoxe ngabantu ababa nalesi sifo nokuthi kungani benza lokhu.
Izizinda Ezihlukahlukene
Kunzima ukubabopha ngabhande linye bonke abantu abazilimazayo—noma abantu abazisikayo, njengoba bebizwa kanjalo ngezinye izikhathi. Abanye bavela emikhayeni enezinkinga; abanye kwezinzile, abanye kwejabulayo. Abaningi abaphumeleli esikoleni, kodwa abanye benza kahle kakhulu. Ngokuvamile, abantu abazisikayo abanazo izimpawu zokuthi banenkinga, ngoba umuntu okhungethwe usizi akavamile ukubonakala ngaphandle. IBhayibheli lithi: “Ngisho nasekuhlekeni inhliziyo ingaba sebuhlungwini.”—IzAga 14:13.
Ngaphezu kwalokho, izinga lokuzilimaza kubantu ngabanye liyahlukahluka. Ngokwesibonelo, kokunye ukuhlola kwatholakala ukuthi abanye abantu bazisika kanye ngonyaka, kanti abanye bazisika okungenani kabili ngosuku. Kuyathakazelisa ukuthi kunabesilisa abengeziwe abazilimazayo manje kunalokho okwakucatshangwa ngaphambili. Kodwa le nkinga ivame kakhulu emantombazaneni asanda kuthomba.d
Nakuba bengafani, abanye balaba bantu abazilimazayo babonakala benezici ezithile ezifanayo. Enye i-encyclopedia ephathelene nentsha ithi: “Intsha esanda kuthomba ezilimazayo ngokuvamile izizwa ingenamandla, ikuthola kunzima ukutshela abanye abantu engabethemba ngemizwelo yayo, izwa sengathi ilahliwe noma ishiywe dengwane, iyesaba futhi ayizethembi.”
Yiqiniso, abanye bangase bathi le ncazelo ingafanelana nanoma yimuphi umuntu osemusha obhekene nokwesaba kanye nokungazethembi kokukhula. Nokho, kumuntu ozilimazayo le nselele inzima kakhulu. Ukuntula komuntu amazwi okuveza indlela akhathazeke ngayo kothile amethembayo kungenza ukucindezeleka esikoleni, izinselele zasemsebenzini noma izingxabano ekhaya kubonakale kuyintaba. Umuntu ozilimazayo akasiboni isisombululo futhi uba nomuzwa wokuthi akekho angaxoxa naye. Uba nomuzwa wokuthi ukucindezeleka akubekezeleleki. Ekugcineni, uthola okuthile: Ngokuzilimaza emzimbeni ubonakala ethola ukukhululeka okuthile ebuhlungwini obungokomzwelo, futhi uzizwa engaqhubeka nokuphila—okungenani okwesikhashana.
Kungani umuntu ozisikayo ephendukela ekuzizwiseni ubuhlungu ngokomzimba ukuze akhululeke ebuhlungwini obungokomzwelo? Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzekayo lapho uye kwadokotela futhi eselungele ukukujova. Njengoba eqala ekujova, wake wazithola yini usuzincweba noma mhlawumbe uzihlaba ngozipho, ukuze nje ususe ingqondo enalitini ekuhlabayo? Lokhu kuyefana nalokho okwenziwa umuntu ozilimazayo, nakuba yena ekwenza ngendlela eyingozi kakhulu. Kumuntu ozilimazayo, ukuzisika kuletha ukukhululeka futhi kususe nengqondo ebuhlungwini obungokomzwelo. Ubuhlungu obungokomzwelo bukhulu kakhulu kangangokuba ubuhlungu obungokomzimba bungcono uma buqhathaniswa nabo. Mhlawumbe kungakho omunye umuntu ozilimazayo achaza lo mkhuba wokuzisika ngokuthi “ikhambi lokwelapha ukwesaba kwami.”
“Ithuluzi Lokubhekana Nokucindezeleka”
Kulabo abangayijwayele le nkinga, ukuzilimaza kungase kubonakale kuwumzamo wokuzibulala. Kodwa ngokuvamile akunjalo. “Empeleni, laba bantu bazama ukuqeda ubuhlungu babo, hhayi ukuphila kwabo,” kuloba uSabrina Solin Weill, umhleli kamagazini wentsha. Ngakho, enye incwadi ichaza ukuzilimaza “‘njengendlela yokusindisa ukuphila’ hhayi yokukuqeda.” Iphinde ibize lo mkhuba ngokuthi “ithuluzi lokubhekana nokucindezeleka.” Hlobo luni lokucindezeleka?
Kuye kwatholakala ukuthi iningi labazilimazayo liye labhekana nosizi, njengokuhlukunyezwa ebuntwaneni noma ukunganakwa. Kwabanye, inkinga ibangelwa izingxabano emkhayeni noma umzali owumlutha wotshwala. Kwabanye, kuhileleke nokuphazamiseka kwengqondo.
Zingaba khona nezinye izinkinga. Ngokwesibonelo, uSara wayenenkinga enkulu yokuzigxeka ngokweqile ngamaphutha akhe. Nakuba ayenze amaphutha angathí sina futhi wathola usizo lwabadala abangamaKristu, wazizwa enecala ngokudlulele ngokungapheleli kwakhe kwansuku zonke. USara uthi: “Ngabona ukuthi kufanele ‘ngiziphathe ngengalo eqinile.’ Kimina ukuzilimaza kwakumane nje kuwukuzifaka endleleni. ‘Ukuzifaka endleleni’ kwami kwakuhlanganisa nokuzidonsa izinwele, ukuzisika izihlakala nezingalo, ukuzishaya ngizilimaze kabi, futhi ngangizijezisa ngokufaka isandla sami emanzini ashisa bhe, ngihlale emakhazeni ashubis’ umnkantsha ngaphandle ngingagqoke jazi, noma ngihlale usuku lonke ngingadlile.”
KuSara, ukuzilimaza kwakuwukuveza indlela azenyanya ngayo. “Kunesikhathi lapho ngangazi khona ukuthi uJehova ungixolele ngamaphutha ami,” kusho uSara, “kodwa ngangingafuni ukuba angixolele. Ngangifuna ukuhlupheka ngoba ngangizizonda kakhulu. Nakuba ngangazi ukuthi uJehova wayengeke enze indawo yokuhlukumeza njengesihogo seLobukholwa, ngangifuna angakhele eyami nje kuphela.”
“Izikhathi Ezibucayi”
Abanye bangase bazibuze ukuthi kungani lo mkhuba omubi kangaka uvela manje kula mashumi eminyaka. Nokho, abafundi beBhayibheli bayazi ukuthi lezi ‘yizikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Ngakho, abamangali lapho bezwa ukuthi abantu—kuhlanganise nentsha—baphendukela ekuziphatheni okunzima ukukuchaza.
IBhayibheli liyavuma ukuthi “ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.” (UmShumayeli 7:7) Izinselele zobusha—ngezinye izikhathi ezihlangene nezimo ezidabukisayo umuntu abhekana nazo—zingaba yizimbangela eziholela ekuziphatheni okuyingozi kuhlanganise nokuzilimaza. Osemusha ozizwa eshiyiwe futhi okholelwa ukuthi akekho umuntu angaxoxa naye angaphendukela ekuzisikeni ezama ukukhululeka. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ukuzilimaza kungabonakala kuletha ukukhululeka okungakanani, kuba okwesikhashana. Ngokushesha nje izinkinga ziyabuya, kanjalo nokuzilimaza.
Ngokuvamile, labo abanomkhuba wokuzilimaza bayafuna ukuwuyeka kodwa bakuthola kunzima kakhulu. Abanye baye bawunqoba kanjani lo mkhuba wokuzilimaza? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayeka Kanjani Ukuzilimaza?” kuyi-Phaphama! ka-February 2006.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
b Ukuzilimaza akufanele kuphanjaniswe nokubhoboza umzimba noma ukudweba imifanekiso emzimbeni. Ngokuvamile, ukudweba umzimba kuhambisana kakhulu nemfashini hhayi ukuphoqelelwa imizwelo. Bheka i-Phaphama! ka-August 8, 2000, ikhasi 18-9.
c ULevitikusi 19:28 uthi: “Akumelwe nisike inyama yenu ngenxa yomphefumulo oshonile.” Leli siko lobuqaba—ngokusobala elaliklanyelwe ukushweleza konkulunkulu okwakucatshangwa ukuthi babusa abafileyo—lihlukile emkhubeni wokuzilimaza okukhulunywa ngawo lapha.
d Ngenxa yalesi sizathu, sizokhuluma ngabesifazane abazilimazayo. Nokho, izimiso ezisetshenziswayo zisebenza kwabesilisa nabesifazane.
LOKHO OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Kungani enye intsha iphendukela ekuzilimazeni?
◼ Ngemva kokufunda lesi sihloko, zikhona yini ezinye izindlela ezingcono ozicabangayo zokubhekana nemizwa ecindezelayo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Ngisho nasekuhlekeni inhliziyo ingaba sebuhlungwini; futhi ukujabula kuphelela osizini.”—IzAga 14:13
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
“Ngokuvamile, laba bantu bazama ukuqeda ubuhlungu babo, hhayi ukuphila kwabo”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’—2 Thimothewu 3:1