Ukubuka Okwezwe
“Izingane ezingaba izigidi eziyisi-thupha njalo ngonyaka—eyodwa emizuzwaneni emihlanu—zibulawa ukungatholi ukudla okwanele.”—UJAMES T. MORRIS, UMQONDISI OMKHULU WE-WORLD FOOD PROGRAMME
◼ Inani elaziwayo labo bonke abantu abaye babulawa iSiphepho uKatrina, esagadla eningizimu ye-United States ngo-August 2005, lingaphezu kuka-1 300.—I-WASHINGTON POST, E-U.S.A.
◼ Ukuzamazama komhlaba okwagadla enyakatho yePakistan naseNdiya ngo-October 2005 kwadlula nokuphila kwabantu abangaphezu kuka-74 000.—I-BBC NEWS, EBRITHANI.
◼ Omunye umbiko ubonisa ukuthi “unyaka ngamunye kufa abantu abangaba izigidi ezingu-1,2 ezingozini zezimoto emhlabeni wonke.”—I-SOUTH AFRICAN MEDICAL JOURNAL, ENINGIZIMU AFRIKA.
Amagugu Ayinkinga
Izikhulu zeSonto LamaRoma Katolika zibhekene nenkiyankiya njengoba zingazi ukuthi zingayivikela kanjani imidwebo eyingcebo yangenkathi yamakoloni okuhlotshiswe ngayo emasontweni asePeru. Kule minyaka eyisithupha edlule, izigebengu ziye zaphanga amasonto angu-200. Eminyakeni engu-15 edlule, eCuzco nje kuphela kuye kwebiwa izinto zobuciko ezingaba ngu-5 000, ikakhulu imidwebo eyigugu edwetshwe ngopende kawoyela. Akekho onolwazi olugcwele lokuthi mingaki imidwebo esilahlekile ezweni lonke. Ukuze abhuntshise imizamo yabaphangi, amanye amasonto aye afihla imidwebo yawo, nakuba eyibeke ezindaweni ezingafanelekile. Eminye imidwebo kapende kawoyela yesonto elithile yadliwa amagundane.
Inhlekelele Yezisebenzi EFinland
Imikhakha yezimboni nezinkonzo eFinland idinga izisebenzi ezinamakhono eseziphothulile ezikoleni zokuqeqeshelwa imisebenzi, njengababazi, abasebenza ngamapayipi, abashiseli, abakhi, omakhenikha, abanolwazi lwemishini nabahlengikazi. Kungani? Kuye kwagcizelelwa kakhulu imfundo ephakeme, kuchaza iphephandaba i-Helsingin Sanomat. UHeikki Ropponen we-Federation of Finnish Retailers uthi: “Akunangqondo ukugqugquzela sonke isizukulwane ukuba sibe neziqu zobudokotela neze-master kwezobuciko nesayensi. Kufanele kuqokonyiswe kakhulu imfundo yokuqeqeshelwa imisebenzi yezandla.”
Isinqumo Senkantolo Esivuna OFakazi EFrance
Ngo-December 1, 2005, iNkantolo Yezikhalo YaseParis yayala ungqongqoshe wezangaphakathi waseFrance ukuba anike oFakazi BakaJehova imvume yokuthola izincwadi zamaphoyisa ezasetshenziswa ukuze bafakwe ohlwini lwezinhlangano ezingathandwa ezibhekwa ‘njengehlelo’ ngo-1996. Lolu hlu lwabhalwa ngemva kokwethulwa kwezikhalo ngasese, futhi okuqukethwe kulezi zincwadi kwagcinwa kuyimfihlo ukuze ‘kuvikelwe uMbuso nomphakathi.’ Nokho, inkantolo yathola ukuthi lapho “kuhlolwa imiphumela” yemisebenzi yoFakazi njengoba ibhalwe kulezi zincwadi, “yayingenasisekelo.” Noma kunjalo, lolu hlu luye lwasetshenziswa ngokuphindaphindiwe ukuze kuvunwe ukuphathwa kabi koFakazi BakaJehova eFrance.
‘Udonga Olukhulu Oluluhlaza’
Ukusetshenziswa kwamadlelo ngokweqile, isomiso, ukuqothulwa kwamahlathi kanye nokusetshenziswa kakhulu kwemithombo yamanzi kwenza izindawo eziningi zaseChina zigcwale izintuli. Ngakho i-New Scientist ithi iziphathimandla zaseChina ziye zaqala “uhlelo lokutshala izihlahla olungakaze lwenziwe emhlabeni wonke. Kulolu hlelo, oluye lwabizwa ngokuthi ‘udonga olukhulu oluluhlaza,’ kuye kwatshalwa izihlahla eziningi kakhulu ukuze zibe udonga oluvimba izintuli ukuba zingasabalali kuyo yonke indawo.” Kuye kwatshalwa utshani kanye nezihlahlana ukuze kuvinjelwe inhlabathi ukuba ingaphakami ibe yizintuli. Njengoba lwaqalwa ngo-1978, lolu hlelo cishe selumaphakathi nomgomo walo wokutshala izihlahla nezitshalo ezingamila ezindaweni eziwugwadule ezingamahekthare ayizigidi ezingu-35.