Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Uhlelo Olusha Lwe-Phaphama! Izolo ebusuku ngiqede ukufunda i-Phaphama! ka-January 2006. Ngiyithanda kakhulu indlela entsha ehlelwe ngayo! Manje i-Phaphama! isiwumagazini ongawutadisha, ohlelwe ngendlela eyenza umfundi acabange. Kusukela ekhasini lokuqala kuye kwelokugcina, ngiyasibona isandla sikaJehova ekuthuthukiseni ingokomoya lethu.
B. N., Canada
Ngineminyaka engu-16 ubudala. Lezi ngxenye ezintsha ze-Phaphama! zizosisiza kakhulu ekutadisheni iBhayibheli. Ezinye izihloko zinochungechunge lwemibuzo esiza umfundi ukuba azindle ngalokho akufundile. Ngiyakujabulela ukusebenzisa i-Phaphama! emisebenzini yami yesikole. Ngifisa sengathi ningaqhubeka nisinyathelisela lokhu kwaziswa okuhle futhi okuwusizo kangaka.
S. N., Namibia
Ngasekelwa Ukholo Lwami—Ukuphila Ne-ALS (January 2006) Ngemva kokufunda okuhlangenwe nakho kukaJason Stuart, zonke izinkinga zami zabonakala ziyize. Ngabona ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo esiyinikela kuye ngokwezimo zethu. Ngiyamhlonipha umkaJason ngokuzinikela kwakhe nangokwethembela kuJehova. Lokhu kuyohlala njalo enhliziyweni yami futhi kuyongisiza ukuba ngibhekane nezinkinga kusasa.
C.R.S., Peru
Ngakhala ngemva kokufunda indaba kaJason, hhayi ngenxa yokuthi yangithinta lapho ngifunda ngobunzima abhekana nabo, kodwa nangenxa yokuthi njengomunye woFakazi BakaJehova ngiyaziqhenya ngokuba nomfowethu ongokomoya ngale ndlela. Ngenxa yalesi sihloko, ngiyakubona ukubaluleka kokuzilungiselela uvivinyo, njengoba “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” singasehlela sonke.—UmShumayeli 9:11.
T. A., Hungary
Umama wabulawa yi-ALS. Ngakho-ke okuhlangenwe nakho kukaJason kwangithinta inhliziyo. Isibonelo sakhe sangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngenza konke okusemandleni ami enkonzweni. Ngithandazela ukuba uJehova aqhubeke emqinisa lo mzalwane nomkakhe.
L.Z.G., Paraguay
Iqiniso lokuthi uJason wachitha isikhathi sakhe egxile esifundweni somuntu siqu lapho esewumqemane, futhi ngenxa yalokho waba namandla angokomoya okumsekela lapho esewadinga, langenza ngacabanga. Laqinisa ukuzimisela kwami ukushisekela isifundo somuntu siqu seBhayibheli.
Y. M., Japan
Intsha Iyabuza—Kungani Ngizilimaza? (January 2006) Njengosemusha nganginenkinga yezidakamizwa notshwala, kodwa inkinga enkulu kakhulu okwakufanele ngibhekane nayo kwakuwukuzilimaza. Kuye kwaba yimpi eqhubekayo, kodwa izihloko ezinjengalesi ziye zanginika amandla okukhuthazela. Ngiswele amazwi okubonga.
E. C., United States
Ukuzilimaza bekulokhu kuyingxenye yokuphila kwami kusukela ngisemusha. Manje ngineminyaka engu-56 ubudala. Lo mkhuba wami wokuzilimaza ngiwuyeke eminyakeni emine edlule, kodwa ngezinye izikhathi izinkinga zami ziba nkulu kangangokuba ngiye ngifise ukukwenza. Lesi sihloko sifinyelele ekujuleni kwenhliziyo yami. Sizokwenza abantu abafana nami bakwazi ukuphinda babhekane nokuphila.
Igama ligodliwe, Netherlands
Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngithanda ukunibonga ngalesi sihloko. Nginenkinga yokuzilimaza. Muva nje, ngiphinde ngazisika. Ngemva kwalokho, ngaya kumama ngamcela ukuba athandaze nami. Naphezu kwale nkinga, ngiye ngafunda ukuthi uJehova uyangithanda. Siwusizo kakhulu isihloko senu, futhi ngimbonga kakhulu uNkulunkulu ngaso!
N. M., Czech Republic
“Yisimanga lesi!” Yindlela engasabela ngayo lapho ngibona lesi sihloko. Ngineminyaka engu-18 ubudala. Bengilokhu ngizilimaza. Ubuhlungu bungisiza ukuba ngibambe imizwa yami. Ngokuvamile ngiba nomuzwa wokufuna ukuzizwisa ubuhlungu, futhi angazi ukuthi ngingalwa kanjani nemizwa enjalo. Kwangimangalisa kakhulu ukubona lesi sihloko. Izinyembezi zazehlela, ngambonga uJehova ngomthandazo. Induduzo enjengalena itholakala enhlanganweni kaJehova kuphela!
A. P., Russia
Lapho ngineminyaka engu-14, ngaqala ukudambisa ubuhlungu bami obungokomzwelo ngokuzilimaza. Ngesinye isikhathi, kwaze kwadingeka ukuba ngiye esibhedlela ngenxa yakho. Ukuba nencwadi yokubhala izenzakalo zosuku nosuku kuye kwangisiza kakhulu ukuze ngihlale ngihlola izimpawu zami zokuzilimaza. Futhi lapho ngizwa kuthi angizilimaze, ngishayela umngane onozwela ucingo. Umthandazo uye wangisiza kakhulu. Abangane nabadala abangamaKristu baye bathandaza nami lapho ngizizwa ngingafaneleki ukuba ngithandaze. Kuyimpi enzima, kodwa ngiye ngafunda ukuthi ngingabhekana kanjani nakho futhi ngamukele lonke usizo olukhona ukuze ngingazilimazi.
N. W., Germany
Isithombe esisekhasini lokuqala lalesi sihloko sabonisa intombazane izidonsa izinwele, futhi lesi sihloko sikhuluma “ngoSara,” owayezidonsa izinwele ukuze azijezise. Indodakazi yami inesifo sokuzidonsa izinwele esibizwa ngokuthi i-trichotillomania. Lesi sifo sihlobene nesifo sokungakwazi ukuzilawula. Sibangelwa ukucindezeleka, hhayi isifiso sokuzilimaza. Ukuzidonsa izinwele akuholeli ekuzisikeni.
M. H., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Igama elithi “trichotillomania,” elaqanjwa ngasekupheleni kwekhulu le-19, lisho ukuphazamiseka kokuziphatha okubonakala ngesifiso esingalawuleki sokuzidonsa izinwele. Njengoba isithombe sethu sasizama ukufanekisa ngaphandle kokweqisa, abanye baye basebenzisa ukuzidonsa izinwele njengendlela yokuzilimaza. Nokho, lokhu akusho ukuthi wonke umuntu ozidonsa izinwele uwuhlobo lwalabo abazilimazayo okukhulunywa ngabo esihlokweni sethu. Njengoba umfundi ngenhla ebonisa, ngezinye izikhathi lo mkhuba uhlobana kakhulu nesifo sokungakwazi ukuzilawula.
Noma ngabe yikuphi, ezinye izazi ziyachaza ukuthi imbangela ye-“trichotillomania” kufanele icatshangelwe ukuze kutholakale ukwelashwa okuvumelana nezidingo zomuntu ophethwe yilesi sifo. Ngakho-ke, kungase kube ukuhlakanipha ngalabo abanale nkinga ukuba baye kochwepheshe bezempilo ukuze baxilongwe bathole nendlela yokwelashwa.
Ubungaphendula Kanjani? (January 2006) Siyangijabulisa kakhulu lesi sihloko esisha! Sifundisa abazukulu bethu, futhi lokhu kuzoba isenezelo esihle ekufundeni iBhayibheli kwabo kwansuku zonke nezihloko ze-Phaphama! abazifunda njengengxenye yomsebenzi wabo wesikole. Siyanibonga ngokubakhathalela kangaka abantwana.
B. E., United States
Le ngxenye iyinselele, kodwa lapho ngithola impendulo ngijabula kakhulu! Ngichithe ubusuku bonke izolo kuleli khasi; belithakazelisa ngempela! Uma sengikhulile, ngingathanda ukusiza ekwenzeni lo magazini ukuze abanye bafunde ngoJehova!
D. H., United States
Ngineminyaka engu-8. Umkhaya wakithi ulisebenzisile leli khasi esifundweni somkhaya. Siyakujabulela ukucwaninga okudingeka sikwenze. Ingxenye ethi “Ngingubani?” ingase ibe nzima, kodwa siyayithanda leyo nselele. Qhubekani nomsebenzi omuhle.
C. W., United States