Ubungaphendula Kanjani?
KWENZEKA KUPHI?
1. Lesi senzakalo senzeka kumuphi umuzi?
Kokelezela impendulo yakho ebalazweni.
ITarsu
I-Antiyokiya (yaseSiriya)
IDamaseku
IJerusalema
◆ Ubani okubhasikidi?
․․․․․
◆ Kungani ebaleka kulo muzi?
․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngakho: Kunini lapho kungase kudingeke ukuba ubaleke endaweni enezinkinga? Ingabe amaKristu kumelwe abaleke njalo ezindaweni ezinezinkinga? Kungani uphendula kanjalo?
KWENZEKA NINI?
Dweba umugqa osuka esithombeni uye onyakeni oqondile.
1513 B.C.E. 1512 1473 1450 468 455
NGINGUBANI?
5. Ngangingumthungi wezingubo; amagama ami womabili asho “Insephe,” futhi ngavuswa kwabafileyo.
NGINGUBANI?
6. Ngangihlala ngasolwandle futhi ngake ngabungaza isivakashi esidumile emzini wami esasithanda inhlanzi. Sobabili sasinamagama afanayo.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 8 Indoda kufanele imphathe kanjani umkayo? (Kolose 3:____)
Ikhasi 8 Iyiphi indlela engcono kunazo zonke yokuxazulula izinkinga zomshado? (1 Petru 4:____)
Ikhasi 15 Ingabe uNkulunkulu unendawo eqondile ahlala kuyo? (1 AmaKhosi 8:____)
Ikhasi 25 Ungasitholaphi iseluleko esihle kakhulu ngomsebenzi ongawukhetha? (IzAga 3:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 13)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. EDamaseku.—IzEnzo 9:19, 25.
◆ USawulu, kamuva owaba nguPawulu.—IzEnzo 9:17-19.
◆ AmaJuda ayefuna ukumbulala ngenxa yokushumayela kwakhe.—IzEnzo 9:22-24.
2. 1450 B.C.E.
3. 1513 B.C.E.
4. 468 B.C.E.
5. UThabitha, noma uDorka.—IzEnzo 9:36-41.
6. USimoni umshuki.—IzEnzo 10:5, 6.